Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umculo Ojabulisa UNkulunkulu

Umculo Ojabulisa UNkulunkulu

Umculo Ojabulisa UNkulunkulu

Umculo uye wachazwa ‘njengobuciko obuhle bakudala nobungokwemvelo kunabo bonke.’ Njengolimi, uyisipho esiphawulekayo esihlukanisa abantu ezilwaneni. Umculo ushukumisa imizwelo. Ungajabulisa ezindlebeni futhi uhlale engqondweni. Ngaphezu kwakho konke, umculo ungajabulisa uNkulunkulu.

NJENGOBA iBhayibheli libonisa, ama-Israyeli ayengabantu abathanda umculo. I-Unger’s Bible Dictionary ithi umculo “wawuwubuciko obuvelele ezikhathini zasendulo zeBhayibheli.” Njengengxenye yokuphila kwansuku zonke, kokubili umculo wephimbo nowezinsimbi wawuba khona ekukhulekeleni kwawo. Kodwa kwakuyiphimbo lomuntu elalisetshenziswa kakhulu.

INkosi uDavide yamisa abathile phakathi kwamaLevi ukuze ‘bahole ekuhlabeleleni’ etabernakele, ngaphambi kokunikezelwa kwethempeli elalakhiwe uSolomoni, indodana yakhe. (1 IziKronike 6:31, 32) Lapho umphongolo wesivumelwano, owawumelela ukuba khona kukaJehova, ufika eJerusalema, uDavide wahlela ukuba amaLevi athile “amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova.” Ukuhlabelela kwawo akwenanela ‘ngezingubhu namahabhu, namasimbali, ebetha namacilongo.’ La madoda ‘ayekhonjwe ngamagama ukuba ambonge uJehova ngokuba umusa wakhe umi phakade.’—1 IziKronike 16:4-6, 41; 25:1.

Amazwi athi “umusa [kaJehova] umi phakade” avela izikhathi eziningi encwadini yamaHubo, incwadi yeBhayibheli ehlobene kakhulu nomculo. Ngokwesibonelo, ayingxenye yesibili yevesi ngalinye lamavesi angu-26 eHubo 136. “Ukunqamulela kwalo kulenza livumelane nezindebe zabantu,” kuphawula isazi esithile seBhayibheli. “Wonke umuntu, ngemva kokulizwa, angalikhumbula.”

Imibhalo engenhla emahubweni ibonisa ukuthi kwakusetshenziswa izinsimbi zomculo ezihlukahlukene. Ngaphandle kwezintambo, iHubo 150 likhuluma ngecilongo, ihabhu, isigubhu, imitshingo, amasimbali. Noma kunjalo, okwakukhanga kakhulu kwakuyiphimbo lomuntu. Ivesi lesithupha liyasinxusa: “Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Haleluya!”

Njengoba umculo ubonisa imizwa yethu, ngezikhathi zeBhayibheli imicabango elusizi yayenza umuntu ahlabelele izililo. Nokho, lolu hlobo lokuhlabelela lwalungavamile ezingomeni zomculo wakwa-Israyeli. I-encyclopedia yeBhayibheli i-Insight on the Scriptures * ithi: “Kusezililweni kuphela lapho kwakungakhethwa khona indlela yokulila nokugxila enkulumweni nje kunomculo onesigqi esifanayo noma esishintshashintshayo.”

UJesu nabaphostoli bakhe abathembekile bahlabelela izingoma zokudumisa uJehova ngobusuku bangaphambi kokufa kukaJesu, futhi akungabazeki ukuthi babehlabelela amazwi amaHubo eHallel. (IHubo 113-118) Yeka indlela okumelwe ukuthi lokhu kwabaqinisa ngayo abafundi bakaJesu ukuze babhekane nokulahlekelwa iNkosi yabo! Ngaphezu kwalokho, kumelwe ukuthi ukuzimisela kwabo ukuqhubeka beyizinceku ezithembekile zoMbusi Wendawo Yonke, uJehova, kwajula njengoba behlabelela kahlanu amazwi athi “umusa wakhe umi phakade.”—IHubo 118:1-4, 29.

AmaKristu okuqala ase-Efesu nawaseKolose ahlabelela ‘amahubo nezindumiso eziya kuNkulunkulu’ (ngokwezwi nezwi, “izihlabelelo”). Ngaphezu kwalokhu, anezela ‘izingoma ezingokomoya’ ayezihlabelela ezinhliziyweni zawo. (Efesu 5:19; Kolose 3:16) Kokubili ngezingoma nangezinkulumo, ayesebenzisa imilomo yawo ukuze adumise. Akazange yini uJesu athi “umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo”?—Mathewu 12:34.

Umculo Ongamjabulisi UNkulunkulu

Akuwona wonke umculo okukhulunywa ngawo eBhayibhelini ojabulisa uNkulunkulu. Cabangela lokho okwenzeka eNtabeni iSinayi, lapho uMose anikwa khona uMthetho, kuhlanganise neMiyalo Eyishumi. Lapho uMose ehla entabeni, yini ayizwa? “[Kwakungelona] izwi labahalalisa ngokunqoba,” “[kungelona] izwi lokukhala ngokunqotshwa,” kodwa “umsindo wokunye ukuhlabelela.” Lona kwakuwumculo ohlobene nokukhulekela izithombe, umkhuba owawungamjabulisi uNkulunkulu nowaphumela ekufeni kwabangaba ngu-3 000 balabo ababehlabelela.—Eksodusi 32:18, 25-28, qhathanisa ne-NW.

Nakuba abantu bengaqamba, badlale futhi bajabulele zonke izinhlobo zomculo, lokho akusho ukuthi zonke ziyamjabulisa uNkulunkulu. Kungani kunjalo? Umphostoli uPawulu ongumKristu uyachaza: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Imikhuba yobuqaba ephathelene nenzalo, imfundiso yokungafi komphefumulo womuntu nokuhlonishwa kukaMariya ‘njengonina kaNkulunkulu’ kuvame ukuqanjwa ngako umculo. Kodwa lezi zinkolelo nemikhuba akubonisi inhlonipho ngoNkulunkulu weqiniso, ngoba kuphambene nalokho okwembulwa eZwini lakhe eliphefumulelwe, iBhayibheli.—Duteronomi 18:10-12; Hezekeli 18:4; Luka 1:35, 38.

Ukukhetha Umculo Ngokuhlakanipha

Umculo okhona okungakhethwa kuwo udida ingqondo. Izembozo zama-compact disc ziklanyelwe ukudonsa abathengi ukuba bathenge zonke izinhlobo zomculo. Kodwa uma umkhulekeli kaNkulunkulu efisa ukumjabulisa, uyoqapha futhi akhethe ngokuhlakanipha ukuze agweme umculo wamazwi nowezinsimbi ophefumulelwe izinkolelo zenkolo yamanga noma ogxile ekuziphatheni okubi nasebudemonini.

U-Albert, owake wakhonza njengesithunywa sevangeli e-Afrika, uyavuma ukuthi akazange abe nethuba elingako lokudlala upiyano lapho. Nokho, wawalalela ngokuphindaphindiwe amarekhodi ambalwa ayehambe nawo. Ezweni lakubo, u-Albert manje uhambela amabandla obuKristu njengombonisi ojikelezayo. Akasenaso kahle isikhathi sokulalela umculo. Uthi: “Umqambi womculo engimthandayo uBeethoven. Phakathi neminyaka edlule, ngiye ngaqongelela umculo wakhe wama-symphony, ama-concerto, ama-sonata nama-quartet.” Kuye kwamjabulisa kakhulu ukulalela lo mculo. Yiqiniso, umuntu ngamunye unohlobo lwakhe lomculo aluthandayo, kodwa njengamaKristu sikhumbula iseluleko sikaPawulu esithi: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.”—1 Korinte 10:31.

Umculo Nokuzinikezela

Into yokuqala uSusie ayithanda kwakuwumculo. Uyachaza: “Ngaqala ukudlala upiyano ngineminyaka engu-6, i-violin ngineminyaka engu-10, futhi ekugcineni ihabhu ngineminyaka engu-12.” Kamuva uSusie wafunda ihabhu e-Royal College of Music eLondon, eNgilandi. Wafundiswa isazi sehabhu esidumile saseSpain iminyaka emine, wabuye wafunda omunye unyaka eParis Conservatoire, wathola iziqu ze-honors kwezomculo kanye ne-diploma yokudlala ihabhu neyokufundisa upiyano.

USusie wazihlanganisa nebandla loFakazi BakaJehova eLondon. Lapho, wathola ukuthi oFakazi banesithakazelo esiqotho nothando phakathi kwabo. Kancane, kancane uthando lwakhe ngoJehova lwakhula, futhi intshiseko ayenayo ngenkonzo yakhe yamshukumisela ukuba afune izindlela zokumkhonza. Lokhu kwaholela ekuzinikezeleni nasobhapathizweni. USusie uyaphawula: “Ukusebenza ngomculo yindlela yokuphila yokuzinikela, ngakho kwakungekusha kimi ukuphila kokuzinikezela.” Isikhathi ayesisebenzisela ukudlala umculo emakhonsathini sancipha njengoba ayehlanganyela enkonzweni yobuKristu yokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngenxa yokulalela imiyalo kaJesu.—Mathewu 24:14; Marku 13:10.

Uzizwa kanjani njengoba esechitha isikhathi esincane emakhonsathini omculo? “Ngezinye izikhathi ngiyakhungatheka kancane ngenxa yokungabi naso isikhathi esengeziwe sokuprakthiza,” evuma, “kodwa ngisazidlala izinsimbi zami futhi ngiyawujabulela umculo. Umculo uyisipho esivela kuJehova. Ngiwujabulela kakhulu manje njengoba sengibeka inkonzo yakhe kuqala ekuphileni kwami.”—Mathewu 6:33.

Umculo Odumisa UNkulunkulu

U-Albert noSusie kanye nabanye oFakazi BakaJehova abacela ezigidini eziyisithupha bamdumisa njalo uJehova uNkulunkulu ngomculo. Emihlanganweni yobuKristu eba semaHholo OMbuso emazweni angu-234, baqala futhi baphethe imihlangano yabo ngokuhlabelelela uJehova izingoma, uma kungenzeka. Njengoba zinokhiye abahlukahlukene, lezi zingoma ezimnandi zinamazwi okudumisa uJehova uNkulunkulu asekelwe emBhalweni.

Bonke ababa khona baphakamisa amaphimbo abo ukuze bahlabelele ngokufudumele ukuthi uJehova unguNkulunkulu okhathalelayo (Ingoma 44). Bahlabelela ingoma yokudumisa uJehova (Ingoma 190). Izingoma zabo ziqaphela injabulo nemithwalo yemfanelo ekhona ebuzalwaneni bobuKristu, ekuphileni kobuKristu nasezimfanelweni zobuKristu. Okwenezela ebumtotini balo mculo izindlela ezihlukahlukene zomculo oFakazi base-Asia, e-Australia, eYurophu, eNyakatho naseNingizimu Melika abaye bazisebenzisa lapho beqamba lezi zingoma. *

Amazwi okuqala engoma emnandi yasebukhosini eyalotshwa ezinsukwini zomhubi athi: “Hlabelelani kuJehova ihubo elisha, nihlabelele kuJehova, mhlaba wonke. Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla. Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.” (IHubo 96:1-3) Yilokho oFakazi BakaJehova abakwenzayo endaweni yangakini futhi bayakumema ukuba uhlanganyele nabo ekuhlabeleleni le ngoma yokudumisa. Uyokwamukelwa eHholo LoMbuso labo, lapho ungafunda khona indlela yokudumisa uJehova ngomculo omjabulisayo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 7 Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

^ par. 22 Lezi zingoma zitholakala encwadini ethi Hubani Izindumiso zikaJehova, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 28]

Ukuhlabelela izingoma zokudumisa uJehova