Isethulo Sengxenye 5

Isethulo Sengxenye 5

Ngemva kwezinyanga ezimbili ewele uLwandle Olubomvu, ama-Israyeli afika eNtabeni iSinayi. Lapho, uJehova wenza isivumelwano nama-Israyeli sokuthi ayezoba isizwe sakhe esikhethekile. Wawavikela, wawanikeza konke ayekudinga—wawanika imana ayezoyidla nendawo ephephile yokuhlala futhi izingubo zawo azizange ziguge. Uma ungumzali, siza ingane yakho iqonde ukuthi kungani uJehova anika ama-Israyeli uMthetho, itabernakele nobupristi. Gcizelela ukuthi kubaluleke kangakanani ukwenza esikuthembisile, ukuhlala sithobekile nokuhlala siqotho kuJehova.

KULE NGXENYE

ISIFUNDO 23

Isifungo Esenziwa KuJehova

Lapho ama-Israyeli esekamu eNtabeni iSinayi enza isithembiso esikhethekile kuNkulunkulu.

ISIFUNDO 24

Asephula Isithembiso Sawo

Ngesikhathi uMose esayolanda iMiyalo Eyishumi, abantu benza isono esibi kakhulu.

ISIFUNDO 25

Itabernakele Okwakukhonzwa Kulo

Leli tende elikhethekile lalinomphongolo wesivumelwano.

ISIFUNDO 26

Izinhloli Ezingu-12

Umbiko kaJoshuwa nokaKalebi wawuhlukile kowezinhloli eziyishumi ezaziyohlola izwe laseKhanani.

ISIFUNDO 27

Abamlalelanga UJehova

UKhora, uDathani, u-Abhiramu nabanye abangu-250 bahluleka ukubona iqiniso elibalulekile ngoJehova.

ISIFUNDO 28

Imbongolo KaBhalami Iyakhuluma

Imbongolo yabona othile owayengabonakali kuBhalami.