Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

Idolobha laseNew York lishaye umthetho onqabela ukubhema emabhishi, emapaki nasezitolo ezisezindaweni eziphithizelayo. Isikhathi ngasinye lapho umuntu ewephula uyohlawuliswa imali engu-R400. Iziphathimandla zikholelwa ukuthi lo mthetho “uzobaphoqa abantu ukuba balalele.”—I-WALL STREET JOURNAL, E-U.S.A.

“Ukukhipha izisu okukhetha amantombazane [abantwana abangamantombazane], ikakhulu lapho umuntu ekhulelwe intombazane yesibili, kunyuke ngokuphawulekayo eNdiya.” Emikhayeni esuke isinentombazane kakade, inani lamantombazane azalwayo kubafana abangu-1 000 lehla lisuka kwangu-906 ngo-1990 laya kwangu-836 ngo-2005.—I-LANCET, EBRIThANI.

I-World Health Organization iphawule amaza omsakazo “njengalawo asebenza ezintweni zokuxhumana ezingenazo izintambo,” njengento “engase ibangele umdlavuza kubantu.”—I-INTERNATIONAL AGENCY FOR RESEARCH ON CANCER, EFRANCE.

Izizwe Ezihlangene bezigubha ukunqotshwa kwe-rinderpest, noma isifo sezinkomo. Lesi “isifo sezilwane sokuqala okuye kwanqotshwa umsuka waso ngenxa yemizamo yabantu . . . futhi singesesibili ukuqedwa ngokuphelele ezifweni zanoma yiluphi uhlobo, ngemva kwesimungumungwane esiphatha abantu.”—INHLANGANO YOKUDLA NEZOLIMO YEZIZWE EZIHLANGENE, E-ITALY.

Ingabe Uyilungele Imbubhiso?

“Incwadi Engokomthetho Yokubhujiswa KweNew York,” lesi isihloko se-New York Times. Lesi sihloko sibika ngokukhishwa kwencwadi engokomthetho ehloselwe ukusiza amajaji nabameli ukuba basingathe imibuzo yezomthetho elukhuni engase iphakanyiswe “okunye ukuhlasela kwamaphekula, umonakalo omkhulu obangelwa imisebe noma amakhemikhali noma ubhubhane lwesifo esiwumshayabhuqe.” Le ncwadi, ekhishwa izinkantolo zesifundazwe saseNew York nenhlangano yabameli yalesi sifundazwe inikeza uhlu okungabhekiselwa kulo ngokushesha mayelana nendlela umthetho omisiwe olawula ngayo izinto ezinjengokususwa komuntu onesifo esithathelwanayo emphakathini, ukuthuthwa kwabantu ngenxa yengozi esondelayo, ukuphenya ngaphandle kwemvume, ukubulawa kwezilwane ezinegciwane nokuhoxiswa komthetho othile.

Ngaphakathi Kwemicamelo Emidala

Amaphilo ahlanzekile emicamelo angase “afukamele izinto ezinyanyekayo,” kusho u-Art Tucker, usosayensi wezempilo oyinhloko eSt. Barts Hospital, eLondon. I-Times yaseLondon, eyabika ngocwaningo lwakhe, ithi ngemva kweminyaka emibili usetshenziswa, isisindo somcamelo esingaphezu kwengxenye eyodwa kwezintathu “sakhiwa izibungu eziphilayo nezifile, uthuli olwenziwa indle yalezi zibungu, isikhumba esifile namagciwane.” Imicamelo iyindawo ekahle okuchuma kuyo izinto ezixabana nomzimba, amagciwane nezibungu. Siyini isixazululo? “Izibungu ziyoma futhi zife lapho zihlatshwa yilanga, okusho ukuthi umkhuba wakudala wokuneka izinto zokulala ukuze zishaywe umoya uyasiza ekulawuleni izibungu,” kusho i-Times. Insipho ayizibulali izibungu kodwa ukuhlanza imicamelo ngamanzi ashisa ngaphezu kwama-degree angu-60 kungazibulala futhi kungakhipha eziningi.