Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwelapha Amanxeba Empi

Ukwelapha Amanxeba Empi

Ukwelapha Amanxeba Empi

U-ABRAHAM wayesebuthweni labashokobezi iminyaka engu-20. * Kodwa akasalwi manje futhi ngeke aphinde ayokulwa. Eqinisweni, ezinye zezitha zakhe zesikhathi esidlule sezingabangane bakhe abakhulu. Yini eyamenza washintsha? YiBhayibheli. Lanika u-Abraham ithemba nokuqonda, lamsiza ukuba abheke izindaba zesintu ngokombono kaNkulunkulu. IBhayibheli laqeda isifiso sakhe sokulwa, futhi ukudabuka, usizi, inzondo nentukuthelo ayenako kwaqala ukudamba. Wathola ukuthi iBhayibheli linomuthi onamandla wokwelapha inhliziyo.

IBhayibheli liwapholisa kanjani amanxeba omuntu angokomzwelo? Lalingenakukushintsha lokho okwakwenzeke ku-Abraham. Noma kunjalo, ukufunda nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu kwavumelanisa ukucabanga kwakhe nokoMdali. Manje unethemba ngekusasa, futhi izinto ezibaluleke kakhulu kuye sezishintshile. Izinto ezibalulekile kuye sekuyilezo ezibaluleke kuNkulunkulu. Kwathi kungaqala ukwenzeka lokhu, amanxeba asenhliziyweni yakhe aqala ukuphola. Yilokho okwasiza u-Abraham ukuba ashintshe.

Wayengene Shí Empini Yombango

U-Abraham wazalelwa e-Afrika ngawo-1930. Ngemva kwempi yezwe yesibili, izwe lakubo labuswa umakhelwane onamandla, kodwa abantu abaningi bezwe lakubo ka-Abraham babefuna uzibuse. Ngo-1961, u-Abraham wajoyina inhlangano elwela inkululeko eyalwa impi yabashokobezi nalowo makhelwane onamandla.

“Babeyizitha zethu. Babehlela ukusibulala, ngakho nathi saphuma siyobabulala,” kuchaza u-Abraham.

Ukuphila kuka-Abraham kwakuhlale kusengcupheni, ngakho ngo-1982, ngemva kweminyaka engu-20 esempini, wabalekela eYurophu. Ngalesi sikhathi wayecela eminyakeni engu-50 ubudala, futhi lapho ezithola esenesikhathi esiningi engenzi lutho, wacabanga ngokuphila kwakhe. Ayeshonephi amaphupho akhe? Ikusasa lalimphatheleni? U-Abraham wahlangana nabanye boFakazi BakaJehova wayeseqala ukuya emihlanganweni yabo. Wayekhumbula ukuthi eminyakeni ethile ngaphambili esese-Afrika wayefunde ipheshana ayelinikwe uFakazi. Lelo pheshana lalichaza ipharadesi elizayo emhlabeni nohulumeni wasezulwini oyobusa isintu. Ingabe kwakungaba yiqiniso ngempela lokho?

U-Abraham uthi: “Ngathola ngokusuka eBhayibhelini ukuthi yonke leyo minyaka engangiyichithe ngilwa ngangidlale ngayo. UMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kukahulumeni oyophatha wonke umuntu ngobulungisa.”

Ngemva nje kokuba u-Abraham ebhapathiziwe njengoFakazi kaJehova, umlisa othile okuthiwa uRobert wabaleka e-Afrika weza kulo leli dolobha laseYurophu u-Abraham ayehlala kulo. URobert no-Abraham babekade belwa empini eyodwa kodwa ezinhlangothini ezihlukene. Kwakukaningi uRobert ezibuza ukuthi kazi injongo yangempela yokuphila iyini. Wayengumuntu othanda inkolo, futhi njengoba ayeke wafunda izingxenye ezithile zeBhayibheli, wayazi ukuthi igama likaNkulunkulu nguJehova. Lapho oFakazi basebandleni lika-Abraham bethi bangamsiza uRobert aliqonde kangcono iBhayibheli, wavumela phezulu.

URobert uyachaza: “Zibekwa nje, yangihlaba umxhwele indlela oFakazi abalisebenzisa ngayo igama likaJehova nelikaJesu, bevuma ukuthi bangabantu abahlukene. Lokho kwakuvumelana nalokho engase ngikwazi kakade eBhayibhelini. Futhi oFakazi babegqoka ngobunono benomusa kwabanye, bengenandaba nobuzwe. Izinto ezinjalo zangithinta kakhulu.”

Izitha Ziba Abangane

URobert no-Abraham, ababekade beyizitha, sebengabangane abakhulu. Bakhonza njengabashumayeli bevangeli besikhathi esigcwele ebandleni elilodwa loFakazi BakaJehova. “Ngesikhathi sempi, ngangivame ukuzibuza ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi abantu bamazwe angomakhelwane—abaningi babo abangabenkolo eyodwa—bazondane,” kuchaza u-Abraham. “Mina noRobert sasisonta esontweni elilodwa, kodwa sasilwa. Manje sobabili sesingoFakazi BakaJehova, futhi inkolo yethu iye yasenza saba nobunye.”

“Yilowo umahluko,” kunezela uRobert. “Manje sesisenkolweni esenza sibe yingxenye yobuzalwane bangempela. Asinakulokotha siphinde silwe.” IBhayibheli liye laba nethonya elinamandla ezinhliziyweni zalaba ababeyizitha. Esikhundleni senzondo nentukuthelo, kancane kancane kuye kwakheka ukwethembana nobungane.

Ngesikhathi u-Abraham noRobert besesempini, nezinye izinsizwa ezimbili zazilwa ezinhlangothini ezihlukene kwenye impi phakathi kwamazwe amabili angomakhelwane. Ngokushesha, iBhayibheli laba umuthi onamandla amakhulu, lelapha nezabo izinhliziyo. Kanjani?

Ukubulala—Bese Ngifela Umzabalazo

UGabriel, owakhuliswa emkhayeni othanda inkolo, wafundiswa ukuthi izwe lakubo lalilwa impi engcwele. Ngakho, lapho eneminyaka engu-19 ubudala, wazicelela ukujoyina ibutho lempi futhi athunyelwe empini uqobo. Kwaphela izinyanga ezingu-13 esempini evutha bhé, ngezinye izikhathi beqhelelene nesitha ngekhilomitha nesigamu kuphela. “Kunesikhathi nje engisikhumbula kahle,” esho. “Umlawuli wethu wasitshela ukuthi isitha sizohlasela ngalobo busuku. Sasethuka izanya kangangokuthi sadubula ubusuku bonke ngombayimbayi wethu.” Abantu basezweni elingumakhelwane wayebabheka njengezitha zakhe ezifanelwe ukufa. “Ngangihlose ukubulala abaningi ngangokunokwenzeka. Ngemva kwalokho, njengabangane bami abaningi, ngangifuna ukuba ngifele umzabalazo.”

Nokho, ngokuhamba kwesikhathi uGabriel waphelelwa yithemba ngempi. Wabalekela ezintabeni, wanyenya wawela umngcele wangena ezweni elalingachemile, wayeseya eYurophu. Wayelokhu ebuza uNkulunkulu ukuthi kungani ukuphila kunzima kangaka, ukuthi ingabe izinkinga ziyisijeziso esivela kuNkulunkulu yini. Wahlangana noFakazi BakaJehova, abambonisa eBhayibhelini ukuthi kungani ukuphila kugcwele izinkinga kangaka namuhla.—Mathewu 24:3-14; 2 Thimothewu 3:1-5.

Lapho uGabriel efunda okwengeziwe eBhayibhelini, kwakhanya nakakhulu kuye ukuthi liphethe iqiniso. “Ngafunda ukuthi singaphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Into exakayo ukuthi lokho kwakuyinto engangiyilangazelela ngiseyingane.” IBhayibheli lamduduza uGabriel futhi ladambisa ukukhathazeka okwakusenhliziyweni yakhe kuze kube yileso sikhathi. Amanxeba akhe ajulile angokomzwelo aqala ukuphola. Ngakho wathi eqambe ehlangana noDaniel, owayekade eyisitha sakhe, wabe engasenanzondo. Kodwa yini eyenza uDaniel aye eYurophu?

“Uma Ukhona, Ngicela Ungisize!”

UDaniel wakhuliswa njengomKatolika futhi kwathi lapho eneminyaka engu-18 ubudala wabuthelwa empini. Wathunyelwa ukuyolwa empini uGabriel ayelwa kuyo kodwa kolunye uhlangothi. Kwathi uDaniel eseduze nalapho yayibambene ngezihluthu khona, inqola yempi ayeyigibele yadutshulwa. Abangane bakhe bafa, yena walimala kakhulu wayesethathwa njengesiboshwa. Wahlala izinyanga eziningana esibhedlela nasenkanjini ngaphambi kokudingiselwa ezweni elingachemile. Lapho eseyedwa futhi eyihlwempu, wacabanga ukuzibulala. UDaniel wathandaza kuNkulunkulu: “Uma ukhona ngempela, ngicela ungisize!” Ngakusasa, kwafika oFakazi BakaJehova futhi bakwazi ukuphendula imibuzo eminingi ayenayo. Ekugcineni, waya eYurophu njengombaleki. Nalapho, uDaniel wahlanganyela noFakazi futhi watadisha iBhayibheli. Lokho akufunda kwadambisa ukukhathazeka nentukuthelo ayenayo.

Manje uGabriel noDaniel sebengabangane abakhulu, abanobunye ebuzalwaneni obungokomoya njengoFakazi BakaJehova ababhapathiziwe. “Ukuthanda uJehova nolwazi lweBhayibheli kuye kwangisiza ukuba ngibheke izinto ngendlela yena azibheka ngayo. UDaniel akasesona isitha sami. Eminyakeni eminingi edlule ngangingeke ngizindele ukumbulala. IBhayibheli liye langifundisa okuhluke kakhulu—ukuzimisela ukumfela,” kusho uGabriel.

UDaniel yena uthi: “Ngangibona abantu bezinkolo nobuzwe obungafani bebulalana. Kwakukhona nabantu benkolo eyodwa ezinhlangothini ezilwisanayo zempi bebulalana. Kwakuthi uma ngibona le nto ngibe nomuzwa wokuthi ibangelwa uNkulunkulu. Manje sengiyazi ukuthi nguSathane obangela zonke izimpi. Mina noGabriel sesingabakhulekeli bandawonye. Asisoze siphinde silwe!”

“Izwi LikaNkulunkulu Liyaphila Futhi Linamandla”

Kungani u-Abraham, uRobert, uGabriel noDaniel bashintsha kakhulu kangaka? Bakwazi kanjani ukususa inzondo ejulile nosizi ezinhliziyweni zabo?

Ngayinye yala madoda yafunda, yazindla futhi yazi iqiniso eliseBhayibhelini, lona ‘eliphilayo futhi elinamandla.’ (Heberu 4:12) UMlobi weBhayibheli nguMdali wesintu, okwaziyo ukuthonya inhliziyo yomuntu ozimisele ukulalela nokufunda, kube nemiphumela emihle. “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.” Umuntu ofunda iBhayibheli uthi angavuma ukuba limqondise, abe nezimiso nezindinganiso ezintsha. Uqala ukufunda indlela uJehova abheka ngayo izinto. Le nqubo iletha izinzuzo eziningi, kuhlanganise nokwelapha amanxeba empi.—2 Thimothewu 3:16.

IZwi likaNkulunkulu liyachaza ukuthi akukho sizwe noma uhlanga olungcono noma olubi kunolunye. “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.” Umuntu ofunda lokhu abese ekwamukela uyasizakala ukuba kancane kancane anqobe imizwa yokuzonda uhlanga noma isizwe esithile.—IzEnzo 10:34, 35.

Iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi maduze nje uNkulunkulu uzosusa isimiso samanje sokubusa kwabantu alethe uMbuso wakhe kaMesiya. Ngalo hulumeni, uNkulunkulu “uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba.” Izinhlangano ezigqugquzela impi nezikhuthaza abantu ukuba balwe kuyo ziyoqedwa. Izisulu zempi ziyovuswa futhi zinikwe ithuba lokuphila emhlabeni oyipharadesi. Akukho muntu okuyodingeka abalekele umhlaseli noma umcindezeli.—IHubo 46:9; Daniyeli 2:44; IzEnzo 24:15.

Mayelana nabantu abayobe bephila ngaleso sikhathi, iBhayibheli lithi: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye . . . Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko.” Akukho monakalo noma amanxeba angeke elashwe. Ukuba nokholo kulelo themba kuyalususa kancane kancane usizi nokudabuka enhliziyweni yomuntu.—Isaya 65:21-23.

Ngempela iBhayibheli liwumuthi wenhliziyo onamandla. Kwamanje izimfundiso zalo zelapha amanxeba empi. Ababeyizitha baba nobunye ebuzalwaneni obubodwa bomhlaba wonke. Le nqubo yokwelashwa iyoqhubeka esimisweni esisha sikaNkulunkulu kuze kungabe kusaba nanzondo nantukuthelo nakudabuka nalusizi ezinhliziyweni zesintu. UMdali uthembisa ukuthi “izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.”—Isaya 65:17.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

“Ngathola ngokusuka eBhayibhelini ukuthi yonke leyo minyaka engangiyichithe ngilwa ngangidlale ngayo”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

IBhayibheli lingaba nethonya elinamandla ezinhliziyweni zababekade beyizitha

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Esikhundleni senzondo nentukuthelo, kancane kancane kwakheka ukwethembana nobungane

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Ofunda iBhayibheli uthi angavuma ukuba limqondise, abe nezimiso nezindinganiso ezintsha

[Isithombe ekhasini 7]

Ababeyizitha manje baba nobunye ebuzalwaneni bomhlaba wonke

[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]

Refugee camp: UN PHOTO 186811/J. Isaac