Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO

Ingabe Ukuphela Kwezwe Kuseduze?

Ingabe Ukuphela Kwezwe Kuseduze?

Ingabe uNkulunkulu uzovumela ukuba abantu baqhubeke bebusa abanye, babeke ikusasa lesintu engcupheni? Cha, njengoba sibonile, uzongenela aqede usizi nokucindezelwa osekuqhubeke amakhulu eminyaka. UMdali wabantu nomhlaba ufuna ukuba wazi ukuthi sizofika isikhathi sokuba alethe ukuphela. Ulwembula kanjani lolo lwazi olubalulekile?

Cabanga ngalo mfanekiso: Lapho uhamba ngemoto, ungase uqale ngokuhlola ibalazwe nezinye izinto ezingakusiza ukhethe indlela ozohamba ngayo. Njengoba uqhubeka ushayela, lapho ubona izimpawu nezindawo ezivezwe ebalazweni, uyaqiniseka ukuthi ususeduze nendawo oya kuyo. Ngendlela efanayo, uNkulunkulu usinike iZwi lakhe elichaza izinto eziphawulekayo esizibona zenzeka emhlabeni. Njengoba sizibona lezi zinto, siyaqiniseka ukuthi siphila enkathini eholela ekupheleni kwezwe.

IBhayibheli lichaza ukuthi emlandweni wesintu kuyofika isikhathi esihlukile nesibalulekile esiyofinyelela umvuthwandaba waso ekupheleni kwezwe. Phakathi naleso sikhathi, emhlabeni wonke kuyokwenzeka izinto ezingakaze zenzeke ngaphambili emlandweni wesintu. Nazi ezinye zalezo zinto okukhulunywa ngazo eZwini likaNkulunkulu.

1. IZINXUSHUNXUSHU KUWO WONKE UMHLABA Isiprofetho esilotshwe kuMathewu isahluko 24 siveza uhlu lwezenzakalo emhlabeni eziyokwakha isibonakaliso esiyinhlanganisela. Leso sibonakaliso siyosho ‘ukuphela kwesimiso sezinto’ futhi siholele esikhathini ‘ukuphela okuyofika’ ngaso. (Amavesi 3, 14) Lokhu kuhlanganisa izimpi ezinkulu, ukusweleka kokudla, ukuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo, ukwanda kokwephulwa komthetho, ukuphola kothando kanye nemizamo yabaholi benkolo yokukhohlisa abantu. (Amavesi 6-26) Kuyiqiniso ukuthi ngokwezinga elithile sekuphele amakhulu eminyaka lezi zinto zenzeka. Nokho njengoba ukuphela kusondela, zonke lezi zinto zaziyokwenzeka ngenkathi efanayo. Kwakuyophinde kube nalezi zibonakaliso ezintathu eziyisixwayiso ezilandelayo.

2. INDLELA ABANTU ABACABANGA NGAYO IBhayibheli lithi “izinsuku zokugcina”—isikhathi esiyoholela ekupheleni kwezwe—ziyobonakala ngokuwohloka okukhulu kwesimilo sabantu. Siyafunda: “Abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:1-4) Yiqiniso, ukungabahloniphi abanye abantu akuyona into entsha, kodwa lowo moya uyodlanga nakakhulu “ezinsukwini zokugcina” kangangokuthi le nkathi ingabizwa kufanele ngokuthi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo”. Usuke wakuqaphela yini ukwanda kwale ndlela embi yokucabanga kubantu?

3. ABANTU BONAKALISA UMHLABA IBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘uyochitha abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Abantu bawuchitha ngayiphi indlela umhlaba? Inkathi uNowa aphila kuyo ichazwa ngendlela efanayo: “Umhlaba wonakala emehlweni kaNkulunkulu weqiniso futhi umhlaba wagcwala ubudlova. Ngakho uNkulunkulu wawubona umhlaba, futhi bheka! wawonakele.” Ngakho uNkulunkulu washo la mazwi ngokuphathelene nalowo mphakathi owonakele: ‘Ngiyawuchitha.’ (Genesise 6:11-13) Ingabe uyabubona ubufakazi obandayo bokuthi umhlaba uya ugcwala ubudlova? Ngaphezu kwalokho, abantu bafinyelele eqophelweni abangakaze bafinyelele kulo ngaphambili: Manje bangakwazi ukulimaza umhlaba ngokubulala bonke abantu abaphila kuwo. Banezikhali ezandleni zabo. Umhlaba uchithwa nangenye indlela. Izinto ezisekela ukuphila emhlabeni—umoya esiwuhogelayo, izilwane nezitshalo, izilwandle—ziyaqhubeka zonakaliswa ngenxa yobudedengu babantu.

Ake uzibuze, ‘eminyakeni eyikhulu edlule, abantu babenawo yini amandla okonakalisa umhlaba ngokuphelele?’ Kodwa manje abantu basebenzisa lawo mandla ngokuqongelela izikhali eziphambili nangokulimaza imvelo. Kubonakala sengathi abantu bayehluleka ukuqonda noma ukulawula imiphumela ebangelwa ukuthuthuka okusheshayo kwezobuchwepheshe. Nokho, abantu ngeke bakwazi ukunquma noma ulawula ikusasa lalo mhlaba. Ngaphambi kokuba ukuphila kushabalale kulo mhlaba, uNkulunkulu uyongenela ukuze achithe labo abachitha umhlaba. Yilokho akuthembisile!

4. UMSEBENZI WOKUSHUMAYELA OWENZIWA EMHLABENI WONKE Enye ingxenye yesibonakaliso sesiphelo yabikezela ukwenziwa komsebenzi omkhulu: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Lo msebezi wokushumayela wawuyohluka ngokuphelele endleleni izinkolo eziningi ebezilokhu zenza ngayo emakhulwini eminyaka adlule ukuze ziguqule abantu. Phakathi nezinsuku zokugcina, kwakuyogcizelelwa umyalezo okhethekile othi, “lezi zindaba ezinhle zombuso.” Ingabe ikhona inkolo oyaziyo eqokomisa lo myalezo? Ngisho noma bekhona ababonakala sengathi bashumayela lo myalezo, kodwa ingabe bashumayela endaweni abahlala kuyo kuphela noma basakaza lezi zindaba ezinhle “emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke”?

UMbuso kaNkulunkulu umenyezelwa emhlabeni wonke ngamakhulu ezilimi

Ingosi ethi www.jw.org/zu igxile ‘kulezi zindaba ezinhle zombuso.’ Le ngosi inezincwadi ezichaza lo myalezo ngezilimi ezingaphezu kuka-700. Ingabe ukhona omunye umsebenzi owaziyo owenziwayo ogcizelela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke? Ngaphambi kokuba i-internet ibe khona, oFakazi BakaJehova base baziwa kakade ngemizamo yabo yokusakaza izindaba ezinhle ngoMbuso kaNkulunkulu. Kusukela ngo-1939, esembozweni se-Nqabayokulinda ngayinye bekulokhu kunamagama athi “Ememezela UMbuso KaJehova.” Incwadi ekhuluma ngezinkolo yathi umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova awunakuqhathaniswa nalutho ngenxa “yobukhulu nentshiseko owenziwa ngayo.” Lo msebenzi wokufakaza ugcizelela izindaba ezinhle zokuthi maduzane ngoMbuso kaNkulunkulu ‘ukuphela kuzofika.’

INKATHI EBALULEKE KAKHULU EMLANDWENI WESINTU

Uke wakuqaphela yini ukuthi izibonakaliso zeBhayibheli ezine eziyisixwayiso okukhulunywe ngazo kulesi sihloko ziye zabonakala esikhathi esiphila kuso? Sekuyiminyaka engaphezu kweyikhulu lo magazini unikeza abafundi bawo ukwaziswa ngezenzakalo ezenzeka emhlabeni ukuze ubasize babone ukuthi ukuphela sekuyasondela. Kuyiqiniso ukuthi abanye abantu abavumelani nalokhu, baphetha ngokuthi amaqiniso angashintsha kuye ngokuthi ubani owashoyo. Baphinde bathi njengoba ezokuxhumana emhlabeni ziqhubeka zithuthuka, isimo sezwe siya siba sibi nakakhulu. Noma kunjalo, kunobufakazi obandayo bokuthi siphila ngasekupheleni kwenkathi ebalulekile emlandweni wesintu.

Ezinye izazi zinomuzwa wokuthi sisondela enkathini yezinguquko ezinkulu emhlabeni. Ngokwesibonelo, ngo-2014, i-Science and Security Board ye-Bulletin of the Atomic Scientists yaxwayisa i-United Nations Security Council ngezinto eziyingozi ezingasongela ukuphila kwabantu. Labo sosayensi bayavuma: “Ukuhlola ngokucophelela lezi zinsongo kusenza siphethe ngokuthi maningi amathuba okuba kube nenhlekelele ebangelwa ezobuchwepheshe.” Abantu abaningi bayaqiniseka ukuthi siphila esikhathini esibaluleke kakhulu emlandweni wesintu. Abanyathelisi balo magazini kanye neningi labafundi bawo, abangabazi nhlobo ukuthi le nkathi ekhethekile iyizinsuku zokugcina ngempela nokuthi ukuphela sekuseduze. Kunokuba ikusasa likwethuse, lingakwenza ujabule kakhulu. Kungani? Ngoba ungasinda lapho kufika isiphelo!