Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE UNKULUNKULU UYAKUKHATHALELA?

UNkulunkulu Ukuqaphile

UNkulunkulu Ukuqaphile

“Amehlo [kaNkulunkulu] asezindleleni zomuntu, futhi zonke izinyathelo zakhe uyazibona.”—JOBE 34:21.

Ingane encane iyona ekudinga kakhulu ukunakwa abazali bayo

OKWENZA ABANYE BANGABAZE: Ucwaningo lwamuva lubonisa ukuthi umthala wethu unamaplanethi angaba ngu-100 000 000 000. Njengoba indawo yonke inkulu kangaka, abantu abaningi bangase bazibuze, ‘Kungani uMdali ongumninimandla onke kufanele abheke okwenziwa abantu abaphansi abahlala eplanethini encane?’

LOKHO OKUFUNDISWA IZWI LIKANKULUNKULU: UNkulunkulu akasinikanga iBhayibheli wabe esekhohlwa yithi. Kunalokho uJehova uyasiqinisekisa: “Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.”—IHubo 32:8.

Cabanga ngoHagari, owesifazane waseGibhithe wangekhulu le-20 leminyaka B.C.E. UHagari wadelela umqashi wakhe uSarayi, ngenxa yalokho uSarayi wamlulaza futhi uHagari wabalekela ehlane. Njengoba uHagari ayenze iphutha, ingabe uNkulunkulu wayeka ukumkhathalela? IBhayibheli liyabika: ‘Ingelosi kaJehova yamthola.’ Leyo ngelosi yaqinisekisa uHagari, yathi: “UJehova ukuzwile ukuhlupheka kwakho.” UHagari wabe esethi kuJehova: “UnguNkulunkulu obonayo.”—Genesise 16:4-13.

“UNkulunkulu obonayo” ukuqaphile nawe. Ngokwesibonelo: Umama onothando uyazinakisisa izingane zakhe ezincane, ngoba ingane encane iyona ekudinga kakhulu ukunakwa abazali bayo. Ngokufanayo, uNkulunkulu usiqapha ngokukhethekile lapho sicindezelekile futhi sibuthakathaka. UJehova uthi: “Ngihlala endaweni ephakeme nasendaweni engcwele, futhi ngihlala nalowo ochotshoziwe onomoya othobekile, ukuze ngivuselele umoya wabathobekileyo futhi ngivuselele inhliziyo yabachotshozwayo.”—Isaya 57:15.

Nokho, ungase uzibuze: ‘UNkulunkulu ungiqapha kanjani? Ingabe ungahlulela ngokubukeka kwami, noma ingabe ubheka umuntu ongaphakathi futhi aqonde lokho engiyikho ngempela?’