uJobe 33:1-33
33 “Kodwa manje Jobe, ngicela uzwe amazwi ami;Lalela konke engikushoyo.
2 Ngicela ubheke! Kumelwe ngiwuvule umlomo wami;Ulimi* lwami kumelwe lukhulume.
3 Amazwi ami amemezela ubuqotho benhliziyo yami, +Izindebe zami zikusho ngobuqotho lokho engikwaziyo.
4 Umoya kaNkulunkulu ungenzile, +Nokuphefumula koMninimandla Onke kungenze ngaphila. +
5 Uma ukwazi, ngiphendule;Yethula udaba lwakho phambi kwami; kulungele ukuziphendulela.
6 Bheka! Ngiyafana nje nawe kuNkulunkulu weqiniso;Nami ngabunjwa ngobumba. +
7 Ngakho akukho lutho olwesabisayo kimi okufanele lukwethuse,Akukho lutho olucindezelayo oluvela kimi okufanele lukukhungathekise.
8 Kodwa uthe ezindlebeni zami,Yebo, bengilokhu ngikuzwa usho la mazwi,
9 ‘Ngimsulwa, anginaseqo; +Ngihlanzekile, anginasiphambeko. +
10 Kodwa uNkulunkulu uyazithola izizathu zokumelana nami;Ungibheka njengesitha sakhe. +
11 Ufaka izinyawo zami kozankosi;*Ucubungula zonke izindlela zami.’ +
12 Kodwa awukhulumi iqiniso uma usho lokho, ngakho ngizokuphendula:
UNkulunkulu mkhulu kakhulu kunomuntu ofayo. +
13 Kungani ukhala ngaye? +
Yingoba engazange awaphendule wonke amazwi akho? +
14 Ngoba uNkulunkulu ukhuluma kaningi,Kodwa akekho onakayo,
15 Lokhu ukwenza ephusheni, embonweni wasebusuku, +Lapho ubuthongo obukhulu behlela abantuNgesikhathi belele emibhedeni yabo.
16 Ube esevula izindlebe zabo, +Agxilise imiyalo yakhe kubo,
17 Ukuze anqande umuntu ekwenzeni okubi, +Futhi avikele umuntu ekunqotshweni ukuqhosha. +
18 UNkulunkulu usindisa umphefumulo* wakhe egodini, *+Nokuphila kwakhe ekubulaweni inkemba.*
19 Umuntu angafunda okuthile lapho elele embhedeni wakhe ezwa izinhlungu,Nangobuhlungu obungapheli bamathambo akhe,
20 Kangangokuthi uyasenyanya* isinkwa,Wenqaba ngisho nokudla okumnandi. +
21 Inyama yakhe iyawohloka ingabe isabonakala,Namathambo akhe abefihlekile manje asehleli obala.*
22 Umphefumulo* wakhe usondela egodini;*Nokuphila kwakhe kulabo ababulalayo.
23 Uma eba nesithunywa,*Umkhulumeli oyedwa kwabayinkulungwane,Ukuba atshele umuntu ukuthi buyini ubuqotho,
24 Khona-ke uNkulunkulu umbonisa umusa, athi:
‘Msindise ukuze angehleli egodini! *+
Ngithole isihlengo! +
25 Inyama yakhe mayibe ntsha* kunasebusheni; +Makabuyele ezinsukwini zobungqabavu bobusha bakhe.’ +
26 Uyoncenga uNkulunkulu, + yena oyomamukela,Abone ubuso baKhe ngokumemeza kwenjabulo,UNkulunkulu uyobuyisela ukulunga kwaKhe kumuntu ofayo.
27 Lowo muntu uyomemezela* kubantu athi,‘Ngonile, + ngahlanekezela okulungile,Kodwa angikutholanga obekungifanele.*
28 Uwukhululile umphefumulo* wami ukuba ungayi egodini, *+Nokuphila kwami kuyokubona ukukhanya.’
29 Ngempela, uNkulunkulu uyazenza zonke lezi zinto,Azenze kaningi, ezenzela umuntu,
30 Ukuze ambuyise egodini,*Ukuze akhanyiselwe ngokukhanya kokuphila. +
31 Lalela Jobe! Ngilalele!
Thula, mina ngizoqhubeka ngikhuluma.
32 Uma kukhona ofuna ukukusho, ngiphendule.
Khuluma, ngoba ngifuna ukuveza ukuthi ulungile.
33 Uma kungekho ofuna ukukusho, kufanele ungilalele;Thula, ngizokufundisa ukuhlakanipha.”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “Ulimi kanye nolwanga.”
^ Noma, “ezingongolweni.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “isikhali (umcibisholo).”
^ Noma, “ethuneni.”
^ Noma, “ukuphila.”
^ NgesiHebheru, “ukuphila kwakhe kuyasenyanya.”
^ Noma, “aseyabonakala.”
^ Noma, “Ukuphila.”
^ Noma, “ethuneni.”
^ Noma, “nengelosi.”
^ Noma, “ethuneni.”
^ Noma, “nempilo.”
^ NgesiHebheru, “uyocula.”
^ Noma kungaba, “Futhi akungizuzisanga.”
^ Noma, “ukuphila.”
^ Noma, “ethuneni.”
^ Noma, “ethuneni.”