Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimbangela Zokuntuleka Kobulungisa

Izimbangela Zokuntuleka Kobulungisa

Izimbangela Zokuntuleka Kobulungisa

EMINYAKENI ecishe ibe ngu-2 000 edlule, iBhayibheli layibikezela ngokunembile indlela yokuphila kwabantu osukwini lwethu. Lathi: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, . . . abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, . . . abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.”—2 Thimothewu. 3:1-5.

Bambalwa abangaphika ukuthi lezo zici ezimbi sezivamile esikhathini sethu. Zibonakala ngezindlela eziningi, ezihlanganisa ubugovu, ukucwasa, izimo zengqondo zokungathandi abantu, inkohlakalo nokungalingani okukhulu ngokwezimali. Ake sicabangele ngayinye yazo.

UBUGOVU. “UBugovu bunempilo” futhi “uBugovu buhle,” lawa amagama esingase siwezwe ngezinye izikhathi. Kodwa awalona iqiniso. Ubugovu buyalimaza! Ngokwesibonelo, ubugovu buvame ukuba yimbangela yenkohlakalo, izindlela zokutshala imali eziwubuqili kuhlanganise ukuboleka nokubolekisa ngemali okungacatshangelwanga kahle. Imiphumela enjengokuwa ngokwezimali iye yabangela ubuhlungu obukhulu kwabaningi. Kuyavunywa ukuthi abanye abayizisulu zalokhu bona ngokwabo banobugovu. Kodwa phakathi kwabo kukhona nabantu abasebenza kanzima, abanye babo abalahlekelwe imizi nemali yabo yempesheni.

UKUCWASA. Abantu abacwasayo bahlulela abanye ngokungafanele bababandlulule ngenxa yohlanga, ibala lesikhumba, ubulili, isimo sabo emphakathini noma inkolo. Ngokwesibonelo, ikomiti yeZizwe Ezihlangene yathola ukuthi kwelinye lamazwe aseNingizimu Melika, owesifazane okhulelwe washonela esibhedlela ngoba wayebandlululiwe kwesinye isikhungo ngenxa yohlanga lwakhe nesimo sakhe sezomnotho. Ngaphezu kwalokho, ukucwasa kuye kwaholela nasekuqothulweni kwezinhlanga okubi kakhulu.

ISIMO SENGQONDO SOKUNGABATHANDI ABANTU. Amazwibela encwadi ethi Handbook of Antisocial Behavior athi: “Unyaka ngamunye amashumi ezinkulungwane zemikhaya ayahlukana, konakaliswa ukuphila kwamakhulu ezinkulungwane zabantu, futhi kucekelwa phansi izakhiwo zenani elifinyelela ezigidini zama-dollar ngenxa yesimo sengqondo sokungabathandi abantu. Buyinsakavukela ubudlova nokuhlaselana, kangangokuthi ngeke kusimangaze uma izazi-mlando zesikhathi esizayo zingasabheki inkathi yangasekupheleni kwekhulu lamashumi amabili ‘njengeNkathi Yokuya Emkhathini,’ noma ‘iNkathi Yolwazi,’ kodwa ‘njengeNkathi Yokungabathandi Abantu’—inkathi lapho umphakathi walwa wodwa.” Kusukela le ncwadi yabhalwa ngo-1997, ayizange ibe khona intuthuko ezimweni zengqondo nasendleleni yokuziphatha.

INKOHLAKALO. Umbiko wenkohlakalo eNingizimu Afrika waveza ukuthi phakathi neminyaka engaphezu kuka-7, amaphesenti angaphezu kwangu-81 emali engamaRandi ayizinkulungwane eziyizigidi ezingu-25,2 yasetshenziswa ngendlela engafanele. Imali “okwakufanele isetshenziselwe ukulungisa izibhedlela, imitholampilo nezikhungo zezempilo esifundazweni,” ayizange isetshenziswe, kusho i-Public Manager.

UKUNGALINGANI OKUKHULU NGOKWEZIMALI. Ngo-2005, amaphesenti angaba ngu-30 emali eyinzuzo eBrithani “yaya kubantu abakha amaphesenti ayisihlanu abantu abenza inzuzo kakhulu kunabo bonke,” ngokombiko kamagazini i-Time. Ngesikhathi esifanayo, le Time ithi, kulo lonke elaseMelika “amaphesenti angu-33 emali eyinzuzo aya kubantu abakha amaphesenti amahlanu abantu abenza inzuzo kakhulu kunabo bonke.” Emhlabeni wonke, abantu abangaba yizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,4 baphila ngemali engu-R8,00 noma ngaphansi ngosuku, futhi kufa izingane ezingu-25 000 nsuku zonke ngenxa yobumpofu.

Ingabe Sikhona Isixazululo Sokuntuleka Kobulungisa?

Ngo-1987, umongameli wase-Australia wangaleso sikhathi wabeka umgomo wokuthi lapho kufinyelelwa ku-1990 ayikho ingane yase-Australia okuyobe kusafanele iphile impilo yobumpofu. Akuzange kwenzeke lokho. Empeleni, lo mongameli wazisola kamuva ngokubeka lowo mgomo.

Ngempela, kungakhathaliseki ukuthi umuntu unamandla, ucebile noma unethonya elingakanani, usengumuntu futhi ngeke ayiqede inkinga yokuntuleka kobulungisa. Empeleni, ngisho nabantu abanamandla bayabhekana nokungabi nabulungisa, baguge futhi bafe. La maqiniso asikhumbuza amavesi amabili eBhayibheli alandelayo:

“Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.”Jeremiya 10:23.

‘Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, okungekhona okwazo ukusindisa.’IHubo 146:3.

Uma sikwamukela lokho kuhlakanipha, ngeke sidumale lapho imizamo yabantu ihluleka ukuletha imiphumela emihle. Ngakho, ingabe kufanele sivele silahle ithemba? Cha! Njengoba sizobona esihlokweni sokugcina salolu chungechunge, liseduze kakhulu izwe elinobulungisa bangempela. Kodwa, phakathi nalesi sikhathi, singenza okuthile. Singazihlola thina. Zibuze: ‘Ngingalwela yini ukuba nobulungisa ngokwengeziwe lapho ngisebenzelana nabanye? Ingabe kunezindawo ezithile engingathuthukisa kuzo?’ Le mibuzo iyaphendulwa esihlokweni esilandelayo.

[Izithombe emakhasini 4, 5]

A. Amaphoyisa eChina abopha indoda ehileleke odlameni lobuhlanga

B. Ukuphanga nokucekelwa phansi kwempahla eLondon, eNgilandi

C. Ubumpofu obukhulu ekamu lababaleki eRwanda

[Imithombo]

Top left: © Adam Dean/Panos Pictures; top center: © Matthew Aslett/Demotix/CORBIS; top right: © David Turnley/CORBIS