Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ake Sibuze UJesu

Ake Sibuze UJesu

Ake Sibuze UJesu

Abantu abaningi abesaba uNkulunkulu banomuzwa wokuthi inkolo kufanele ihileleke kwezombusazwe. Bakholelwa ukuthi inkolo ingabamba iqhaza elibalulekile ekuxazululeni izinkinga zabantu. Nokho, amanye amakholwa aqotho acabanga ukuthi inkolo nezombusazwe akufanele kuhlangane. Wena ucabanga ukuthi inkolo inayiphi indima kwezombusazwe? Ingabe kufanele kuxubane?

UJESU KRISTU uye wachazwa njengomuntu “onethonya elikhulu emlandweni wenkolo yabantu.” Ngakho, ucabanga ukuthi ukube besingambuza ukuthi, Kufanele yini inkolo ihileleke kwezombusazwe, ubengathini? Ngesikhathi esemhlabeni, wawuphendula lo mbuzo ngezenzo nangamazwi akhe. Ngokwesibonelo, eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni edumile, uJesu wakhipha iziqondiso ezasiza abalandeli bakhe babona ukuthi kufanele babe nayiphi indima emphakathini. Ake sihlole amanye amaphuzu atholakala kuleyo ntshumayelo edumile.

Bathinta Ukuphila Kwabanye

UJesu wachaza indlela okufanele abalandeli bakhe balibheke ngayo izwe. Wathi: “Nina ningusawoti womhlaba; kodwa uma usawoti uphelelwa amandla awo, ubusawoti bawo buyobuyiselwa kanjani na? Awusasebenziseki kunoma yini ngaphandle kokuthi ulahlwe ngaphandle unyathelwe ngabantu. Nina ningukukhanya kwezwe. . . . Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Mathewu 5:13-16) Kungani uJesu afanisa abalandeli bakhe nosawoti nokukhanya?

Amazwi kaJesu asikisela ukuthi abalandeli bakhe banjengosawoti, hhayi nje weqembu elincane, kodwa wabantu bonke. Banjengokukhanya, okungakhanyiseli nje idlanzana labantu, kodwa bonke abafuna ukubona ngokucacile. Ngokusebenzisa le mifanekiso uJesu wakwenza kwacaca ukuthi wayengafuni abalandeli bakhe babe onkom’ idla yodwa. Kungani kunjalo?

Cabanga ngalokhu: Usawoti ngeke ukwazi ukulondoloza ukudla uma ungafakiwe kukho. Isibani ngeke sikwazi ukukhanyisa endlini emnyama uma singaphandle. Yingakho-ke uJesu engazange ayale abafundi bakhe ukuba bazihlukanise nabantu bazenzele eyabo imiphakathi yamakholwa. Kunalokho, njengoba usawoti kudingeka ungene ekudleni, nokukhanya kudingeka kukhanyise ebumnyameni, namaKristu kudingeka akuthinte ukuphila kwabanye.

“Abayona Ingxenye Yezwe”

Nokho, iziyalezo zikaJesu kubalandeli bakhe zokuba basebenzelane nabanye abantu ziphakamisa umbuzo obalulekile ngendlela umKristu okufanele abheke ngayo ezombusazwe. Kungani kunjalo? Ngaphambi nje kokuba afe, uJesu wathandaza kuNkulunkulu ecelela abalandeli bakhe, wathi: “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi. Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Johane 17:15, 16) Ngakho-ke, kwenzeka kanjani ukuba amaKristu angabi ingxenye yezwe kodwa ngesikhathi esifanayo ahileleke emiphakathini ahlala kuyo? Ukuze uthole impendulo, ake sihlole le mibuzo emithathu:

• UJesu wayezibheka kanjani ezombusazwe?

• Kufanele enzeni amaKristu namuhla?

• Izimfundiso zamaKristu ziyithinta kanjani imiphakathi?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

UJesu wakwenza kwacaca ukuthi wayengafuni abalandeli bakhe babe onkom’ idla yodwa