IsiZulu
Izwe Ligcwele Iziyaluyalu​—Vikela Ubudlelwane Onabo Nabanye
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/102022008/univ/art/102022008_univ_sqr_xl.jpg
g22 No. 1 kk. 10-12

IZWE LIGCWELE IZIYALUYALU

3 | Vikela Ubudlelwane Onabo Nabanye

3 | Vikela Ubudlelwane Onabo Nabanye

OKWENZA KUBALULEKE

Njengoba izingcindezi ezibangelwa iziyaluyalu zaleli zwe zanda, abantu abaningi, bengahlosile ababuqinisi ubudlelwane babo nabanye.

  • Abantu bayazihlukanisa nabangani babo.

  • Abantu abashadile ababonisani umusa futhi lokhu kuyanda.

  • Abazali abayinaki indlela izingane zabo ezicindezeleke ngayo.

Okufanele Ukwazi

  • Ukuba nabangani kubalulekile ngoba bayasisiza sihlale sinempilo enhle futhi singacindezeleki kakhulu, ikakhulukazi ngezikhathi ezinzima.

  • Ukucindezeleka okubangelwa iziyaluyalu zezwe, kungase kwenze umndeni wakho ube nezinkinga ngokungalindelekile.

  • Imibiko yezindaba ingase izithuse kakhulu izingane zakho kunalokho ongase ukucabange.

Ongakwenza Manje

IBhayibheli lithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”​—IzAga 17:17.

Cabanga ngomuntu okusekelayo nokunikeza iseluleko esihle. Ukwazi nje ukuthi kunomuntu okukhathalelayo kungakunika amandla okubhekana nezinkinga zosuku.