Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungalijwayela Kanjani Ibandla Elisha?

Ungalijwayela Kanjani Ibandla Elisha?

U-ALLEN uthi: “Ngesikhathi ngithuthela ebandleni elisha ngangesaba. * Ngangingazi ukuthi ngizoba nabangane nokuthi ngizothandwa yini.” U-Allen uzama ukujwayela ibandla elisha athuthele kulo eliqhele ngamakhilomitha angaphezu kwangu-1 400 emzini wakubo.

Uma uthuthele kwelinye ibandla, kungenzeka nawe uyesaba. Yini engakusiza ujwayele? Yini ongayenza uma ukujwayela ebandleni kunzima kunalokho obukucabanga? Ngakolunye uhlangothi, wena owamukela abafikayo, ungabasiza kanjani bajwayele ebandleni?

UNGAJWAYELA KANJANI FUTHI UPHUMELELE?

Cabanga ngalesi sibonelo: Lapho izihlahla ziyiswa kwenye indawo, ziyacindezeleka ngandlela thile. Njengoba isihlahla sisishulwa emhlabathini, ngokuvamile izimpande zaso ziyanqunywa ukuze kube lula ukusithutha. Lapho sesitshalwe kwenye indawo siqala ukumila izimpande ezintsha. Ngendlela efanayo, ukuthuthela kwelinye ibandla kungase kukucindezele. Ebandleni obukulo, “ubusunezimpande” ngomqondo wokuthi ubunabangane obakhonzile futhi usujwayelene nesimiso esithile esingokomoya. Manje sekumelwe ube nezimpande ezintsha ukuze ujabule futhi uthuthuke endaweni entsha. Yini ezokusiza? Ukusebenzisa lokho okushiwo imiBhalo. Ake sixoxe ngakho.

Umuntu olifunda njalo iZwi likaNkulunkulu “[unjengomuthi] otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni, futhi konke akwenzayo kuyophumelela.”IHu. 1:1-3.

Njengoba isihlahla kumelwe sithole amanzi njalo ukuze sibe nempilo, nomKristu kumelwe alifunde njalo iZwi likaNkulunkulu ukuze abe nobuhlobo obuqinile noNkulunkulu. Ngakho, qhubeka ufunda iBhayibheli nsuku zonke futhi ube khona njalo emihlanganweni yebandla. Ungawuyeki umkhuba omuhle wokwenza ukukhulekela komkhaya nesifundo somuntu siqu. Kudingeka uqhubeke wenza lokho obukwenza ebandleni osuka kulo ukuze uqinise ubuhlobo bakho noJehova.

“Ophuzisa abanye ngokungagodli naye uyophuziswa ngokungagodli.”​IzAga 11:25.

Uma uhlanganyela ngokugcwele ensimini uyoba nomdlandla, usheshe ukujwayela. UKevin, umdala ongumKristu uthi: “Into eyasiza mina nomkami, ukuba amaphayona asizayo ngokushesha nje lapho sifika ebandleni elisha. Sashesha ukwazi abafowethu, amaphayona nensimu yebandla.” URoger, owathuthela endaweni eqhele ngamakhilomitha angaphezu kwangu-1 600 nalapho ayehlala khona, uthi: “Indlela engcono kakhulu yokujwayela ebandleni elisha ukuya ensimini kaningi ngangokunokwenzeka. Ungatshela abadala ukuthi uzimisele ukusiza kunoma yini, mhlawumbe ngokuhlanza eHholo LoMbuso, ukuvolontiya inkulumo emhlanganweni noma ukuhambisa abathile emhlanganweni. Lapho abafowethu nodadewethu bebona ukuthi umuntu omusha ebandleni unomoya wokuzidela bayomjwayela ngokushesha.”

“Nani yanulekani.”​2 Kor. 6:13.

Zama ukujwayelana nabo bonke abafowethu. Ngemva kokuba uMelissa nomndeni wakhe bethuthele kwelinye ibandla, bagxila ekwenzeni abangane abasha. Uthi: “Sasikhuluma nabafowethu eHholo LoMbuso ngaphambi nangemva kwemihlangano. Lokho kwakusinika isikhathi sokuxoxa ngokuningi kunokugcina ngokubingelela nje kuphela.” Ukwenza lokho kwasiza lo mndeni wazi amagama abantu ngokushesha. Ngaphezu kwalokho banuleka ngokumema abafowethu emzini wabo, lokho kwaqinisa ubuhlobo babo. UMelissa uyanezela: “Sathatha izinombolo zocingo, nabo bathatha ezethu, ukuze bakwazi ukusithinta mayelana nemisebenzini yebandla nezinye izinto.”

Uma unamahloni okukhuluma nabantu ongabazi, ungaqala ngokwenza izinto ezincane. Ngokwesibonelo, momotheka—ngisho noma ungazizwa ngaleyo ndlela. Ukumomotheka kuzodonsela abantu kuwe. Ngaphezu kwalokho ukumomotheka kwenza inhliziyo ijabule. URachel, owathuthela endaweni ekude nalapho akhulela khona, uthi: “Mina ngizithulele nje ngokwemvelo. Ngezinye izikhathi ngiye ngiziphoqe ukuze ngikhulume nabafowethu nodadewethu bakuleli bandla elisha. Ngibheka umuntu ohlezi yedwa eHholo LoMbuso. Kungenzeka lowo muntu naye unamahloni njengami.” Zibekele umgomo wokuxoxa nomuntu ngaphambi nangemva kwemihlangano.

Ngakolunye uhlangothi, emasontweni ambalwa okuqala ungase ukujabulele ukuhlangana nabantu ongabazi. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi injabulo yokwazi abantu abasha ingaphela. Lapho lokho kwenzeka kungase kudingeke wenze umzamo wokuqhubeka wenza abangane abasha.

Izihlahla eziyiswa kwenye indawo ziyacindezeleka ngandlela thile kodwa lapho sezitshaliwe endaweni entsha zimila izimpande ezintsha

ZINIKE ISIKHATHI SOKUJWAYELA

Ezinye izihlahla kuzithatha isikhathi eside kunezinye ukuphinde zibe nezimpande eziqinile endaweni entsha. Ngendlela efanayo, ngeke sonke sijwayele ibandla elisha ngesikhathi esifanayo—abanye bayashesha, abanye bathatha isikhathi eside. Uma usunesikhathi wathuthela ebandleni elisha kodwa namanje usazama ukujwayela, ukusebenzisa lezi zimiso zeBhayibheli kungakusiza:

“Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.”​Gal. 6:9.

Zinike isikhathi esiningi sokujwayela ibandla kunalokho obukucabanga. Ngokwesibonelo, izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi zihlala ezabelweni zazo iminyaka eminingi ngaphambi kokuba zivakashele ezweni ezakhulela kulo. Ukwenza lokho kuzisiza zijwayele abafowethu namasiko ahlukile akuleyo ndawo.

U-Alejandro, osethuthe izikhathi eziningana wazi kahle ukuthi ngeke ukujahe ukujwayela ibandla elisha. Uthi: “Muva nje ngemva kokuthutha, umkami wathi, ‘Bonke abangane bami basemabandleni esasikuwo!’” U-Alejandro wakhumbuza umkakhe ukuthi wayesho into efanayo eminyakeni emibili edlule—endaweni ababethuthele kuyo. Kodwa phakathi naleyo minyaka emibili, wajwayelana nabanye futhi waba abangane nabantu ayengabazi.

“Ungasho ukuthi: ‘Kungani izinsuku zangaphambili ziye zaba ngcono kunalezi?’ ngoba awukubuzi ngokuhlakanipha lokhu.”​UmSh. 7:10.

Gwema ukuqhathanisa ibandla elisha naleli osuka kulo. Ngokwesibonelo, abafowethu ebandleni elisha kungenzeka banamahloni noma bakhululekile kunalokho okujwayele. Gxila ezintweni ezinhle abazenzayo, njengoba nje nawe ungathanda benze okufanayo kuwe. Abantu abathuthele kwamanye amabandla baye baphoqeleka ukuba bazibuze, ‘Ngibathanda ngempela yini “bonke abazalwane emhlabeni”?’​—1 Pet. 2:17.

“Qhubekani nicela, niyophiwa.”​Luka 11:9.

Qhubeka uthandazela usizo kuNkulunkulu. UDavid ongumdala uthi: “Ungazami ukuzithwalela wena. Izinto eziningi sikwazi ukuzenza kuphela ngoba sisizwa uJehova. Thandaza ngakho!” URachel, ocashunwe ngenhla, uyavuma. Uthi: “Lapho mina nomyeni wami sizizwa singasondelene nebandla. Sithandaza kuJehova sithi, ‘Sicela usisize sibone uma kukhona izinto esizenzayo ezenza kube nzima ngabanye ukujwayelana nathi.’ Sibe sesichitha isikhathi esengeziwe nabafowethu nodadewethu.”

Bazali, uma izingane zenu zikuthola kunzima ukujwayela, thandazani nazo ngale nkinga. Zisizeni zenze abangane abasha ngokuhlela imibuthano ekhuthazayo.

SIZA ABASANDA KUTHUTHELA EBANDLENI BAZIZWE BESEKHAYA

Yini ongayenza ukuze usize abasanda kuthuthela ebandleni? Zama ukuba umngane oqotho zisuka nje. Cabanga ngezinto obungathanda zenziwe kuwe uma bekuthiwa uyafika ebandleni, bese uyazenza lezo zinto. (Math. 7:12) Mema abasanda kufika ebandleni lapho nenza ukukhulekela komkhaya noma nibukela i-JW Broadcasting. Cela ukuhamba nabo ensimini. Uma ubacela ukuba bazodla kwakho ngeke basikhohlwe isenzo sakho sokungenisa izihambi. Yikuphi okunye ongakwenza?

UCarlos uthi: “Lapho sifika ebandleni elisha, udade wasinika uhlu lwezitolo ezidayisa izinto ngamanani aphansi. Lokho kwangisiza kakhulu.” Labo abavela ezindaweni ezinesimo sezulu esihlukile kungabasiza kakhulu ukutshelwa ukuthi kumelwe bagqoke kanjani kule ndawo entsha. Ungabasiza bathuthuke enkonzweni ngokubaxoxela ngomlando wale ndawo noma ngokuchaza izinkolelo zendawo.

UKWENZA USHINTSHO KUWUFANELE UMZAMO

U-Allen, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, sekuphele unyaka esebandleni elisha. Uyakhumbula: “Ekuqaleni kwadingeka ngiziphoqe ukuze ngijwayele abafowethu nodadewethu. Kodwa manje banjengomndeni futhi ngijabule kakhulu.” U-Allen uphawule ukuthi akalahlekelwanga abangane ngenxa yokuthutha. Kunalokho, uthole abangane abasha, abangase babe abangane ukuphila kwakhe konke.

^ isig. 2 Amanye amagama ashintshiwe.