Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-JW LIBRARY

Ukuqala Ukusebenzisa I-JW Library​—Kuyi-Android

Ukuqala Ukusebenzisa I-JW Library​—Kuyi-Android

Siyakwamukela kuyi-JW Library. Le app yenzelwe ukufunda nokutadisha iBhayibheli. Izingxenye eziyinhloko zale app uzithola ngokuvula idrowa lokuthubeleza. Ukuze uvule idrowa lokuthubeleza, swayipha usuka ekugcineni kwesikrini kwesobunxele noma uthinte inkinobho yeMenu ekhoneni eliphezulu kwesobunxele.

 IBhayibheli

Ingxenye ethi iBhayibheli ikusiza ufunde futhi ufake nezinye izinguqulo zeBhayibheli. Ukuze uqale ukufunda, thinta incwadi yeBhayibheli kanye nesahluko. Njengoba ufunda, ewindini lokuTadisha ungakwazi nokubona imibhalo yaphansi, izikhombo eziseceleni nendlela ezinye izinguqulo eziwubeke ngayo umBhalo ovuliwe.

Ukuze ubheke omunye umBhalo, vula idrowa lokuthubeleza bese uphinde uthinte iBhayibheli ukuze ubuyele ohlwini lwezincwadi zeBhayibheli.

 Izincwadi

Ingxenye ethi Izincwadi ikusiza ubone okufundwayo, okulalelwayo nama-video. Ukuze uqale ukufunda, thinta incwadi nesihloko. Njengoba ufunda, ungabheka nemiBhalo ekhonjiwe. Ukuze ubone umBhalo okhonjiwe ewindini lokuTadisha, uthinte. Ukuze uwuvule eBhayibhelini, thinta i-link esewindini lokuTadisha.

Uma ufuna ukuvula enye incwadi, vula idrowa lokuthubeleza bese uphinda uthinte esithi Izincwadi ukuze ubone uhlu lwezincwadi.

 UmBhalo Wosuku

Ukuze uvule umBhalo wosuku, vula idrowa lokuthubeleza bese uthinta esithi UmBhalo Wosuku.

 Izingosi

Ingxenye ethi Izingosi edroweni lokuthubeleza inama-link akuyisa ezingosini zethu ezisemthethweni.

 Thola Okuthuthukisiwe

Ukuze ungasaleli emuva ekuthuthukisweni kwe-JW Library, qiniseka ukuthi ufake eyamuva.

Kuwumqondo omuhle ukufaka i-Android yamuva etholakalayo emshinini wakho. Bheka i-link elandelayo ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe: https://support.google.com/nexus/answer/4457705.

Ukuze kube lula, ungacupha umshini wakho ukuba uthole ama-app athuthukisiwe ngokuzenzakalelayo. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka le-link: https://support.google.com/googleplay/answer/113412.