Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu, yonke indalo yayinobunye futhi inokuthula

Kungani Sidinga UMbuso KaNkulunkulu?

Kungani Sidinga UMbuso KaNkulunkulu?

Kusukela ekuqaleni komlando wesintu, uMdali wethu, ogama lakhe linguJehova, wayewukuphela koMbusi. Wayebusa ngendlela enothando. Wenza ikhaya elihle​—insimu yase-Edene—​ukuze abantu bahlale kulo. Wabapha nenala yokudla. Ngaphezu kwalokho, wanika abantu umsebenzi owanelisayo ukuba bawenze. (Genesise 1:28, 29; 2:8, 15) Abantu ngabe basenakho ukuthula ukube baqhubeka bevumela uNkulunkulu onothando ukuba ababuse.

Abantu bokuqala benqaba ukubuswa uNkulunkulu

IBhayibheli lembula ukuthi ingelosi eyisihlubuki, kamuva eyabizwa ngoSathane uDeveli, yangabaza ilungelo likaNkulunkulu lokubusa abantu. Yathi abantu bangaphila kangcono ngaphandle kokuqondiswa nokubuswa uNkulunkulu. Ngokudabukisayo, abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, balandela isibonelo sikaSathane futhi bavukela uNkulunkulu.​—Genesise 3:1-6; IsAmbulo 12:9.

Ngenxa yokwenqaba uNkulunkulu njengoMbusi wabo, u-Adamu no-Eva balahlekelwa ikhaya labo eliyiPharadesi kanye nethemba lokuphila phakade beyimiqemane. (Genesise 3:17-19) Isinqumo sabo saba nemiphumela emibi ezinganeni abazithola kamuva. IBhayibheli lithi ngenxa yokuthi u-Adamu wona, “isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono.” (Roma 5:12) Isono saholela komunye umphumela odabukisayo: ‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Ngamanye amazwi, lapho abantu bezibusa kuyohlale kunezinkinga.

UKUBUSA KOMUNTU KUYAQALA

UNimrode wavukela uJehova

Umuntu wokuqala owabusa emhlabeni okukhulunywa ngaye eBhayibhelini kwakunguNimrode. Wavukela igunya likaJehova lokubusa. Kusukela osukwini lukaNimrode abantu abanamandla baye bawasebenzisa kabi amagunya abo. Eminyakeni ecishe ibe u-3 000 edlule, iNkosi uSolomoni yathi: “Ngibone . . . izinyembezi zabacindezelwayo, kodwa babengenamduduzi; futhi ohlangothini lwabacindezeli babo kwakukhona amandla.”​—UmShumayeli 4:1.

Kusenjalo nanamuhla. Ngo-2009, umagazini weZizwe Ezihlangene wathi ukubusa okubi kuye kwabonakala “kungenye yezimbangela ezikhulayo zabo bonke ububi obusemhlabeni.”

ISIKHATHI SOKUTHATHA ISINYATHELO!

Izwe lidinga ababusi abangcono nohlobo lukahulumeni olungcono kakhulu. Yilokho kanye uMdali wethu akuthembisile!

Ngisho nohulumeni babantu abangcono kunabo bonke behlulekile ukuxazulula izinkinga zabantu ezimbi kakhulu

UNkulunkulu umise uMbuso, noma uhulumeni, ozothatha indawo yokubusa komuntu, futhi “wona uqobo [uyokuma] kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 2:44) Lona uMbuso obulokhu uthandazelwa izigidi zabantu. (Mathewu 6:9, 10) Kodwa ngeke kube uNkulunkulu ongumbusi walo hulumeni. Kunalokho, ukhethe othile owake waphila njengomuntu ukuba abe uMbusi. Ukhethe bani?