Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaProthestani?

Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaProthestani?

 Cha. OFakazi BakaJehova bangamaKristu kodwa abawona amaProthestani. Kungani sisho kanjalo?

 UbuProthestani buye bachazwa ngokuthi “inhlangano yenkolo ephikisana nobuRoma Katolika.” Nakuba kuyiqiniso ukuthi njengoFakazi BakaJehova asivumelani nezimfundiso zeSonto LobuKatolika, asizibheki njengamaProthestani ngenxa yalezi zizathu ezilandelayo:

  1.   Izinkolelo eziningana zobuProthestani ziyaphikisana nalokho okufundiswa iBhayibheli. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lifundisa ukuthi “kukhona uNkulunkulu oyedwa,” hhayi uZiqu-zintathu. (1 Thimothewu 2:5; Johane 14:28) Liphinde lifundise ngokucacile ukuthi uNkulunkulu akabajezisi ababi esihogweni somlilo kodwa uyobabhubhisa phakade.​—IHubo 37:9; 2 Thesalonika 1:9.

  2.   Asiphikisani noma sizame ukushintsha iSonto LobuKatolika, nanoma iliphi elinye iqembu lenkolo. Kunalokho sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, sizama ukusiza abanye ukuba babe nokholo ezindabeni ezinhle. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Esikukhathalela kakhulu ukufundisa abantu abaqotho iqiniso ngoNkulunkulu nangeZwi lakhe iBhayibheli hhayi ukushintsha amaqembu ezinkolo.​—Kolose 1:9, 10; 2 Thimothewu 2:24, 25.