PHAPHAMA! No. 1 2022

Njengoba izimo emhlabeni ziya ziba zimbi nakakhulu, bayanda abantu ababhekana nemiphumela ebuhlungu edalwa yizinhlekelele zemvelo nezinkinga ezibangelwa abantu. Thola ukuthi ungabhekana kanjani nalezi zinkinga futhi ungazivikela kanjani wena nalabo obathandayo.

 

Izwe Ligcwele Iziyaluyalu​—Ungazivikela Kanjani?

Lapho ubhekene nenhlekelele, kulungele ukuthatha isinyathelo esiwujuqu sokuzivikela wena nomndeni wakho.

IZWE LIGCWELE IZIYALUYALU

1 | Vikela Impilo Yakho

Uma uvikela impilo yakho, uyokulungela kangcono ukubhekana nezimo ezicindezelayo.

IZWE LIGCWELE IZIYALUYALU

2 | Vikela Imali Nezinto Onazo

Uma uyisebenzisa ngokuhlakanipha imali yakho, uyokulungela kangcono ukubhekana nesikhathi esinzima.

IZWE LIGCWELE IZIYALUYALU

3 | Vikela Ubudlelwane Onabo Nabanye

Cabanga ngamacebiso angakusiza uvikele umshado wakho, ubungani onabo nabanye nobudlelwane onabo nezingane zakho.

IZWE LIGCWELE IZIYALUYALU

4 | Vikela Ithemba Lakho

IBhayibheli lisisiza sibhekane nezinkinga zokuphila liphinde lisinikeze ithemba ngekusasa.

Kulo Magazini IPhaphama!

Funda izihloko ezingasiza wena nomndeni wakho ukuba nibhekane neziyaluyalu ezihlasele abantu.