ISIFUNDO 56
UJosiya Wayewuthanda UMthetho KaNkulunkulu
UJosiya waba inkosi yakwaJuda lapho eneminyaka engu-8. Ngalezo zikhathi, abantu babenza imilingo futhi bekhonza izithombe. Lapho uJosiya eneminyaka engu-16, wafunda ukuthi angamkhonza kanjani uJehova ngendlela ayifunayo. Lapho eneminyaka engu-20, waphihliza zonke izithixo wabhidliza nama-altare ezweni. Kwathi lapho eneminyaka engu-26, wahlela ukuba kulungiswe ithempeli likaJehova.
Umpristi ophakeme uHilikiya, wathola incwadi yoMthetho kaJehova ethempelini okungenzeka yayibhalwe uMose. UShafani, unobhala wenkosi wayiletha kuJosiya wabe esemfundela uMthetho ngokuzwakalayo. Njengoba uJosiya ayelalele, wabona ukuthi sekuphele iminyaka eminingi abantu bengamlaleli uJehova. INkosi uJosiya yathi kuHilikiya: ‘UJehova usithukuthelele kakhulu. Ngicela uhambe uyokhuluma naye. UJehova uzositshela okufanele sikwenze.’ UJehova waphendula ngomprofethikazi uHulida: ‘Abantu bakwaJuda bangishiyile. Ngizobajezisa kodwa hhayi uJosiya esaphila, ngenxa yokuthi uzithobile kimi.’
Lapho iNkosi uJosiya izwa lo myalezo, yahamba yaya ethempelini futhi yabiza bonke abantu bakwaJuda. Yabe isifundela isizwe sonke uMthetho kaJehova ngokuzwakalayo. UJosiya nabantu bathembisa ukuthi bazomlalela uJehova ngayo yonke inhliziyo yabo.
Kwase kuphele iminyaka eminingi isizwe sakwaJuda singaligubhi iPhasika. Kodwa lapho uJosiya efunda eMthethweni ukuthi iPhasika kufanele ligujwe minyaka yonke, watshela isizwe: ‘Sizokwenzela uJehova iPhasika.’ UJosiya wabe eselungiselela ukwenza imihlatshelo eminingi futhi wahlela nokuba kube nabazocula ethempelini. Isizwe sagubha iPhasika, ngemva kwalokho sagubha uMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, owathatha izinsuku ezingu-7. Kwakungakaze kube nePhasika elinjengalo kusukela ezinsukwini zikaSamuweli. UJosiya wayewuthanda ngempela uMthetho kaNkulunkulu. Uyakuthanda yini ukufunda ngoJehova?
“Izwi lakho liyisibani esiqondisa izinyathelo zami, nokukhanya endleleni yami.”—IHubo 119:105

