Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufuna Abafanelekayo EKenya

Ukufuna Abafanelekayo EKenya

Ukufuna Abafanelekayo EKenya

IKENYA iyizwe elihle kakhulu ngokwemvelo. Amahlathi enile, odedangendlale bamathafa, izingwadule ezishisa bhé nezintaba ezilele iqhwa konke kuhlobisa leli zwe elihle. Kunezinkonkoni ezingaphezu kwesigidi kanye nobhejane osengozini yokushabalala. Ungabona nemihlambikazi yezindlulamithi ihamba emathafeni.

Ziningi nezilwane ezindizayo, kusukela ezinkozini ezinamandla ezintwezayo kuya ezinkulungwaneni zezinyoni ezimibalabala eziphakela indlebe umculo omtoti. Futhi ubani ongashalazela izindlovu namabhubesi? Izinto ozibona eKenya nozizwa khona azilibaleki.

Nokho, kunomunye futhi umsindo ozwakala kulo lonke leli zwe elihle. Ngumsindo wezinkulungwane zamazwi amemezela isigijimi sethemba. (Isaya 52:7) La mazwi afinyelela abantu bezizwe nezilimi ezingaphezu kuka-40. Ngalo mqondo, iKenya iyizwe elihle nangokomoya.

Iningi labantu baseKenya liyayithanda inkolo futhi liyakujabulela ukuxoxa ngezinto ezingokomoya. Naphezu kwalokhu, ukuthola abantu ongaxoxa nabo sekuyinselele, ngoba eKenya, njengakwamanye amazwe amaningi, kwenzeka izinguquko.

Izimo ezinzima zezomnotho ziye zaphoqa abaningi ukuba bashintshe indlela yabo yokuphila. Abesifazane, abebelokhu besebenza ekhaya ngokuvamile, bazithola besemahhovisi noma beseceleni kwemigwaqo bedayisa izithelo, imifino, izinhlanzi nobhasikidi abelukiwe. Amadoda asebenza kanzima isikhathi eside ezama ukondla imizi yawo. Ngisho nezingane zihamba emigwaqweni zidayisa, izingadlwana zazo zigcwele amaphakethe amantongomane agazingiwe namaqanda abilisiwe. Lokho kwenza babe mbalwa abantu abasemakhaya emini. Lesi simo siye senza kwadingeka ukuba abamemezeli bezindaba ezinhle zoMbuso benze izinguquko.

Amabandla oFakazi BakaJehova alulekwa ukuba agxile kakhudlwana kubantu abangekho emizini yabo, abehla benyuka benza imisebenzi yabo yansuku zonke, kanye nakubangane, izihlobo, osomabhizinisi nabasemsebenzini. Futhi abazalwane basabela, baxoxa nabantu nomaphi lapho betholakala khona. (Mathewu 10:11) Ingabe lo mzamo wokwanuleka uye wathela? Yebo! Cabanga ngezinye zezibonelo.

Izihlobo—Omakhelwane Bethu Abaseduze Kakhulu

Inhloko-dolobha yaseKenya, iNairobi, inezakhamuzi ezingaba yizigidi ezintathu. Ohlangothini olungasempumalanga kuleli dolobha kwakuhlala induna yempi eseyathatha umhlalaphansi eyayingabathandi oFakazi BakaJehova, nakuba indodana yayo yayinguFakazi, okwakuyinto engayijabuleli neze. Ngo-February othile, lona owayekade eyisikhulu wathatha uhambo lwamakhilomitha angu-160 waya kwandodana yakhe edolobhaneni laseNakuru, eliseRift Valley. Kulokho kuvakasha, indodana yamupha isipho—incwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. * Uyise wayamukela, wayesehamba.

Esesekhaya, lona owayekade eyisikhulu wanika umkakhe incwadi, owaqala ukuyifunda, engaboni ukuthi inyatheliswa oFakazi BakaJehova. Kancane kancane, iqiniso leBhayibheli laqala ukumthinta inhliziyo, wayesexoxela umyeni wakhe ngezinto azifundayo. Efuna ukwazi, nomyeni waqala ukuyifunda le ncwadi. Lapho bethola ukuthi inyatheliswa obani, baphetha ngokuthi babengatshelwanga iqiniso ngoFakazi BakaJehova. Bathintana noFakazi bendawo, kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Ngokuzifundela bona encwadini babona ukuthi ukusebenzisa ugwayi noma ukuwudayisa akuhambisani nobuKristu. (Mathewu 22:39; 2 Korinte 7:1) Ngaphandle kokuzindela, balahla wonke usikilidi owawusesitolo sabo. Ngemva kwezinyanga ezithile, bafanelekela ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe, futhi ngokushesha babhapathizwa emhlanganweni wesigodi.

Imfucumfucu Iveza Umcebo

Kwezinye izingxenye zendawo yangasenhloko-dolobha, kuthe chithí saka amalokishi anamakhulu ezinkulungwane zabantu. Lapha uthola kuklelé imizi yodaka, eyamapulangwe, eyezinsimbi ezindala noma ekathayela. Lapho umsebenzi wasemafemini uba yindlala, abantu baziqalela owabo. Izisebenzi ezingama-Jua kali (okusho “ilanga elivutha bhé” ngesiSwahili) ziyajuluka elangeni, zenza izimbadada ngamathaya amadala ezimoto noma zenza iziketekete ngamakopi alahliwe. Ezinye zivundulula izinqwaba zemfucumfucu nemigqomo zifuna amaphepha, amakani namabhodlela konke okuyogaywa kabusha.

Ingabe imfucumfucu ingawuveza umcebo? Yebo! Omunye umzalwane uyakhumbula: “EHholo lethu Lomhlangano kwafika indoda eyisidlakela, emadlakadlaka futhi ebonakala ingumahlek’ ehlathini iphethe isaka elikhulu likapulastiki eligcwele amaphephandaba nomagazini asebelahliwe. Ngemva kokungitshela ukuthi inguWilliam igama layo, yangibuza: ‘Ninabo omagazini be-Nqabayokulinda bamuva?’ Ngashaywa uvadlwana, ngizibuza ukuthi iqondeni. Lapho ngiyibonisa omagazini abahlanu, yababuka ngokulandelana yayisithi: ‘Ngizobathatha bonke.’ Ngimangele, ngaphindela endlini ngabuya nencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. * Ngayibonisa isithombe sePharadesi ngase ngichaza ukuthi sifunda nabantu iBhayibheli mahhala. Ngabe sengithi: ‘William, kunganjani ufike kusasa, siqale ukufunda?’ Wenza kanjalo!

“Ngolunye usuku ngeSonto yafika emhlanganweni ngokokuqala ngqá. Kwakuyimi owayenikeza inkulumo yeningi ngalolo suku. UWilliam wangena wathi qalaqala ezethamelini, wangibona ngisendaweni yesikhulumi, waphuma ngejubane ehholo. Kamuva ngambuza ukuthi ubekwenzelani lokho. Waphendula enamahloni: ‘Abantu bebehlanzeke kakhulu. Ngivele ngesaba.’

“Njengoba uWilliam ethuthuka esifundweni sakhe, iqiniso leBhayibheli laqala ukushintsha ukuphila kwakhe. Wageza, wagunda izinwele, wagqoka izingubo ezihlanzekile nezinobunono futhi kungakabiphi wayeseba khona njalo emihlanganweni. Lapho kukhululwa incwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, saqala ukufunda yona. Ngaphambi kwalokho, wayesenikeze izinkulumo ezimbili eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini futhi esengummemezeli ongabhapathiziwe. Ngakujabulela kakhulu ukumamukela njengomfowethu ongokomoya lapho ebhapathizwa emhlanganweni wosuku olukhethekile.”

UWilliam wayeqalephi ukubona ukubaluleka kukamagazini INqabayokulinda? “Ngathola omagazini abathile emaphepheni alahliwe emfucumfucwini.” Yebo, wathola umcebo ngaleyo ndlela obungeke uyicabange!

Ukushumayela Emsebenzini

Ingabe siyawaphaphamela ngaso sonke isikhathi amathuba okushumayela ngokwethukela emsebenzini? UJames, umdala wasebandleni laseNairobi, walithola kanjalo iqiniso leBhayibheli. Naye usenekhono ekusebenziseni le ndlela ukuze afinyelele abanye. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi uJames wabona othile asebenza naye engena ehhovisi efake ibheji elibhalwe ukuthi “UJesu Uyasindisa.” Elingisa umvangeli uFilipi, uJames wabuza lona asebenza naye: “Uyakuqonda ngempela yini lokho okushiwo yilawo mazwi?” (IzEnzo 8:30) Lowo mbuzo wavula ingxoxo enhle. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli, futhi kamuva le ndoda yabhapathizwa. Ingabe uJames uye waphumelela kwabanye? Mvumele achaze:

“Sasisebenza enkampanini eyodwa noTom. Sasivame ukugibela ndawonye ibhasi lasemsebenzini. Ngelinye ilanga ekuseni, kwenzeka sahlala ndawonye. Ngangifunda enye yezincwadi zethu, ngase ngiyibamba ngendlela yokuba ngiqiniseke ukuthi uTom uyibona kahle. Njengoba nje ngangifisa, waba nesithakazelo, futhi ngamboleka ngenjabulo incwadi yami. Kwamhlaba umxhwele kakhulu akufunda futhi wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Manje yena nomkakhe bayizinceku zikaJehova ezibhapathiziwe.”

UJames uyaqhubeka: “Kuvamile enkampanini yethu ukuba ngesikhathi sekhefu kube nezingxoxo ezithakazelisa kakhulu. Ngahlangana lapho no-Ephraim noWalter, ngezikhathi ezihlukene. Bobabili babazi ukuthi nginguFakazi. U-Ephraim wayenesithakazelo sokwazi ukuthi kungani oFakazi BakaJehova bengathandwa kangaka. UWalter wayenemibuzo mayelana nomahluko ophakathi koFakazi nezinye izinkolo. Bobabili zabagculisa impela izimpendulo ezingokomBhalo engabanika zona futhi bavuma ukutadisha iBhayibheli. U-Ephraim wathuthuka ngokushesha. Ngokuhamba kwesikhathi, yena nomkakhe banikezela ukuphila kwabo kuJehova. Manje ukhonza njengomdala futhi umkakhe uyiphayona elivamile. Nokho, uWalter wabhekana nokuphikiswa okunamandla kangangokuthi walahla incwadi yakhe yesifundo. Nokho, ngenxa yokuphikelela kwami, wasivuselela isifundo sakhe. Naye manje usejabulela ilungelo lokukhonza njengomdala.” Sebebonke, bangu-11 abantu abaye baba ngamaKristu eqiniso ngenxa yokuthi uJames wasebenzisa amathuba okushumayela ngokwethukela emsebenzini wakhe.

Umphumela Omangaza Kakhulu

Edolobhaneni elincane elisosebeni lweLake Victoria, kwakubuthene abangane nezihlobo emngcwabeni. Phakathi kwababelila kwakunoFakazi othile osekhulile. Waya kuthisha okuthiwa uDolly wafike wamchazela ngesimo sabafileyo nangenjongo kaJehova yokususa ukufa phakade. Ephawula ukusabela okuhle kukathisha, lo mzalwane wamqinisekisa: “Uma usubuyele edolobheni langakini, uzovakashelwa esinye sezithunywa zethu zevangeli sizokufundisa iBhayibheli.”

Idolobha langakubo kaDolly lingelesithathu kwamakhulu eKenya. Ngaleso sikhathi zazizine kuphela izithunywa zevangeli ezingoFakazi ezazikhonza khona. Lo mzalwane osekhulile akazange azitshele izithunywa zevangeli ukuthi maziye kuDolly. Wamane waqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho kwakuzokwenzeka. Kwenzeka ngempela! Kungakabiphi, udade othile oyisithunywa sevangeli wahlangana noDolly, waqala ukufunda naye. UDolly manje usebhapathiziwe, indodakazi yakhe encane ibhalisile eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, futhi amadodana akhe amabili nawo abhapathiziwe. Uye wajabulela ngisho nokuya eSikoleni Senkonzo Yamaphayona.

Ukunakekela Ukwanda

Ukugcizelelwa kokushumayela ngokwethukela kuye kwenza izinkulungwane ezengeziwe zakwazi ukuzwa izindaba ezinhle eKenya. Abamemezeli abangaphezu kuka-15 000 manje bamatasa kulo msebenzi obaluleke kakhulu, futhi ngonyaka odlule kwaba khona abangaphezu kuka-41 000 eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Kulo lonke elaseKenya, inani lababa khona emihlanganweni ngokuvamile liliphinda kabili inani labamemezeli boMbuso. Lokhu kuye kwaveza isidingo samaHholo OMbuso engeziwe.

Emadolobheni amakhulu nasezindaweni ezicezile kwakhiwa amaHholo OMbuso. Elinye lawo lisedolobhaneni laseSamburu elithé qekelele, emakhilomitheni angaba ngu-320 enyakatho-mpumalanga yeNairobi. Ngo-1934, leli dolobhana laqanjwa ngokuthi iMaralal, okusho ukuthi “okucwazimulayo” ngolimi lwesiSamburu, ngoba uphahla lokuqala lukathayela olwasetshenziswa khona lwalubenyezela elangeni. Ngemva kweminyaka engu-62 kwakhiwa esinye isakhiwo esifulelwe ngothayela eMaralal. Naso “siyabenyezela” futhi “siyacwazimula” ngoba siyindawo yokukhulekela kule ndawo.

Abamemezeli abangu-15 benza umzamo omuhle ngokumangalisayo wokwakha iHholo LoMbuso lokuqala kule ngxenye yeKenya ecezile. Izimali zazingekho, ngakho abazalwane kwadingeka bathembele ezintweni zokwakha zendawo. Izindonga bazakha ngodaka olugxishwe phakathi kwezibonda ezimile. Base bezibhanda ngobulongwe obuxutshwe nomlotha, okwenza ikhekheba eliqinile elihlala iminyaka eminingi.

Ukuze bathole lezo zibonda zokwakha, abazalwane bathola imvume yokugawula izihlahla. Kodwa ihlathi eliseduze laliqhele ngamakhilomitha angaba yishumi. Abazalwane nodade kwadingeka bahambe ngezinyawo baye kulelo hlathi, bagawule izihlahla, bazigence bese bebuyela nezibonda esakhiweni. Ngesinye isikhathi, bebuya kuleli hlathi, bamiswa amaphoyisa, athi imvume yabo ayisebenzi. Amaphoyisa atshela elinye iphayona elikhethekile ukuthi alibophela ukugawula izihlahla. Omunye udade wendawo, owaziwayo emphakathini nangamaphoyisa, wathi: “Uma nibopha umfowethu, kuzomelwe nisibophe sonke ngoba sizigawule sonke izihlahla!” Iphoyisa labayeka bonke bahamba.

Kwakunezilwane zasendle ehlathini, ngakho ukuhamba kulo kwakuyingozi. Ngelinye ilanga udade othile wagawula isihlahla. Lapho siwela phansi, wabona isilwane sigxuma sibaleka. Ngenxa yokubona umbala ompofana uthi shazí wacabanga ukuthi kwakumane kuyimpala, kodwa kamuva wabona ngezidladla zaso phansi ukuthi kwakuyibhubesi! Naphezu kwezingozi ezinjalo, abazalwane baliqeda ihholo, futhi limi njengomthombo “obenyezelayo” wodumo oluya kuJehova.

U-February 1, 1963, kwakuwusuku olubalulekile emlandweni ongokwasezulwini waseKenya. Ngalolo suku kwavulwa ihhovisi legatsha lokuqala, ikamelo elilodwa nje elingamamitha-skwele angu-7,4. Ngo-October 25, 1997, kwaba nenye ingqopha-mlando emlandweni ongokwasezulwini waseKenya—ukunikezelwa kwesakhiwo esisha saseBethel esingamamitha-skwele angu-7 800! Ukuphothulwa kwalo msebenzi kwaba yisiphelo esihle somsebenzi onzima wokuzinikela weminyaka emithathu. Izisebenzi zokuzithandela ezivela emazweni angu-25 ahlukahlukene zaziguqule indawo egcwele udaka nokhula engamahektare angu-3,2 yaba yindawo enhle esangadi yegatsha elisha, ehlalisa amalungu angu-80 omkhaya waseBethel.

Sinazo zonke izizathu zokujabula ngalokho uJehova aye wakwenzela abantu bakhe. Makabongwe ngokushukumisa izinhliziyo zezinceku zakhe ukuba zanuleke futhi ziqinise ekufuneni abafanelekayo kwelaseKenya, zilenze libe yizwe elihle ngokomoya.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 9 Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

^ par. 13 Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.