Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani AmaKristu Ebhapathizwa?

Kungani AmaKristu Ebhapathizwa?

Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu

Kungani AmaKristu Ebhapathizwa?

Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.

1. Lusho ukuthini ubhapathizo lobuKristu?

Ubhapathizo luyisicelo sokuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Ngakho umKristu kufanele abhapathizwe, hhayi lapho ewusana kodwa lapho esekhule ngokwanele ukuthi angafunda ngoNkulunkulu futhi abe ngumfundi kaJesu. (IzEnzo 8:12; 1 Petru 3:21) Siba abafundi bakaJesu uma sifunda futhi senza izinto ayala ukuba zenziwe.—Funda uMathewu 28:19, 20.

Osukwini lwabaphostoli bakaJesu, abaningi bathatha isinyathelo ngokushesha sokufunda ngoNkulunkulu nangoJesu. Ngokwesibonelo, lapho enye indoda izwa ukuthi ukufa kukaJesu kuvule indlela yensindiso, yaba umfundi ngaphandle kokulibala. Namuhla abantu abaningi abathobekile baye bakhetha ukuba abalandeli bakaJesu.—Funda izEnzo 8:26-31, 35-38.

2. Kungani uJesu abhapathizwa?

UJesu wayeneminyaka ecishe ibe ngu-30 lapho uJohane umbhapathizi emcwilisa eMfuleni iJordani. Ubhapathizo lukaJesu lwalufanekisela isinqumo sakhe sokwenza intando kaNkulunkulu ngaye. (Hebheru 10:7) Lokhu kuhlanganisa nokunikela ngokuphila kwakhe kube umhlatshelo wezono zabantu. Ngisho nangaphambi kokuza emhlabeni, uJesu ubelokhu emthanda futhi emlalela uYise, uJehova.—Funda uMarku 1:9-11; Johane 8:29; 17:5.

3. Kungani umKristu kufanele abhapathizwe?

Isimo sethu asifani nesikaJesu—thina sizalwa siyizoni. Nokho, umhlatshelo wokufa kukaJesu wenza sikwazi ukuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. (Roma 5:10, 12; 12:1, 2) Kuyinto engenzeka ngempela ukuba sibe amalungu omkhaya wakhe. (2 Korinte 6:18) Singalithola kanjani lelo lungelo? Ngokuba emthandazweni wethu wangasese, sizinikezele kuJehova, sifunge ukuthi sifuna ukwenza intando yakhe ukuphila kwethu konke. Ngemva kokuzinikezela, siyobe sesikubonakalisa obala ngokubhapathizwa.—Funda uMathewu 16:24; 1 Petru 4:2.

4. Ungazilungiselela kanjani ukubhapathizwa?

OFakazi BakaJehova bafunda iBhayibheli nanoma ubani ofuna ukusondela kuNkulunkulu. Ukutadisha iBhayibheli nokuba khona emihlanganweni yobuKristu kuyoqinisa uthando lwakho ngoNkulunkulu nokholo kuye. Kuyokusiza nokuba uhlakulele isimo sengqondo esihle nemikhuba emihle. Ukuthuthukisa uthando, ukholo nezinye izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu kuyokusiza ukuba usifeze isifungo sakho sokukhonza uJehova kuze kube phakade.—Funda uJohane 17:3; amaHebheru 10:24, 25.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 18 sencwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.