Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-JW LIBRARY

Ukudawuniloda Nokuhlela AmaBhayibheli​—Kuyi-Android

Ukudawuniloda Nokuhlela AmaBhayibheli​—Kuyi-Android

Ukufunda nokutadisha iBhayibheli kuyinto ebalulekile kuyi-JW Library.

Ukuze udawunilode futhi uhlele amaBhayibheli, landela lezi ziyalezo:

 Ukudawuniloda IBhayibheli

Izinguqulo zeBhayibheli ungazidawuniloda ukuze uzifunde futhi uzitadishe ngisho usuyivalile i-Internet.

  • Vula idrowa lokuthubeleza, uthinte elithi IBhayibheli; uzobona uhlu lwezincwadi zeBhayibheli.

  • Thinta inkinobho yeziLimi ukuze ubone wonke amaBhayibheli atholakalayo. Izinguqulo zezilimi ovame ukuzisebenzisa ziba sekuqaleni kohlu. Uma uthanda, ungamane ulubhale ulimi noma inguqulo yeBhayibheli oyifunayo. Ngokwesibonelo, bhala ukuthi “int” ukuze uthole i-Kingdom Interlinear yesiNgisi noma ukuthi “port” ukuze uthole wonke amaBhayibheli esiPutukezi.

  • AmaBhayibheli ongakawadawunilodi anesithonjana sefu. Ukuze udawunilode iBhayibheli, lithinte. Uma lelo Bhayibheli selidawunilodekile, ifu liyanyamalala. Phinda ulithinte iBhayibheli ukuze ulifunde.

Uma ungayiboni inguqulo yeBhayibheli oyifunayo, sicela uphinde uyibheke ngesinye isikhathi. Izinguqulo ezengeziwe ziyofakwa uma sezitholakala.

 Ukudilitha IBhayibheli

Ungayidilitha inguqulo yeBhayibheli uma ungasayidingi noma uma ufuna ukuvula isikhala.

Vula idrowa lokuthubeleza uthinte elithi IBhayibheli, bese uthinta inkinobho yeZilimi ukuze uvule uhlu lwamaBhayibheli. Thinta inkinobho yoKunye eseceleni kweBhayibheli ofuna ukulidilitha; bese uthinta elithi Dilitha.

 Ukuthola IBhayibheli Elithuthukisiwe

Ngezinye izikhathi iBhayibheli olidawunilodile lingase lithuthukiswe.

IBhayibheli eselithuthukisiwe linesithonjana sokuvuselela. Uma ulithinta lelo Bhayibheli, uzobona umyalezo oshoyo ukuthi selithuthukisiwe. Thinta elithi Dawuniloda ukuze uthole elithuthukisiwe, noma amagama athi Ngesinye Isikhathi uma ufuna ukuqhubeka usebenzisa onalo.

Lezi zici zaqala ukuba khona kuyi-JW Library 1.4, eyakhululwa ngo-February 2015, esebenza kuyi-Android 2.3 noma eyamuva. Uma ungaziboni lezi zici, sicela ulandele iziyalezo ezisesihlokweni esithi “Ukuqala Ukusebenzisa I-JW Library​—Kuyi-Android,” ngaphansi kwesithi Ukuthola Uhlelo Oluthuthukisiwe.