Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | INTSHA

Indlela Yokubhekana Noshintsho

Indlela Yokubhekana Noshintsho

INSELELE

  • Umndeni wakho kudingeka uthuthe ngenxa yomsebenzi kababa wakho.

  • Umngane wakho omkhulu useyohlala kude.

  • Ingane yakwenu endala iyahamba ekhaya ngoba iyashada.

Wena ubungakuthola kulula kangakanani ukuzivumelanisa nalezi zimo?

Isihlahla esivumela ukugotshwa umoya sinamathuba amaningana okumelana nesivunguvungu. Njengaleso sihlahla, nawe ungakufunda “ukugotshwa” ushintsho ongenakululawula. Nokho, ngaphambi ngokuba sixoxe ngezindlela ongakwenza ngazo lokhu, cabanga ngezinto ezimbalwa okufanele uzazi ngoshintsho.

OKUFANELE UKWAZI

Ushintsho alugwemeki. IBhayibheli liveza iqiniso elibalulekile ngabantu: “Isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.” (UmShumayeli 9:11) Kuzofika isikhathi ekuphileni lapho uzobhekana khona naleli qiniso. Kuyavunywa, akuzona zonke izenzakalo ezingalindelekile ezimbi. Kanti ezinye izinguquko ezingase zibonakale zizimbi ekuqaleni zingaba nezinzuzo ngokuhamba kwesikhathi. Noma kunjalo, abantu abaningi benza kangcono lapho izinto zingaguquguquki, kanti ushintsho—luluhle noma lulubi—luyabaphazamisa.

Ushintsho lungayikhathaza ngokukhethekile intsha. Kungani? Insizwa ebizwa ngo-Alex * iyachaza: “Usuke ubhekene noshintsho vele olwenzeka ngaphakathi kuwe. Olunye ushintsho olungaphandle luvele lwenezele.”

Nasi esinye isizathu: Lapho abantu abadala bebhekene noshintsho, bangacabanga ngezinto asebedlule kuzo ekuphileni ukuze babone ukuthi izimo ezifanayo bazisingatha kanjani esikhathini esidlule. Kodwa abasebasha abanawo umlando owanele ongabasiza ezimweni ezinjalo.

Ungafunda ukuzivumelanisa nezimo. Ukuphikelela kuyikhono lokululama esimweni esingesihle noma ukuzivumelanisa noshintsho. Umuntu ophikelelayo akagcini nje ngokukhuthazelela ushintsho kodwa angabheka isimo esibonakala siyinkinga njengethuba. Mancane amathuba okuba intsha enesimo sengqondo esinjalo iphendukele otshwaleni nasezidakamizweni lapho izizwa ikhungathekile.

ONGAKWENZA

Yamukela isimo. Ngokungangabazeki ungathanda ukulawula ukuphila kwakho ngokuphelele, kodwa yinto engenakwenzeka leyo. Abangane bazothutha noma bashade; izingane zakwenu zizokhula futhi zihambe ekhaya; izimo zingaphoqa umndeni wakini ukuba uthuthe, nishiye abangane nakho konke esenikujwayele. Kungcono ukwamukela isimo kunokuvumela imicabango engemihle ikuqede amandla.—Isimiso seBhayibheli: UmShumayeli 7:10.

Bheka phambili. Ukugxila ezintweni ezidlule kufana nokushayela emgwaqweni omkhulu ugxilise amehlo esibukweni esibonisa izimoto ezingemuva. Ukudamane ujeqeza esibukweni kuyazuzisa, kodwa empeleni kudingeka ugxilise amehlo emgwaqweni. Kunjalo nalapho ubhekene noshintsho. Zama ukugcina amehlo akho egxile phambili. (IzAga 4:25) Ngokwesibonelo, yimuphi umgomo ongazibekela wona enyangeni noma kweziyisithupha ezilandelayo?

Gxila kokuhle. Intokazi ebizwa ngoLaura ithi: “Ukuphikelela kuhlobene nesimo sengqondo. Thola izinto ezinhle ngesimo okuso.” Ungakwazi yini ukubala okungenani into eyodwa enhle ngesimo osukuso?—Isimiso seBhayibheli: UmShumayeli 6:9.

Intokazi ebizwa ngoVictoria ikhumbula ukuthi lapho isengomusha bonke abangane bayo bathuthela kude. Ithi: “Ngazizwa nginesizungu, futhi ngangifisa sengathi ngabe izinto azizange zishintshe. Kodwa uma sengikhumbula kahle, yileso sikhathi engaqala ngaso ukukhula. Ngaqaphela ukuthi ushintsho luyadingeka ukuze umuntu akhule. Yileso sikhathi futhi engabona ngaso amathuba okuthola abangane abasha.”—Isimiso seBhayibheli: IzAga 27:10.

Ukugxila ezintweni ezidlule kufana nokushayela emgwaqweni omkhulu ugxilise amehlo esibukweni esibonisa izimoto ezingemuva

Yenzela abanye izinto. IBhayibheli lithi: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.” (Filipi 2:4) Ikhambi elihle ekubhekaneni nezinselele zakho liwukusiza abanye kwezabo. U-Anna oneminyaka engu-17 uthi: “Njengoba ngikhula, ngaqaphela ukuthi lapho ngikwazile ukusiza umuntu obhekene nenkinga efana neyami—noma enzima nakakhulu—kwakungijabulisa!”

^ isig. 11 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.