Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izahlulelo ZikaNkulunkulu—Ingabe Zazibonisa Ukuthi Unonya?

Izahlulelo ZikaNkulunkulu—Ingabe Zazibonisa Ukuthi Unonya?

UKUZE siphendule lo mbuzo, ake sixoxe kafushane ngezibonelo ezimbili zezahlulelo zikaNkulunkulu eziseBhayibhelini—uZamcolo wosuku lukaNowa nokuqothulwa kwabantu baseKhanani.

UZAMCOLO WOSUKU LUKANOWA

ABANYE ABANTU BATHI: “UNkulunkulu waba nonya ngokuletha uzamcolo owabhubhisa bonke abantu ngaphandle kukaNowa nomndeni wakhe.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: UNkulunkulu wathi: “Angijabuli ngokufa komubi kodwa ngokuba omubi abuye endleleni yakhe futhi empeleni aqhubeke ephila.” (Hezekeli 33:11) Ngakho ukubhujiswa kwababi ngosuku lukaNowa akumjabulisanga nhlobo uNkulunkulu. Pho, kungani ababhubhisa?

IBhayibheli lithi esikhathini esidlule lapho uNkulunkulu ebhubhisa abantu abangamesabi, “[wayebekela] abantu abangamhloniphi uNkulunkulu isibonelo sezinto ezizayo.” (2 Petru 2:5, 6) Isiphi isibonelo esabekwa uNkulunkulu?

Okokuqala, ngisho noma kwakumzwisa ubuhlungu ukubhubhisa abantu, uNkulunkulu wakwenza kwacaca ukuthi uyababona abantu abanonya abahlupha abanye futhi uyobenza balandise ngezenzo zabo. Ngokuhamba kwesikhathi, uyoqeda konke ukungabi nabulungisa nokuhlupheka.

Okwesibili, izenzo zikaNkulunkulu zangesikhathi esidlule zibonisa ukuthi uNkulunkulu ubaxwayisa ngothando abantu ngaphambi kokuba akhiphe isahlulelo. UNowa wayengumshumayeli wokulunga, kodwa iningi labantu alimnakanga. IBhayibheli lithi: ‘Abanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke.’—Mathewu 24:39.

Ingabe uNkulunkulu usenza ngaleyo ndlela? Yebo. Ngokwesibonelo, waxwayisa abantu bakhe u-Israyeli ngokuthi uma benza okubi njengezizwe ezazibazungezile, wayeyovumela izitha zabo ukuba zibahlasele; zibhubhise inhloko-dolobha yabo iJerusalema; futhi zibathumbe zibayise ekudingisweni. U-Israyeli wenza okubi—waze wenza imihlatshelo ngezingane. Ingabe uJehova wasithatha isinyathelo? Yebo, kodwa ngemva kokuba ethumele abaprofethi ngokuphindaphindiwe ukuba baxwayise abantu bakhe, ukuze bashintshe izindlela zabo kungakephuzi kakhulu. Waze wathi: “INkosi EnguMbusi uJehova ngeke yenze utho ngaphandle kokuba iyambulile imfihlo yayo ezincekwini zayo, abaprofethi.”—Amose 3:7.

INDLELA OKUKUTHINTA NGAYO: Lokho esikubona ezahlulelweni zikaJehova zangesikhathi esidlule  kusinika ithemba. Singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzobabhubhisa labo abahlupha abanye ngonya. IBhayibheli lithi: “Abenzi bokubi bazonqunywa . . . Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” (IHubo 37:9-11) Ucabangani ngesahlulelo sikaNkulunkulu esizokhulula abantu ekuhluphekeni? Ingabe sibonisa unya noma isihe?

UKUQOTHULWA KWABANTU BASEKHANANI

ABANYE ABANTU BATHI: “Ukubhujiswa kwabantu baseKhanani kwakubonisa unya olufana nokuqothulwa kohlanga okwenziwa namuhla.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Zonke izindlela [zikaNkulunkulu] ziwubulungisa. [UnguNkulunkulu] wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye.” (Duteronomi 32:4) Isahlulelo sikaNkulunkulu asifani nezimpi zabantu. Ngani? Ngoba, ngokungafani nabantu, uNkulunkulu ubona okusezinhliziyweni—okuwukuthi, lokho abantu abayikho ngaphakathi.

Ngokwesibonelo, lapho uNkulunkulu ahlulela imizi yaseSodoma neyaseGomora futhi ezimisele ukuyibhubhisa, u-Abrahama, indoda ethembekile, wayefuna kwenziwe ngendlela enobulungisa. Wayengacabangi ukuthi uNkulunkulu wakhe onobulungisa ‘wayezokhukhula olungile kanye nomubi.’ Ngesineke, uNkulunkulu wamqinisekisa ngokuthi uma kwakukhona abayishumi abalungile eSodoma, wayengeke awubhubhise lowo muzi ngenxa yabo. (Genesise 18:20-33) Kusobala ukuthi lapho uNkulunkulu ehlola izinhliziyo zalabo bantu, wabona ukuthi ububi babo babujule kangakanani.—1 IziKronike 28:9.

Ngokufanayo, uNkulunkulu wahlulela abaseKhanani futhi wakubona kufaneleka ukuba babhujiswe. AbaseKhanani babedume ngokuba nesihluku, esasihlanganisa ukwenza imihlatshelo ngokushisa izingane ziphila. * (2 AmaKhosi 16:3) AbaseKhanani babazi ukuthi uJehova wayeyale ama-Israyeli ukuba adle izwe lawo. Labo abakhetha ukusala balwa, hhayi nje nama-Israyeli, kodwa noJehova owayebanikeze ubufakazi obunamandla bokuthi uyabasekela abantu bakhe.

Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wababonisa umusa abantu baseKhanani abaphenduka ebubini babo futhi baphila ngokuvumelana nemithetho kaJehova ephakeme yokuziphatha. Ngokwesibonelo, uRahabi waseKhanani, owayeyisifebe akazange abhujiswe yena nomndeni wakhe. Nalapho izakhamuzi zaseGibheyoni, umuzi waseKhanani, zicela ukuboniswa umusa, zona nezingane zazo azizange zibhujiswe.—Joshuwa 6:25; 9:3, 24-26.

INDLELA OKUKUTHINTA NGAYO: Singafunda isifundo esibalulekile ekwahlulelweni kwabantu baseKhanani. Sisondela ngokushesha “osukwini lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.” (2 Petru 3:7) Uma simthanda uJehova, siyozuza lapho eqeda ukuhlupheka kwabantu ngokubhubhisa labo abenqaba ukubusa kwakhe okunobulungisa.

Abantu baseKhanani babenesihluku futhi bamelana ngamabomu noNkulunkulu nabantu bakhe

Ngothando uJehova usikhumbuza ukuthi izinqumo ezenziwa abazali ziyazithinta izingane zabo. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Kumelwe ukhethe ukuphila ukuze uqhubeke uphila, wena nenzalo yakho, ngokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho, ngokulalela izwi lakhe nangokunamathela kuye.” (Duteronomi 30:19, 20) Ingabe lawo amazwi ashiwo uNkulunkulu ononya noma uNkulunkulu othanda abantu ofuna benze izinqumo ezinhle?

^ isig. 15 Abavubukuli baye bathola ubufakazi obubonisa ukuthi ukukhulekela kwabantu baseKhanani kwakuhlanganisa ukwenza imihlatshelo ngezingane.