Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 3

Lowo Owenza Zonke Izinto

Lowo Owenza Zonke Izinto

Ubani owenza zonke izinto eziphilayo?

KUNENTO emangalisayo engiyaziyo. Ungathanda ngikutshele yona?— Buka isandla sakho. Goba iminwe yakho. Cosha noma yini. Isandla sakho sikwazi ukwenza izinto eziningi, futhi sizenza kahle. Uyazi ukuthi ubani owenza izandla zethu?—

Yebo, uyena Lowo owenza imilomo, amakhala, namehlo ethu. UNkulunkulu, uBaba woMfundisi Omkhulu. Angithi siyajabula ngokuthi uNkulunkulu wasinika amehlo?— Sibuka izinto eziningi ngawo. Sikwazi ukubuka izimbali. Sikwazi ukubuka utshani obuluhlaza nesibhakabhaka. Sikwazi nokubuka izinyoni ezincane ezilambile njengalezi esizibona esithombeni. Uyabona yini ukuthi kuhle ukuthi sikwazi ukubuka izinto ezinjengalezi?—

Kodwa ubani owenza lezi zinto? Ingabe zenziwa umuntu othile? Cha. Abantu bayakwazi ukwakha izindlu. Kodwa akekho umuntu okwazi ukwenza utshani bukhule. Abantu abakwazi ukwenza iphuphu lenyoni, imbali, nanoma iyiphi enye into ephilayo. Ubukwazi lokho?—

UNkulunkulu uyena owenza zonke lezi zinto. UNkulunkulu wenza amazulu nomhlaba. Wenza nabantu. Wadala indoda yokuqala nowesifazane wokuqala. UJesu, uMfundisi Omkhulu, uyena owafundisa lokhu.—Mathewu 19:4-6.

UJesu wazi kanjani ukuthi uNkulunkulu wenza indoda nowesifazane? UJesu wambona yini uNkulunkulu ebenza?— Yebo wambona. UJesu wayenoNkulunkulu lapho uNkulunkulu enza indoda nowesifazane. UJesu ungumuntu wokuqala owenziwa uNkulunkulu. UJesu wayeyingelosi, futhi wayehlala noBaba wakhe ezulwini.

IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu wathi: “Masenze umuntu.” (Genesise 1:26) UNkulunkulu wayekhuluma nobani?— Wayekhuluma neNdodana yakhe. Wayekhuluma nalowo kamuva oweza emhlabeni waba uJesu.

Akujabulisi yini loko? Cabanga nje! Uma silalela uJesu, sisuke sifundiswa umuntu owayenoNkulunkulu lapho uNkulunkulu enza umhlaba nazo zonke ezinye izinto. Ziningi izinto uJesu azifunda lapho esebenza noBaba wakhe ezulwini. Yingakho uJesu enguMfundisi Omkhulu!

Ucabanga ukuthi uNkulunkulu wayengajabulile yini njengoba ayeyedwa ngaphambi kokuba enze iNdodana yakhe?— Cha, wayejabule. Uma ayejabule, wazenzelani pho ezinye izinto eziphilayo?— Wazenza ngoba unguNkulunkulu onothando. Wayefuna nabanye baphile futhi bajabule. Kufanele simbonge uNkulunkulu ngokuthi wasinika ukuphila.

Zonke izinto uNkulunkulu azenzile zibonisa uthando lwakhe. UNkulunkulu wenza ilanga. Ilanga liyasikhanyisela futhi lisenza sifudumale. Ukube belingekho ilanga, zonke izinto ngabe ziyabanda futhi ngabe azikho izinto eziphilayo emhlabeni. Awujabuli yini ngokuthi uNkulunkulu wenza ilanga?—

UNkulunkulu wenza nemvula ine. Ngezinye izikhathi ungase ungayithandi imvula ngoba uma lina awukwazi ukuyodlala phandle. Kodwa imvula isiza izimbali zikhule. Ngakho uma sibona izimbali ezinhle, kufanele sibonge bani?— UNkulunkulu. Ubani futhi okufanele simbonge lapho sidla izithelo nemifino emnandi?— Kufanele sibonge uNkulunkulu ngoba yilanga nemvula yakhe okwenza izinto zikhule.

Ake sithi umuntu uyakubuza, ‘Ingabe uNkulunkulu wenza nabantu kanye nezilwane?’ Ungathini?— Uyobe uqinisile uma uthi: “Yebo, uNkulunkulu wenza abantu kanye nezilwane.” Uyothini-ke kodwa uma engakholwa ukuthi ngempela abantu benziwa uNkulunkulu? Uma ethi abantu bavela ezilwaneni? IBhayibheli alikufundisi lokho. Lithi uNkulunkulu wadala zonke izinto eziphilayo.—Genesise 1:26-31.

Njengoba ekhona owakha indlu, ubani owenza izimbali, izihlahla, nezilwane?

Kodwa umuntu angase akutshele ukuthi akakholelwa kuNkulunkulu. Uyothini-ke lapho?— Mtshengise indlu. Bese uyambuza: “Ubani owakha leya ndlu?” Bonke abantu bayazi ukuthi ukhona owayakha. Ngempela, leya ndlu ayizakhanga yona!—Hebheru 3:4.

Hamba naye lo muntu uye engadini umbonise imbali. Mbuze: “Ubani owenza le mbali?” Ayenziwanga umuntu. Futhi njengoba nje indlu ingazakhanga yona, nale mbali ayizenzanga yona. Kunothile owayenza. UNkulunkulu.

Mcele ukuba ame alalele ukukhala kwenyoni. Bese uyambuza: “Ubani owenza izinyoni wazifundisa ukucula?” UNkulunkulu. UNkulunkulu uyena owenza amazulu nomhlaba nazo zonke izinto eziphilayo! Uyena owenza izinto ziphile.

Kodwa omunye umuntu angase athi ukholwa yinto ayibonayo kuphela. Angase athi: ‘Uma ngingayiboni, angikholelwa ukuthi ikhona.’ Ngakho abanye abantu bathi abakholelwa kuNkulunkulu ngoba abamboni.

Kuyiqiniso ukuthi asikwazi ukubona uNkulunkulu. IBhayibheli lithi: ‘Akekho umuntu okwazi ukubona uNkulunkulu.’ Ayikho indoda, owesifazane noma ingane emhlabeni ekwazi ukubona uNkulunkulu. Ngakho akekho umuntu okufanele azame ukwenza isithombe noma umfanekiso kaNkulunkulu. UNkulunkulu uze asitshele nokuthi singawenzi umfanekiso wakhe. Ngakho uNkulunkulu ngeke ajabule uma sinezinto ezinjalo endlini.—Eksodusi 20:4, 5; 33:20; Johane 1:18.

Kodwa uma ungakwazi ukubona uNkulunkulu, wazi kanjani ukuthi ukhona ngempela uNkulunkulu? Cabanga ngalokhu. Uyakwazi ukubona umoya?— Cha. Akekho umuntu okwazi ukubona umoya. Kodwa uyakwazi ukubona izinto umoya ozenzayo. Uye uwabone amaqabunga enyakaza lapho umoya unyakazisa amagatsha esihlahla. Bese uyakholelwa ukuthi umoya ukhona.

Wazi kanjani ukuthi ukhona umoya?

Uyakwazi ukubona nezinto uNkulunkulu azenzile. Lapho ubona imbali noma inyoni ephilayo, usuke ubona into eyenziwe uNkulunkulu. Bese uyakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela.

Omunye umuntu angase akubuze, ‘Ubani owenza ilanga nomhlaba?’ IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Yebo, uNkulunkulu wenza zonke lezi zinto ezimangalisayo! Uyazithanda lezi zinto?—

Angithi kumnandi ukuphila? Siyakwazi ukuzwa izinyoni zicula kamnandi. Siyakwazi ukubona izimbali nezinye izinto ezinhle uNkulunkulu azenzile. Futhi siyakwazi ukudla ukudla uNkulunkulu asinike kona.

Kufanele simbonge uNkulunkulu ngazo zonke lezi zinto. Kufanele simbonge nakakhulu ngokusinika ukuphila. Uma simbonga ngempela uNkulunkulu, kukhona esizokwenza. Yini leyo?— Sizolalela uNkulunkulu futhi sizokwenza lokho asitshela kona eBhayibhelini. Uma senza kanjalo sibonisa ukuthi siyamthanda Lowo owenza zonke izinto.

Kufanele sibonise ukuthi siyambonga uNkulunkulu ngakho konke akwenzile. Sibonise kanjani? Funda okubhalwe kumaHubo 139:14; Johane 4:23, 24; 1 Johane 5:21; nasencwadini yesAmbulo 4:11.