Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izingelosi—Lokho Eziyikho

Izingelosi—Lokho Eziyikho

Izingelosi—Lokho Eziyikho

INKOSI yombuso onamandla ayikukholelwa ekubonayo. Amadoda amathathu abejeziswe ngokufakwa esithandweni somlilo akhululiwe ekufeni! Ubani owakhululile? Inkosi uqobo lwayo ithi kula madoda amathathu akhululiwe: “Makatuswe uNkulunkulu [wenu], othumele ingelosi yakhe yophula izinceku zakhe ezithembele kuye.” (Daniyeli 3:28) Lo mbusi waseBhabhiloni owayebusa eminyakeni engaphezu kwezinkulungwane ezimbili edlule wazibonela ngawakhe lapho ingelosi iwakhulula. Endulo izigidi zabantu zazikholelwa ezingelosini. Abaningi namuhla abagcini nje kuphela ngokukholelwa ukuthi zikhona kodwa bananomuzwa wokuthi ngandlela-thile ziyakuthinta ukuphila kwabo. Izingelosi zingobani, futhi zivelaphi?

NgokweBhayibheli, izingelosi ziyimimoya, njengoba nje noNkulunkulu enguMoya. (IHubo 104:4; Johane 4:24) Umkhaya wezingelosi mkhulu, ubalelwa ezigidini. (IsAmbulo 5:11) Futhi zonke ‘zinamandla amakhulu.’ (IHubo 103:20) Nakuba izingelosi zifana nabantu ngokuthi zinobuntu futhi zinenkululeko yokuzikhethela, aziqalanga ngokuba ngabantu. Empeleni, uNkulunkulu wadala izingelosi ngaphambi kokudala abantu—ngisho nangaphambi kokuba adale le planethi ewuMhlaba. Ngesikhathi uNkulunkulu ‘esekela umhlaba’ iBhayibheli lithi, “izinkanyezi zokusa” eziyizingelosi ‘zakhamuluka kanyekanye ngenjabulo, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu aqala ukumemeza ehalalisa.’ (Jobe 38:4, 7) Njengoba izingelosi ziyindalo kaNkulunkulu, zibizwa ngokuthi amadodana akhe.

UNkulunkulu wazidalelani izingelosi? Izingelosi zaba nayiphi indima emlandweni wabantu? Ingabe ziyakuthinta ukuphila kwethu namuhla? Njengoba ziyizidalwa ezinenkululeko yokuzikhethela, ingabe zikhona ezalandela inkambo kaSathane uDeveli futhi zazenza izitha zikaNkulunkulu? IBhayibheli linikeza izimpendulo eziyiqiniso kule mibuzo.