Ngithembele Kuwe
Dawuniloda:
1. Ngabe ngiyini Jehova
Ngale kwakho Baba?
Ngamaphiko akho Baba
Ngiyavikeleka.
Ngicasha ngiphephe
Kulezi z’phepho.
Ngithembele kuwe Jehova.
(CHORUS)
Dwala lami! Nqaba yami!
Ngohlale ng’phephela kuwe.
Hawu lami! Mkhululi wam’!
Awukaz’ ungidumaze.
Ubulokh’ ungisiza.
Ngizothembela kuwe Dwala lami!
2. ‘Ma ng’khuluma nawe Baba
Ngithola amandla.
Lapho ukhuluma nami
Uyangiduduza.
Sehlelwa iz’lingo—
Sises’phelweni.
Ngithembela kuwe ngiphephe.
(CHORUS)
Dwala lami! Nqaba yami!
Ngohlale ng’phephela kuwe.
Hawu lami! Mkhululi wam’!
Awukaz’ ungidumaze.
Ubulokh’ ungisiza.
Ngizothembela kuwe Dwala lami!
(CHORUS)
Dwala lami! Nqaba yami!
Ngohlale ng’phephela kuwe.
Hawu lami! Mkhululi wam’!
Awukaz’ ungidumaze.
Ubulokh’ ungisiza.
Ngizothembela kuwe Dwala lami!
We Dwala lami!
(Bheka neHu. 18:2; 119:114.)

