Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Sengxenye 7

Isethulo Sengxenye 7

Le ngxenye ixoxa ngokwenzeka eminyakeni engu-80 yokubusa kweNkosi uSawule neNkosi uDavide. Ekuqaleni, uSawule wayethobekile futhi esaba uNkulunkulu, kodwa washintsha wenqaba ukulalela iziqondiso zikaJehova. UJehova wamlahla, ngokuhamba kwesikhathi watshela uSamuweli ukuba agcobe uDavide ukuba abe yinkosi elandelayo yakwa-Israyeli. Ngenxa yomona uSawule wazama kaningi ukubulala uDavide kodwa uDavide akazange aziphindiselele. UJonathani, indodana kaSawule, wayazi ukuthi uJehova ukhethe uDavide ngakho waba qotho kuDavide. UDavide wenza izono ezimbi kakhulu kodwa akazange asenqabe isiyalo sikaJehova. Uma ungumzali, siza ingane yakho ibone ukuthi kubaluleke kangakanani ukuhlale isekela amalungiselelo kaNkulunkulu.

KULE NGXENYE

Inkosi Yokuqala Yakwa-Israyeli

UNkulunkulu wanika ama-Israyeli abahloli abangabahluleli kodwa wona afuna inkosi. USamuweli wagcoba uSawule ukuba abe inkosi kamuva uJehova uyamlahla uSawule. Kungani?

UDavide NoGoliyati

UJehova ukhetha uDavide ukuba abe inkosi elandelayo yakwa-Israyeli, uDavide wakubonisa ukuthi wayekufanelekela ukuba yinkosi.

UDavide NoSawule

Kungani enye ya la madoda izonda enye, le ezondwayo yasabela kanjani?

UJonathani Unesibindi Futhi Uqotho

Indodana yenkosi iba umngane omkhulu kaDavide.

Isono SeNkosi UDavide

Isinqumo esibi siholela ezinkingeni eziningi.