Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imizi Ayehlala Kuyo

Imizi Ayehlala Kuyo

Ukuphila KwamaKristu Ekhulu Lokuqala

Imizi Ayehlala Kuyo

‘Angigodlanga . . . ukunifundisa obala nasendlini ngendlu.’—IZENZO 20:20.

NJENGOBA ungena esangweni elikhulukazi, uzithela emzini noma edolobheni langekhulu lokuqala. Njengamadolobha amaningi, nalo leli lisegqumeni. Ngaphesheya, kunentaba ephakeme futhi elinye idolobha lilapho. Kule ndawo, kukhona izithabathaba zezindlu eziningana ezimhlophe ezikhanyiswa yilanga, futhi eziningi zazo zinezingadi ezibiyelwe ngodonga. Kule ndawo kuhlala abakhomba ngophakathi. Uma wehlisela amehlo ezansi ubona ezinye izindlu ezakhiwe ngezindlela ezingafani nezingalingani. Lezi zindlu ezinkulu eziyizitezi zabahwebi abasesigabeni esiphakathi nabanikazi bemihlaba ziklele emgwaqweni owenziwe ngamatshe. Laphaya ezansana kuhlala abantu abampofu. Izindlu zabo zincane, zimise okwamabhokisi futhi zakhiwe eduze kwemigwaqo emincane noma zakhiwe zaminyana eduze kwamagceke amancane.

Njengoba uhamba emigwaqweni eminyene, imisindo nephunga elimnandi kukubiza useza lé. Abesifazane bayapheka, futhi indawo yonke igcwala iphunga lokudla okuconsisa amathe. Uzwa imisindo yezilwane nezingane zidlala. Amadoda asebenza ngokuzikhandla emashabhu anomsindo nanephunga elibi.

Imindeni yamaKristu yayichitha isikhathi esiningi kulezi zindlu, yenza imisebenzi yansuku zonke, ifunda ngezinto eziphathelene noNkulunkulu futhi ikhulekela kuzo.

Izindlu Zabadla Imbuya Ngothi Njengoba kunjalo namuhla, izindlu zazingalingani futhi zingafani; kwakuya ngokuthi zakhiwe kuphi futhi zinjani izimo zezimali zasekhaya. Izindlu ezincane kunazo zonke (1) zaziba yikamelo elilodwa, elincane futhi elimnyama, elalihlala wonke umndeni. Izindlu ezincane eziningi zazakhiwe ngezitini zodaka. Ezinye zazakhiwe ngamatshe asikiwe. Zombili lezi zinhlobo zezindlu zazivame ukwakhiwa phezu kwesisekelo samatshe.

Izindonga zangaphakathi zazikhonkwa, iphansi lenziwe ngamatshe, okwakwenza lezi zindlu zidinge ukunakekelwa njalo. Kwakuba nembobo yoshimula eyodwa ophahleni noma obondeni lwasekhishini. Impahla yendlu eyayikhona kwakuyileyo eyayidingeka ngempela ekhaya.

Lapho kwakhiwa uphahla, kwakubekwa izingongolo zokhuni eziphaswe ngezinsika, bese kubekwa amagatsha nezinhlanga. Ngemva kwalokho kwakuthelwa inhlabathi phezulu. Lolo phahla lwenhlabathi egqishiwe lwalube selugudulwa ukuze lungangenwa amanzi. Ukuze uye ophahleni ngokuvamile kwakufanele ukhuphuke ngesitebhisi sangaphandle.

Nakuba zazicinene, kwakumnandi ukuba kulezi zindlu zamaKristu, futhi ngisho nomndeni ohluphekayo wawungaceba ngokomoya futhi ujabule.

Izindlu Zabasesigabeni Esiphakathi Izindlu zamatshe ezinkudlwana neziyizitezi (2) zabantu abasesigabeni esiphakathi zaziba nekamelo lezivakashi. (Marku 14:13-16; IzEnzo 1:13, 14) Leli kamelo eliphezulu elikhulu lalingase lisetshenziselwe imihlangano futhi lalivame ukuba usizo ngezikhathi zemikhosi. (IzEnzo 2:1-4) Lezi zindlu ngisho nezinkudlwana (3) zabathengisi nabanikazi bemihlaba zazakhiwa ngezitini zegwadle (limestone) bese zihlanganiswa ngodaka lwe-lime. Iphansi lalenziwa ngamatshe, izindonga zisindwe, futhi ngaphandle izindonga zazicakwa zibe mhlophe.

Ukuze ufinyelele emakamelweni aphezulu nasophahleni kwakudingeka ukhuphuke ngezitebhisi. Kwakwakhiwa uthango luzungeze uphahla ukuze kungabi khona owayo noma ezinye izingozi. (Duteronomi 22:8) Lapho ilanga lishisa likhipha umkhovu etsheni, abantu babekujabulela ukuhlala ophahleni ngaphansi kwesakhiwo esinjengetende esivikela ilanga batadishe, bazindle, bathandaze noma baphumule.—IzEnzo 10:9.

Nakuba ngokuvamile kwakubungazelwa kuzo izihlobo, lezi zindlu eziqinile ezinamakamelo amakhudlwana zaziba nendawo enkulu yokuhlala, amakamelo okulala, ikhishi elikhudlwana nendlu yokudlela.

Izindlu Zabadla Izambane Likapondo Izindlu zohlobo lwaseRoma (4) zazihlukahluka ngobukhulu, ngendlela ezimi ngayo nangokwakhiwa. Amakamelo avulekile ayakhiwa azungeze indlu yokudlela (triclinium), indawo lapho umndeni owawenzela khona izinto. Ezinye izindlu zaziba nezitezi ezimbili noma ezintathu (5) futhi ezinye zazihlotshiswa ngezingadi ezibiyelwe ngodonga.

Kungenzeka ukuthi izindlu ezazizinhle kakhulu zazigcwele izimpahla zikanokusho zasendlini, eziningi zihlotshiswe ngezinyo lendlovu nangegolide. Lezi zindlu zazinompompi nobhavu bokugezela. Kungenzeka ukuthi iphansi lalenziwa ngamapulangwe noma ngemabula emibalabala futhi kungenzeka ukuthi izindonga zazishayelelwa ngokhuni lomsedari. Kwakusetshenziswa izimbawula ukuze kufudumale endlini. Kwakuvame ukuba kufakwe izingodo eziphanjanisiwe emafasiteleni ngenjongo yokuphepha futhi amakhethini ayesiza ukuba osendlini angabonakali kubantu abadlulayo. Ukuze kwenziwe izihlalo, kwakusikwa indawo ethile obondeni.—IzEnzo 20:9, 10.

Kungakhathaliseki ukuthi ayehlala ezindlini ezingakanani noma ezime kanjani, amaKristu ekhulu lokuqala ayenomoya wokungenisa izihambi futhi ephana. Ngakho, ababonisi abajikelezayo babengenayo inkinga yokuthola umndeni onothando, ongenisa izihambi ababengahlala nawo baze baqede inkonzo yabo kulelo dolobha.—Mathewu 10:11; IzEnzo 16:14, 15.

“Kubo KaSimoni No-Andreya” UJesu wemukelwa ngezandla ezifudumele “kubo kaSimoni no-Andreya.” (Marku 1:29-31) Kungenzeka ukuthi laba badobi babehlala ezindlini eziphansi (6) neziminyene ngasemagcekeni enziwe ngamatshe.

Lapho uvula izicabha namafasitela ezindlu ezifana nalezi, wawukwazi ukubona igceke elaliyindawo okwakwenzelwa kuyo imisebenzi yansuku zonke, ehlanganisa ukupheka, ukubhaka, ukugaya izinhlamvu ukubona abantu nokudla.

Izindlu zaseKapernawume ezazinesitezi esisodwa zazakhiwa ngetshe elimnyama lentaba-mlilo elalitholakala endaweni. Izitebhisi ezingaphandle zazikhuphukela ophahleni olwalwakhiwa ngezinhlanga nemishayo eyayiphaswa yizinsika, ngaphezulu oluthelwe inhlabathi egqishiwe noma olufakwe ama-tile. (Marku 2:1-5) Iphansi lendlu lalakhiwa ngamatshe futhi ngokuvamile limbozwa ngomata abelukiwe.

Izindlu eziningi ezazigudle ugu loLwandle LwaseGalile zazakhiwe zalandelana zenza kwaba nemigwaqo. IKapernawume yayiyindawo ekahle kakhulu kubadobi ababeziphilisa ngokudoba olwandle.

‘Endlini Ngendlu’ Ngamafuphi nje, izindlu zamaKristu ekhulu lokuqala zazingafani—ezinye zazizincane zakhiwe ngezitini zodaka, ezinye ziyizithabathaba zikanokusho.

Lezo zindlu zazingagcini ngokuba yindawo yokufihla ikhanda, kodwa umndeni wawubuye ufunde futhi ukhulekele uNkulunkulu ndawonye. AmaKristu ayehlangana emakhaya abazalwane ukuze atadishe imiBhalo futhi ajabulele ukuhlangana namanye amakholwa. Lokho ayekufunda ezindlini zawo ayekusebenzisa kahle emsebenzini wawo obaluleke kakhulu—ukushumayela nokufundisa ‘endlini ngendlu’ kulo lonke elaseRoma.—IzEnzo 20:20.