Eyokuqala YeziKronike 28:1-21
28 Ngemva kwalokho uDavide waqoqela ndawonye zonke izikhulu zakwa-Israyeli eJerusalema: izikhulu zezizwe, izinduna zezigaba + zalabo ababekhonza inkosi, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, + izinduna zayo yonke impahla nemfuyo yenkosi + neyamadodana ayo, + kanye nezikhulu zegceke nawo wonke amadoda anamandla nanekhono lokwenza izinto. +
2 INkosi uDavide yasukuma yama ngezinyawo yathi:
“Ngilaleleni bafowethu nabantu bami. Kwakuyisifiso senhliziyo yami ukwakha indlu ibe indawo yokuphumula yomphongolo wesivumelwano sikaJehova futhi ibe indawo kaNkulunkulu wethu yokubeka izinyawo, *+ futhi ngenza namalungiselelo okwakha. +
3 Kodwa uNkulunkulu weqiniso wathi kimi, ‘Ngeke ulakhele indlu igama lami + ngoba ungumuntu wezimpi, futhi uye wachitha igazi.’ +
4 Nokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wakhetha mina kuyo yonke indlu kababa ukuba ngibe inkosi phezu kuka-Israyeli kuze kube phakade, + ngoba nguJuda amkhetha ukuba abe umholi, + futhi endlini kaJuda, indlu kababa, + naphakathi kwamadodana kababa, yimi amamukela, wangibeka ngaba inkosi phezu kwawo wonke u-Israyeli. +
5 Kuwo wonke amadodana ami—ngoba maningi amadodana uJehova anginike wona +—wakhetha uSolomoni + indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi bukaJehova phezu kuka-Israyeli. +
6 “Wathi kimi, ‘USolomoni indodana yakho nguye oyokwakha indlu yami namagceke ami, ngoba ngikhethe yena ukuba abe indodana yami, mina ngibe uyise. +
7 Ngiyobumisa buqine ubukhosi bakhe kuze kube phakade + uma ezimisela ukugcina imiyalo yami nezinqumo zami zokwahlulela + njengoba enza.’
8 Ngakho phambi kwawo wonke u-Israyeli, ibandla likaJehova, nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu, ngithi: Gcinani ngokucophelela futhi nifune yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, ukuze nidle ifa laleli zwe elihle + futhi nilidlulisele emadodaneni enu njengefa laphakade.
9 “Wena Solomoni ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo futhi umkhonze ngenhliziyo ephelele *+ nangomphefumulo* ojabulayo,* ngoba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, + futhi uqonda yonke imicabango nezifiso. + Uma umfuna, uyomthola, + kodwa uma umshiya, uyokulahla kuze kube phakade. +
10 Manje, lalela, ngoba uJehova ukukhethile ukuba umakhele indlu ibe indlu engcwele. Yiba nesibindi usebenze.”
11 UDavide wabe esenika uSolomoni indodana yakhe ipulani lokwakha + umpheme + nezindlu, amakamelo okugcina izimpahla, amagumbi asophahleni, amakamelo angaphakathi nendlu yesihlawulelo. +
12 Wamnika ipulani lokwakha zonke izinto eladluliselwa kuye ngokuphefumulelwa,* ipulani lamagceke + endlu kaJehova, lawo wonke amagumbi okudlela ayenxazonke, legumbi lengcebo yendlu kaNkulunkulu weqiniso nelegumbi lengcebo yezinto ezingcwelisiwe; *+
13 wamnika nomyalo ophathelene nezigaba zabapristi + nezamaLevi, nowayo yonke imisebenzi yenkonzo yendlu kaJehova, nowazo zonke izinto zenkonzo yendlu kaJehova;
14 washo isisindo segolide, igolide lazo zonke izinto zezinkonzo ezihlukahlukene, nesisindo sazo zonke izinto zesiliva, nesazo zonke izinto zezinkonzo ezihlukahlukene;
15 nesisindo sezinti zezibani zegolide + nezibani zazo zegolide, isisindo sezinti zezibani ezihlukahlukene nezibani zazo, nesisindo sezinti zezibani zesiliva, nesothi lwesibani ngalunye nezibani zalo ngokomsebenzi walo;
16 nesisindo segolide lamatafula ezinkwa ezitakelene *+ zetafula ngalinye, kanye nesiliva lamatafula esiliva,
17 nezimfologo, izitsha, ojeke begolide elingaxutshiwe, nesisindo sezitsha ezincane zegolide, + sesitsha esincane ngasinye, nesisindo sezitsha zesiliva ezincane, sesitsha esincane ngasinye.
18 Wamnika nesisindo segolide elicwengekile le-altare lempepho + nesomfanekiso wenqola, + okungukuthi, amakherubi + egolide ayelule amaphiko awo amboza umphongolo wesivumelwano sikaJehova.
19 UDavide wathi: “Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wanginika ukuqondisisa ukuze ngibhale + yonke imininingwane yepulani + lokwakha.”
20 UDavide wabe esethi kuSolomoni indodana yakhe: “Yiba nesibindi uqine, usebenze. Ungesabi noma wethuke ngoba uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu wami, unawe. + Ngeke akulahle noma akushiye, + kodwa uzoba nawe uze uqedwe wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.
21 Lezi izigaba zabapristi + nezamaLevi + ezizokwenza yonke inkonzo yendlu kaNkulunkulu weqiniso. Unezisebenzi ezizimisele nezinekhono ezizokwenza lonke uhlobo lwenkonzo, + kanye nezikhulu + nabo bonke abantu abazokwenza konke okushoyo.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ibe isenabelo sezinyawo sikaNkulunkulu.”
^ Noma, “ezinikele ngokuphelele.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ozimisele.”
^ NgesiHebheru, “ngomoya.”
^ Noma, “ezinikelwe.”
^ Okuwukuthi, isinkwa sokubukwa.