Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe AmaKristu Ekhulu Lokuqala Ayehlanganyela Kwezombusazwe?

Ingabe AmaKristu Ekhulu Lokuqala Ayehlanganyela Kwezombusazwe?

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Ingabe AmaKristu Ekhulu Lokuqala Ayehlanganyela Kwezombusazwe?

▪ Ngaphambi kokuba anyukele ezulwini, uJesu wanikeza abafundi bakhe iziqondiso ezicacile mayelana nokuthi bayifeze kanjani inkonzo yabo kodwa akazibalanga ezombusazwe. (Mathewu 28:18-20) Ngakho, abafundi bakhe baqhubeka bephila ngendlela uJesu ayeyishilo ekuqaleni: “Buyiselani okukaKhesari kuKhesari, kodwa okukaNkulunkulu kuNkulunkulu.”—Marku 12:17.

Leyo ndlela yabasiza kanjani abalandeli bakaJesu ukuba bahlale ezweni kodwa bangabi ingxenye yalo? Babenquma kanjani ukuthi yiziphi izinto zikaHulumeni, noma zikaKhesari, nokuthi yiziphi ezikaNkulunkulu?

Umphostoli uPawulu wabheka ukuhlanganyela kwezombusazwe njengokungavumelani nalokho okwashiwo uJesu. Incwadi ethi Beyond Good Intentions—A Biblical View of Politics ithi: “UPawulu wayezimisele ukusebenzisa ukuba kwakhe isakhamuzi saseRoma ukuze afune isivikelo enkantolo, kodwa wayengangeni ezingxabanweni zezombusazwe zosuku lwakhe.”

Yiziphi iziqondiso uPawulu azinikeza amaKristu akanye nawo? Incwadi efanayo iyanezela: “Izincwadi azibhalela amakholwa ayehlala emizini ebalulekile enjengaseKorinte, e-Efesu ngisho naseRoma azishongo lutho ngezingxabano zezombusazwe.” Le ncwadi iphawula nokuthi uPawulu “wayala ukuba kuhlonishwe ohulumeni, kodwa ayikho incwadi ayibhala eyake yakhuluma ngokuthi isonto lendawo kufanele lingenele inhlangano yomphakathi.”—Roma 12:18; 13:1, 5-7.

AmaKristu aphila ngemva kwamashumi eminyaka uPawulu afa ayewazi kahle umahluko phakathi kwesibopho sawo kuNkulunkulu nakuHulumeni. Aqhubeka ehlonipha amagunya ezombusazwe kodwa agwema ukuzihlanganisa nazo. Incwadi ethi Beyond Good Intentions isho nakhu ngalawo makholwa: “Yize ayekholelwa ukuthi abophekile ukuhlonipha amagunya abusayo, amaKristu okuqala ayengakholelwa ekuzihlanganiseni nezindaba zezombusazwe.”

Nokho, ngemva kweminyaka engu-300 uKristu afa izinto zashintsha. Isazi sezenkolo, uCharles Villa-Vicencio, sithi: “Lapho kushintshwa isimo sezombusazwe ngaphansi kokuqondisa kukaConstantine, kubonakala sengathi amaKristu amaningi ahlanganyela emisebenzini yomphakathi futhi abuthelwa impi amukela nesikhundla kwezombusazwe.” (Between Christ and Caesar) Waba yini umphumela? Ekupheleni kwekhulu lesine C.E., lokho kuxubana phakathi kwenkolo nezombusazwe kwaba yinkolo yoMbuso waseRoma.

Namuhla, izinkolo eziningi ezithi zilandela uKristu ziyaqhubeka zikhuthaza amalungu azo ukuba ahlanganyele kwezombusazwe. Nokho, lezo zinkolo azilingisi uKristu futhi azilandeli isibonelo samaKristu ekhulu lokuqala.