Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Lisiphatheleni ikusasa?

Ukufa KukaJesu Kusiza Kanjani Ekwakheni Umphakathi Onabantu Abakhathalelanayo?

Akungabazeki ukuthi abantu bazoqhubeka bethuthuka kwezesayensi. Kodwa bangakwazi yini ukwakha umphakathi onabantu abakhathalelana ngempela? Cha. Namuhla, izwe ligcwele ukuzicabangela nobugovu. Nokho, injongo kaNkulunkulu iwukulethela abantu okuthile okungcono.—Funda eyesi-2 Petru 3:13.

IZwi likaNkulunkulu lichaza umphakathi wesikhathi esizayo oyoba nabantu abathandanayo. Abantu bayohlala ngokulondeka futhi akekho oyobalimaza.—Funda uMika 4:3, 4.

Buyoqedwa kanjani ubugovu?

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala umuntu engenabo ubugovu. Kodwa ngokukhetha ukungamlaleli uNkulunkulu, umuntu wokuqala walahlekelwa ukuphelela kwakhe. Ngakho siye sazuza ubugovu kuye. Nokho, uNkulunkulu uzosebenzisa uJesu ukuze abuyisele isintu ekupheleleni.—Funda eyabaseRoma 7:21, 24, 25.

Ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu, uJesu wafa njengesihlengo futhi wasusa imiphumela yokungalaleli komuntu wokuqala. (Roma 5:19) Ngaleyo ndlela uJesu wabangela ukuba sikwazi ukuthola ikusasa elimangalisayo lapho abantu beyokhululeka khona ebugovwini obubenza benze izinto ezingalungile.—Funda iHubo 37:9-11.