Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

I-JW LIBRARY

Ukufaka Nokuhlela Ama-bookmark—Kuyi-Android

Ukufaka Nokuhlela Ama-bookmark—Kuyi-Android

Uphawu lwama-bookmark olukuyi-JW Library lwenza ukwazi ukubeka uphawu kunoma iyiphi incwadi, njengoba ubungenza ngokufaka okuthile ekhasini lencwadi enyathelisiwe. Incwadi ngayinye kuyi-JW Library inama-bookmark ayishumi.

Ukuze usebenzise i-bookmark, landela lezi ziyalezo:

 Ukufaka I-bookmark Entsha

I-bookmark ungayifaka esihlokweni, esahlukweni, esigabeni noma evesini leBhayibheli.

Ukuze ufake i-bookmark esihlokweni noma esahlukweni, thinta inkinobho ye-Bookmark. Kuvuleka uhlu olubonisa ama-bookmark encwadi oyivulile. Thinta i-bookmark engakasetshenziswa ukuze uyifake esihlokweni noma esahlukweni.

Ukuze ufake i-bookmark esigabeni noma evesini leBhayibheli, qala ngokuthinta okubhaliwe bese uthinta inkinobho ye-Bookmark kuyi-menu evelayo.

 Ukuya Endaweni Ene-bookmark

Ukuze uye endaweni ene-bookmark, vula incwadi obuyifake kuyo bese uthinta inkinobho ye-Bookmark. Thinta i-bookmark ofuna ukuyibona.

 Ukuhlela Ama-bookmark Akho

Uma i-bookmark isifakiwe, ungayidilitha noma ufake enye esikhundleni sayo. Ukuze udilithe i-bookmark, thinta inkinobho ye-Bookmark bese uthinta inkinobho yoKunye eseceleni kwe-bookmark ofuna ukuyidilitha. Thinta elithi Dilitha.

Ukuze ufake enye i-bookmark esikhundleni sekhona, thinta inkinobho ye-Bookmark bese uthinta inkinobho yoKunye eseceleni kwe-bookmark ofuna ukuyisusa. Thinta athi Faka Okusha. I-bookmark ibe isingena endaweni okuyo manje. Lokhu kuwusizo ekufakeni uphawu endaweni obuyifunda encwadini. Ngokwesibonelo, uyakwazi ukubona lapho ogcine khona ekufundeni kwakho iBhayibheli kwansuku zonke.

Lezi zici zaqala ukuba khona kuyi-JW Library 1.4, eyakhululwa ngo-February 2015, esebenza kuyi-Android 2.3 noma eyamuva. Uma ungaziboni lezi zici, sicela ulandele iziyalezo ezisesihlokweni esithi “Ukuqala Ukusebenzisa I-JW Library​—Kuyi-Android,” ngaphansi kwesithi Ukuthola Uhlelo Oluthuthukisiwe.