Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IZWE LIGCWELE IZIYALUYALU

4 | Vikela Ithemba Lakho

4 | Vikela Ithemba Lakho

OKWENZA KUBALULEKE

Ukukhathazeka okubangelwa iziyaluyalu ezigcwele emhlabeni kungenza abantu bacindezeleke emzimbeni nangokomzwelo. Abaningi abacindezeleke ngale ndlela abanathemba. Babe sebenzenjani?

  • Abanye abafuni nokucabanga ngekusasa.

  • Abanye bazinikela otshwaleni nasezidakamizweni bezama ukuqeda izinkinga zabo.

  • Abambalwa bathi kungcono ukufa kunokuphila. Bathi: “Ngisaphilelani nje?”

Okufanele Ukwazi

  • Ezinye izinkinga onazo kungenzeka ezesikhashana futhi izimo zingaba ngcono kungalindelekile.

  • Ngisho noma isimo obhekene naso singashintshi, zikhona izinto ongazenza ukuze ukwazi ukusikhuthazelela.

  • IBhayibheli lisinikeza ithemba langempela​—isixazululo sezinkinga zabantu esiyohlala unomphela.

Ongakwenza Manje

IBhayibheli lithi: “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Usuku ngalunye lunezalo izinkinga.”​—Mathewu 6:34.

Naka izinkinga zosuku ngalunye. Ungakhathazeki kakhulu ngekusasa uze ungabe usakwazi ukwenza izinto okudingeka uzenze namuhla.

Ukukhathazeka ngezinto ezimbi ezingase zenzeke kungakwenza ucindezeleke futhi uphelelwe yithemba lokuthi izimo ziyoke zibe ngcono.

IBhayibheli Lisinika Ithemba Langempela

Umhubi wasendulo ethandaza kuNkulunkulu wathi: “Izwi lakho liyisibani esiqondisa izinyathelo zami, nokukhanya okukhanyisa indlela yami.” (IHubo 119:105) IZwi likaNkulunkulu​—iBhayibheli—​liyilokho kanye.

Ebusuku, isibani sisisiza sibone lapho sihamba khona. Ngendlela efanayo, iBhayibheli linokuhlakanipha okungasisiza, kusiqondise lapho senza izinqumo ezinzima.

Isibani singakhanyisa indlela yethu, sisisize sikwazi ukubona ukuthi khonani le phambili. Ngendlela efanayo, iBhayibheli lingasisiza sikwazi ukubona ukuthi ikusasa lisiphatheleni.