Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI BALO MAGAZINI . . .

Ubani Owenza UNkulunkulu?

Ubani Owenza UNkulunkulu?

Ake ubone ngeso lengqondo ubaba exoxa nendodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa. Uthi kuyo, “Eminyakeni eminingi kakhulu edlule, uNkulunkulu wenza umhlaba nakho konke okukuwo, wenza ilanga, inyanga nezinkanyezi.” Indodana icabanga ngalokhu umzuzwana bese ibuza, “Baba, ubani owenza uNkulunkulu?”

Ubaba uyaphendula, “Akekho umuntu owenza uNkulunkulu. Ubelokhu ekhona.” Le ndodana iyaneliseka ngale mpendulo elula okwangaleso sikhathi. Kodwa njengoba ikhula, lo mbuzo uyaqhubeka uyihlupha. Ikuthola kunzima ukuqonda ukuthi kungenzeka kanjani ukuba kube nomuntu ongenasiqalo. Engani ngisho nendawo yonke inaso isiqalo. Iyazibuza, ‘Wavelaphi uNkulunkulu?’

IBhayibheli liwuphendula kanjani lo mbuzo? Liwuphendula ngendlela ubaba osesibonelweni awuphendula ngayo. UMose wabhala: “O Jehova, . . . zingakazalwa izintaba ungakawuvezi umhlaba nezwe elikhiqizayo . . . kusukela nini nanini kuze kube nini nanini wena unguNkulunkulu.” (IHubo 90:1, 2) Ngendlela efanayo umprofethi u-Isaya wababaza: “Awukazi yini awukezwa? UJehova, uMdali wemikhawulo yomhlaba, unguNkulunkulu kuze kube nini nanini”! (Isaya 40:28) Ngendlela efanayo incwadi kaJude ithi uNkulunkulu ukhona “kulo lonke iphakade.”—Jude 25.

Le miBhalo ibonisa ukuthi uNkulunkulu ‘uyiNkosi engunaphakade,’ njengoba umphostoli uPawulu emchaza. (1 Thimothewu 1:17) Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu ubelokhu ekhona kungakhathaliseki ukuthi sibuyela emuva isikhathi eside kangakanani. Uyohlale ekhona futhi. (IsAmbulo 1:8) Ngakho ukuphila phakade kuyisici esiyinhloko soMninimandla onke.

Kungani kunzima ngathi ukukuqonda lokhu? Ngenxa yokuthi ukuphila kwethu okufushane kusenza sibheke isikhathi ngendlela ehlukile kuleyo uJehova abheka ngayo isikhathi. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uphila phakade, iminyaka eyinkulungwane ifana nosuku kuye. (2 Petru 3:8) Ngokwesibonelo: Ingabe intethe, ephila izinsuku ezingu-50 lapho isikhule ngokuphelele, ingasiqonda isikhathi sokuphila kwethu esiyiminyaka engu-70 noma engu-80? Lutho neze! IBhayibheli lichaza ukuthi sifana nezintethe lapho siqhathaniswa noMdali wethu Omkhulu. Ngisho nezinga lethu lokucabanga alinakuqhathaniswa nelakhe. (Isaya 40:22; 55:8, 9) Ngakho akumangazi ukuthi kunezici zobuntu bukaJehova abantu abangenakuziqonda ngokuphelele.

Nakuba kunzima ukukuqonda ukuphila phakade kukaNkulunkulu, lapho sicabanga ngakho siyakwazi ukubona ukuthi kunengqondo. Ukube bekukhona othile odale uNkulunkulu, lowo muntu ebeyoba uMdali. Nokho, njengoba iBhayibheli lichaza, uJehova nguye ‘owadala zonke izinto.’ (IsAmbulo 4:11) Ngaphezu kwalokho siyazi ukuthi ekuqaleni indawo yonke yayingekho. (Genesise 1:1, 2) Yavela kuphi? Kwadingeka ukuba kube khona uMdali wayo kuqala. Wayekhona zingakabibikho ezinye izidalwa ezihlakaniphile, njengeNdodana yakhe ezelwe yodwa nezingelosi. (Jobe 38:4, 7; Kolose 1:15) Ngakho, kuyacaca ukuthi ekuqaleni wayephila yedwa. Akunakwenzeka ukuthi wadalwa; ayikho into eyayikhona eyayingamdala.

Ukuba khona kwethu nayo yonke indalo kunikeza ubufakazi bokuba khona kukaNkulunkulu ophila phakade. Lowo obangela ukuba indawo yonke inyakaze, Lowo owasungula imithetho elawula indawo yonke, kumelwe ukuba wayelokhu ekhona. Uyena kuphela okumelwe ukuba waphefumulela ukuphila kuzo zonke ezinye izinto.—Jobe 33:4.