Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMbuso KaNkulunkulu—Uyini?

UMbuso KaNkulunkulu—Uyini?

Abantu abaningi bathandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze, kodwa wake wazibuza yini ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu nokuthi uyokwenzani?

CABANGELA LOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI:

  • Uyini uMbuso kaNkulunkulu?

    Unguhulumeni wasezulwini obuswa uJesu Kristu njengeNkosi.​—Isaya 9:6, 7; Mathewu 5:3; Luka 1:31-33.

  • UMbuso kaNkulunkulu uyokwenzani?

    Uzoqeda zonke izinto ezimbi futhi ulethe ukuthula okuhlala njalo kubantu emhlabeni.​—Daniyeli 2:44; Mathewu 6:10.

  • Kusho ukuthini ukufuna uMbuso kuqala?

    Kusho ukusekela uMbuso kaNkulunkulu nokuwethemba ukuthi yiwo kuphela ozokwenza izimo emhlabeni zibe yilokho uNkulunkulu afuna zibe yikho.​—Mathewu 6:33; 13:44.