Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ikhala Elinje!”

“Ikhala Elinje!”

“Ikhala Elinje!”

ABANTU bavamé ukusabela ngale ndlela lapho beqala ukubona inkawu yeduna i-proboscis enekhala elikhulu nelilengayo. * Leli khala lingakhula cishe lize libe amasentimitha angu-18—okuyingxenye eyodwa kwezine yobude balesi silwane. Ngenxa yokuthi leli khala lilengela phezu komlomo nesilevu, le nkawu kufanele ilisunduzele eceleni uma idla! Ukube ikhala lakho belingangelayo, beliyolenga lize lifinyelele cishe maphakathi nesifuba.

Leli khala liyisiza ngani le nkawu? * Kunemibono ehlukakhukene ngalokhu. Kungenzeka ukuthi ikhala layo likhipha ukushisa okusemzimbeni noma liyenza ibe nephimbo elikhulu. Noma kungenzeka liyisixwayiso kwezinye izinkawu ezingamaduna. Empeleni, ikhala lekhonde liyakhukhumala futhi libe bomvu lapho lithukuthele noma lijabule. Okunye okungenzeka ukuthi, leli khala lifeza indima ethile ekukhangeni ngokobulili, lenze inhliziyo yenkawu yensikazi ishaye ngamandla! Nokho, kunamathuba amaningi okuthi leli khala lenza imisebenzi eminingi, mhlawumbe kuhlanganise nesingazi lutho olutheni ngayo noma esingazi lutho nhlobo.

Izisu Ezinkulu

Ama-proboscis angamaduna nayizinsikazi—abuye abe nezisu ezinkulu eziwenza ehluke. Eqinisweni, okusesiswini kungalingana nengxenye eyodwa kwezine yesisindo sayo sisonke. Ngenxa yalokho, amaduna nezinsikazi ahlale ebukeka sengathi amithi! Kungani enezisu ezinkulu?

Isisu sale nkawu sigcwele umswane namabaktheriya, njengesenkomo. Amabaktheriya abolisa ukudla futhi akugaye, kuhlanganise nobunye utshani obunobuthi obungazibulala ezinye izilwane. Ngenxa yesimiso sazo sokugaya ukudla, lezi zinkawu ziyakwazi ukuphila ngamacembe nezithelo ezingenashukela nokudla okusanhlamvu, amasundu nezinye izimila—ukudla ezingeke zaphila ngakho izilwane zohlobo lwenkawu ezinezisu ezihlukile.

Kodwa-ke, isimiso sokugaya ukudla esinamandla sale nkawu sinenkinga eyodwa. Lesi silwane siyazigwema izithelo ezinoshukela, ngoba zibila ngokushesha. Lezo zithelo zingenza isisu sayo sikhukhumale, mhlawumbe ize ife kabuhlungu.

Ngenxa yokuthi ukudla kwazo kucebe nge-cellulose kanti zinezisu eziyinkimbinkimbi, lezi zinkawu zidinga isikhathi esiningi sokwetshisa. Ngakho, ngemva kokudla kakhulu ekuseni, ziyalala—ngezinye izikhathi amahora amaningi—ngaphambi kokuba ziphinde zidle.

Isilwane Esiphila Nezinye

Kungakhathaliseki ukuthi ziyadla noma ziphumule, lezi zinkawu azivamile ukuba ngazodwa. Amakhonde abusa imihlambi yezinsikazi enesibalo esingafinyelela kwezingu-8 kanye namazinyane. Amazinyane angamaduna ayaxoshwa kuleli qembu uma esekhule ngokwanele ukuba azinakekele. Lezi zinkawu ezisencane ezingamaduna ziyahlangana nazo zakhe amaqembu anekhonde elilodwa noma amabili. Kumuntu ongazi, lawo maqembu angabonakala sengathi umhlambi wezinsikazi.

Lezi zinkawu zinomkhuba ongavamile wokuphila ndawonye—imihlambi ngokuvamile iyaxubana ikakhulukazi ntambama lapho ibuthana emifuleni. Ngalezo zikhathi, eyeduna ibukisa ngamandla ayo uma inomuzwa wokuthi elinye iduna linesithakazelo ezinsikazini zayo. Ngokuvamile leli duna elinesikhwele—elingaba amakhilogremu angu-20—lima ngezinyawo nangezandla livule umlomo libheke isitha. Incwadi ethi Proboscis Monkeys of Borneo ithi, “Uma lokho kungenele ukuxosha isitha, leli duna livele ligxume kungalindelekile lisuka kwesinye isihlahla liya kwesinye, ngokuvamile libhonga futhi lilokhu lihlala emagatsheni omile avele aphuke abange umsindo owenezela kulokhu kubhonga kwalo.” Ngezinye izikhathi ayalwa kodwa lokhu akuvamile.

“Lezi zinkawu azigcini nje ngokubukeka ngendlela engajwayelekile; zibuye zenze imisindo exakile ehlukahlukene,” kusho le ncwadi ecashunwe ngenhla. Zenza umsindo ofana nowengulube, nofana nowehansi, ziyabhonga futhi ziyanswininiza, ikakhulukazi kusihlwa lapho zibuthene ngasemfuleni. Njengoba kunalo msindo ovala izindlebe, izinsikazi zingaqhubeka zilokhu zincelisa amazinyane azo anobuso obuthi abube luhlaza okwesibhakabhaka futhi zilokhu ziwaphulula. Ekugcineni, njengoba kuqala ukuhlwa, lezi zilwane zisuke seziyitholile indawo ekahle ezihlahleni—ngokuvamile ezihlahleni ezinde ezingasemfuleni—lapho zizolala khona.

Izinkawu Ezinezinyawo Ezifana Nezedada!

Ngaphandle kwekhala lazo, lezi zinkawu zinenye into exakile—izinyawo ezifana nezedada. Lezi zinyawo azigcini nje ngokwenza lezi zilwane zikwazi ukubhukuda kodwa futhi zizenza zikwazi ukuhamba ngokuphepha odakeni oluzungeze izihlahla zomhlume. Ngokuqinisekile, uma kukhulunywa ngemihlume yasezindaweni ezishisayo, cishe ucabanga ngendawo enezingwenya. Izingwenya zigcwele endaweni enalezi zinkawu. Zikugwema kanjani ukudliwa lezi zinkawu ezithanda amanzi?

Enye indlela yokuphepha eziyisebenzisayo ukungena emfuleni ngokunyenya bese zigwedla njengenja zishaye udwendwe, zingawashayi nakancane amanzi. Uma umfula umncane, ziye zabonakala zisebenzisa indlela ehlukile. Zinombela isihlahla ziye kwelenyoni, bese zigijima zizwiba ngegatsha zize zigxumele phansi, mhlawumbe zisuka ebangeni elingamamitha angu-9, zifike zishaye ngesisu emanzini bese zibhukuda ngokushesha ziphumele ngale. Ngisho nezisuke zitete amazinyane ziyakwenza lokhu. Ngezinye izikhathi wonke umhlambi ugxumela emanzini bese ubhukuda ngejubane elikhulu uwelele ngaphesheya! Nokho, isitha sazo esikhulu akuyona ingwenya.

Zisengcupheni Yokushabalala

Njengoba sezifakwe ngokomthetho ohlwini lwezinto ezisengcupheni yokuqothulwa, lezi zinkawu kungenzeka seziyinkulungwane ezimbalwa nje endaweni yazo yemvelo futhi inani lazo liyaqhubeka lehla—ngokuyinhloko ngenxa yabantu. Izinkinga ezibangelwa abantu zihlanganisa umlilo, ukugawulwa kwamahlathi, ukuvakasha okungalawulwa nokugawulwa kwamahlathi emvelo ukuze kutshalwe izihlahla zesundu. Enye imbangela ukuzingelwa. Kwabanye abantu kuwumdlalo nje ukubulala lezi zinkawu. Kanti abanye bayazidla noma benze ngazo imithi. Ngenxa yokuthi lezi zilwane zivame ukulala obala ezihlahleni ezingasemifuleni, zihlale zisengozini. Empeleni, kwenye indawo okujwayele kuyo abazingeli abahamba ngezikebhe ezinejubane, inani lazo lehla ngamaphesenti angu-50 ngeminyaka emihlanu nje kuphela!

Izazi zokulondolozwa kwemvelo zizama ukuqwashisa ngosizi lwalesi silwane, futhi eBorneo sekunemithetho evikela lezi zinkawu. Ingabe le mizamo izophumelela? Kuyobonakala ngokuhamba kwesikhathi. Uma lesi silwane singashabalala endle, yeka ukuthi leso kungaba isimo esibi kanjani, ngoba inkawu i-proboscis inezinto eziningi ezixakile ezingafundwa kuyo! Ngaphezu kwalokho, lesi silwane sivame ukungachumi kahle uma sivalelwe.

Iqiniso liwukuthi i-proboscis imane ingesinye sezilwane eziningi ezinekusasa elifiphele. Inqwaba yezinye izilwane sezaqothulwa kakade. Okuhle ukuthi uNkulunkulu uhlele ukuthatha zonke izintambo emhlabeni, asuse ababi futhi afundise abantu indlela efanele yokunakekela ikhaya labo eliwumhlaba. (IzAga 2:21, 22) UJehova uNkulunkulu uyathembisa, “Ngeke neze kulimaze noma kubangele incithakalo kuyo yonke intaba yami engcwele; ngoba umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.

[Imibhalo yaphansi]

^ Isiqhingi saseBorneo siyikhaya lenkawu okuthiwa i-proboscis. Abantu bendawo babiza lesi silwane ngokuthi i-orang belanda, noma “i-Dutchman.”

^ Nezinsikazi zinekhala elikhulu, nakuba lingelikhulu njengeleduna.

[Isithombe ekhasini 12]

Ama-“proboscis” anekhala elingavamile nezisu ezinkulu

[Umthombo]

© Peter Lilja/age fotostock

[Isithombe ekhasini 13]

Ikhala lenkawu yeduna lilenga phezu komlomo. Kufanele ilisunduzele eceleni uma idla

[Umthombo]

© Juniors Bildarchiv/Alamy

[Isithombe ekhasini 14]

Kungakhathaliseki ukuthi ayadla noma aphumule, ama-“proboscis” awavamile ukuba ngawodwa

[Umthombo]

© Peter Lilja/age fotostock