Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Sikhonzi esithandekayo esikanye naso:

Njengoba wazi, iBhayibheli liyincwadi ekhuluma kakhulu ngabantu. Abaningi kubo kwakungamadoda nabesifazane abathembekile ababhekana nezinselele ezifana nezethu. ‘Babenemizwa efana neyethu.’ (Jakobe 5:17) Abanye babecindezelwe yizinkathazo zokuphila. Abanye behlukumezeke kakhulu, belinyazwe amalungu omndeni noma abakhulekeli abakanye nabo. Kanti abaningi babehlushwa imizwa yecala ngenxa yamaphutha abo.

Ingabe laba bantu bamshiya ngokuphelele uJehova? Cha. Abaningi babenjengomhubi owathandaza: “Ngizulazulile njengemvu elahlekile. Funa inceku yakho, ngoba angizange ngiyikhohlwe imiyalo yakho.” (IHubo 119:176) Ingabe wake wazizwa ngendlela efanayo?

UJehova akalokothi abakhohlwe abakhulekeli bakhe abaye baduka, baphuma esibayeni. Ngokuphambene nalokho, uzama ukubasiza—ngokuvamile esebenzisa abanye abakhulekeli abakanye nabo. Ngokwesibonelo, ake ucabange ngendlela uJehova asiza ngayo isikhonzi sakhe uJobe, esabhekana nezinhlekelele eziningana—izinkinga zezimali, ukulahlekelwa abathandekayo nokuphathwa isifo esibuhlungu. UJobe waphinde wakhuthazelela amazwi abuhlungu ayeshiwo abantu okwakufanele ngabe bayamduduza. Kuyiqiniso ukuthi kwaba nesikhathi lapho uJobe ayecabanga ngendlela eyiphutha, kodwa akazange amshiye uJehova. (Jobe 1:22; 2:10) UJehova wamsiza kanjani uJobe ukuba alungise umbono wakhe?

UJehova wasebenzisa omunye umkhulekeli wakhe u-Elihu ukuba asize uJobe. Lapho uJobe echaza izinto ezazimkhathaza, u-Elihu wamlalela futhi washukumiseleka ukuba akhulume. Wayezothini? Ingabe wayeyogxeka uJobe noma azame ukumkhuthaza esebenzisa amazwi ayeyomenza azizwe enecala noma ehlazekile? Ingabe u-Elihu wayezibona engcono kunoJobe? Lutho neze! Eshukunyiswa umoya kaNkulunkulu ongcwele, u-Elihu wathi: “KuNkulunkulu weqiniso ngiyilokho nje nawe oyikho; nami futhi ngabunjwa ngobumba.” Wabe eseqinisekisa uJobe: “Akukho okwethusayo kimi okuzokwesabisa, futhi akukho ukucindezela okuvela kimi okuzoba nzima phezu kwakho.” (Jobe 33:6, 7) Kunokuba anezele osizini lukaJobe, ngothando u-Elihu wanikeza uJobe iseluleko nesikhuthazo ayesidinga.

Sifisa wazi ukuthi silingise isibonelo sika-Elihu ngesikhathi sibhala le ncwajana. Siqale salalela futhi sacabanga ngokucophelela ngezimo kanye nemizwa yeningi lalabo abaye baduka emhlambini. (IzAga 18:13) Sabe sesifunda imiBhalo futhi ngosizo lomthandazo sahlola ukulandisa okubonisa indlela uJehova asiza ngayo izinceku zakhe zasendulo ezazibhekene nezimo ezifanayo. Ekugcineni, sibe sesihlanganisa lokho kulandisa okusemiBhalweni nokuhlangenwe nakho kwanamuhla ukuze sikhiqize le ncwajana. Sikumema ngemfudumalo ukuba uyifunde le ncwajana. Sicela uqiniseke ngokuthi sikuthanda kakhulu.

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova