Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuba Umuntu Onenhliziyo Enhle Kungakwenza Yini Ube Nekusasa Elilondekile?

Ukuba Umuntu Onenhliziyo Enhle Kungakwenza Yini Ube Nekusasa Elilondekile?

Sekuphele iminyaka abantu benomuzwa wokuthi ukuba umuntu onenhliziyo enhle nonesimilo yikho okungakwenza ube nekusasa elilondekile. Ngokwesibonelo, abantu abaningi base-Asia babekuhlonipha lokho okwashiwo isazi sefilosofi esinguthisha uConfucius (sango-551 kuya ku-479 B.C.E.) esathi: “Ongafuni ukuba kwenziwe kuwe ungakwenzi kwabanye.” a

LOKHO ABANINGI ABAYE BAZAMA UKUKWENZA

Abaningi basakholelwa ukuthi ukuziphatha kahle kungabenza babe nekusasa elilondekile. Bazama ukuba nenhlonipho nemikhuba emihle, badlale indima yabo emphakathini futhi babe nonembeza omuhle. ULinh, owesifazane waseVietnam uthi: “Bengilokhu ngikholelwa ukuthi uma nginenhlonipho futhi ngiqotho ngizothola isibusiso.”

Abanye bazama ukwenza okuhle ngenxa yezinkolelo zabo. Indoda okuthiwa uHsu-Yun, ehlala eTaiwan, ithi: “Ngafundiswa ukuthi lokho umuntu akwenzayo esaphila yikhona okunquma ukuthi uzoyithola yini injabulo noma uzohlupheka ngemva kokufa.”

UBA YINI UMPHUMELA?

Kuyiqiniso ukuthi ukwenzela abanye okuhle kunezinzuzo eziningi. Noma kunjalo, abaningi abaye bazama ngobuqotho ukwenzela abanye okuhle baye bathola ukuthi ngezinye izikhathi ukwenza kanjalo akubi nomphumela ababewulindele. Owesifazane okuthiwa uShiu Ping, ohlala eHong Kong uthi: “Ngazibonela ngawami ukuthi akukhona ukuthi izinto zihlale zibahambela kahle labo abenza okuhle. Ngazama ngokusemandleni ami ukuba nginakekele umndeni wami futhi ngenze okuhle. Noma kunjalo, umshado wami waphela futhi umyeni wami wasishiya, mina nendodana yami.”

Abantu abaningi baye bakubona ukuthi akubona bonke abantu abakholwayo abalungile. U-Etsuko, owesifazane ohlala eJapan uthi: “Ngazihlanganisa nenkolo ethile futhi ngabe sengiqala ukuyihlelela imisebenzi ethile eyayizokwenziwa abantu abasha. Ngashaqeka ukubona abantu engangisonta nabo bengenasimilo, befuna izikhundla futhi besebenzisa kabi iminikelo yasesontweni.”

“Ngazama ngokusemandleni ami ukuba nginakekele umndeni wami futhi ngenze okuhle. Noma kunjalo, umshado wami waphela futhi umyeni wami wasishiya, mina nendodana yami.”​—USHIU PING WASEHONG KONG

Abanye abazinikele enkolweni futhi abazamayo ukwenza okuhle baye badumazeka lapho behlelwa izinto ezimbi. Leyo indlela uVan, owesifazane waseVietnam ayezizwa ngayo. Uthi: “Nsuku zonke ngangithenga izithelo, izimbali kanye nokudla futhi ngikunikele ema-altare okhokho bami asebashona nginethemba lokuthi ngizothola izibusiso esikhathini esizayo. Ngaphezu kokwenza izenzo ezinhle futhi ngigcina nemikhosi yenkolo iminyaka eminingi, umyeni wami wagula kakhulu. Lapho indodakazi yami ifunda phesheya kwezilwandle, yashona isencane.”

Uma ukuba umuntu olungile kungakwenzi ube nekusasa elilondekile, yini pho engakwenza ube nalo? Ukuze sithole impendulo yalo mbuzo, sidinga isiqondiso esingasethemba​—esingasisiza siphendule imibuzo yethu, isibonise nendlela yokuba nekusasa elilondekile. Singasithola kuphi lesi siqondiso?

a Ukuze ufunde kabanzi ngezimfundiso zikaConfucian, bheka incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu isahluko 7, izigaba 31-35 enyatheliswa oFakazi BakaJehova.