Isethulo Sengxenye 13

Isethulo Sengxenye 13

UJesu weza emhlabeni ukuze anikele ngokuphila kwakhe ngenxa yabantu abanesono. Nakuba afa, walinqoba izwe. UJehova wathembeka eNdodaneni yakhe wayivusa ekufeni. UJesu wakhonza abanye ngokuthobeka futhi waxolela amaphutha abo, kwaze kwaba sekufeni kwakhe. Lapho esevusiwe, uJesu wabonakala kubafundi bakhe. Wabafundisa ukuthi bawenze kanjani umsebenzi obalulekile ayebanike wona. Uma ungumzali, siza ingane yakho ibone ukuthi nathi kubalulekile ukuba senze lo msebenzi namuhla.

KULE NGXENYE

ISIFUNDO 87

Isidlo SikaJesu Sokugcina

UJesu unika abaphostoli bakhe iziqondiso ezibalulekile ngesikhathi edla isidlo sakhe sokugcina ekanye nabo.

ISIFUNDO 88

UJesu Uyaboshwa

UJuda Iskariyothe uhola abantu abaningi abaphethe izinkemba nezinduku eNsimini YaseGetsemane ukuze babambe uJesu.

ISIFUNDO 89

UPetru Uphika UJesu

Kwenzekani egcekeni lendlu kaKayafase? Kwenzekani kuJesu ngaphakathi endlini?

ISIFUNDO 90

UJesu Ushonela EGolgotha

Kungani uPilatu evumela uJesu ukuba abulawe?

ISIFUNDO 91

UJesu Uyavuswa

Yiziphi izinto ezimangazayo ezenzeka ngemva kokuba uJesu ebulewe?

ISIFUNDO 92

UJesu Ubonakala Kubadobi

UJesu wenzani ukuze bambone?

ISIFUNDO 93

UJesu Ubuyela Ezulwini

Nokho, ngaphambi kokwenza lokho, unikeza abafundi bakhe iziqondiso ezibalulekile.