Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Sengxenye 12

Isethulo Sengxenye 12

UJesu wafundisa abantu ngoMbuso wamazulu. Wabafundisa nokuthi bathandazele ukuba igama likaNkulunkulu lingcweliswe, uMbuso wakhe uze nentando yakhe yenziwe emhlabeni. Uma ungumzali, chazela ingane yakho ukuthi lo mthandazo usho ukuthini kithi. UJesu akamvumelanga uSathane ukuba ephule ubuqotho bakhe. UJesu wakhetha abaphostoli bakhe ababa amalungu okuqala oMbuso futhi badlala indima ebalulekile kuwo. Qaphela indlela uJesu ayeyishisekela ngayo inkolo yeqiniso. UJesu wayefuna ukusiza abanye, ngakho welapha abagulayo, wondla abalambile futhi wavusa abafileyo. Ngokwenza zonke lezi zimangaliso wabonisa lokho uMbuso ozokwenzela abantu.

KULE NGXENYE

UJesu Uba UMesiya

Wayesho ukuthini uJohane lapho ethi uJesu uyiWundlu likaNkulunkulu?

UDeveli Ulinga UJesu

UDeveli walinga uJesu kathathu. Yiziphi lezo zilingo ezintathu? UJesu wasabela kanjani?

UJesu Uhlanza Ithempeli

Kungani uJesu axosha izilwane ethempelini futhi wagumbuqela amatafula abashintshi bemali?

Owesifazane Emthonjeni Wamanzi

Owesifazane ongumSamariya uyamangala lapho uJesu ekhuluma naye. Kungani? Yini uJesu ayitshela owesifazane angakaze ayitshele muntu?

UJesu Washumayela NgoMbuso

UJesu umema abanye babafundi bakhe ukuba babe abadobi babantu. Kamuva, waqeqesha abalandeli bakhe abangu-70 ukuba bashumayele izindaba ezinhle.

UJesu Wenza Izimangaliso Eziningi

Nomaphi lapho uJesu ayeya khona, abantu abagulayo babeza kuye futhi wayebelapha. Waze wavusa nentombazanyana eyayifile.

UJesu Ukhetha Abaphostoli Abangu-12

Ubakhethela ukuthi benzeni? Usawakhumbula yini amagama abo?

INtshumayelo YaseNtabeni

UJesu ufundisa isixuku esihlangene izifundo ezibalulekile.

UJesu Ufundisa Abafundi Bakhe Ukuthandaza

Yiziphi izinto athi abafundi bakhe abaqhubeke bezicela?

UJesu Unika Izinkulungwane Zabantu Ukudla

Lesi simangaliso sibonisani ngoJesu nangoJehova?

UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi

Ucabanga ukuthi abaphostoli bazizwa kanjani lapho bebona lesi simangaliso?

UJesu Welapha NgeSabatha

Kungani abantu bengakuthandi lokho akwenzayo?

UJesu Uvusa ULazaru

Lapho uJesu ebona uMariya ekhala, naye wakhala. Kodwa baphinde bajabula.