Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Liyini IHholo LoMbuso?

Liyini IHholo LoMbuso?

IHholo LoMbuso yindlu yokukhulekela esetshenziswa oFakazi BakaJehova emisebenzini yabo ehlobene nokukhulekela. Emhlabeni wonke, kunamaHholo OMbuso asetshenziswayo angamashumi ayizinkulungwane. Isonto ngalinye, amabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-105 000 ahlangana kula mahholo.

Kuwo wonke amaHholo OMbuso kufundwa iBhayibheli futhi kube nezinkulumo. Emahholo amaningi kuba nesiteji noma indawo yesikhulumi yokuqhuba umhlangano. Ngokuvamile kuba nezihlalo ezingahlalisa abantu abangaba yikhulu kuya kwabangu-300. IHholo LoMbuso lingase futhi libe namanye amagumbi okuqhutshelwa kuwo ezinye izingxenye zomhlangano. Amanye aba nehhovisi nendawo encane yokugcina izincwadi zeBhayibheli noma ezinye ezingahlobene neBhayibheli ezisetshenziswa amalungu ebandla lapho ecwaninga.

Nokho, iHholo LoMbuso alinamifanekiso noma izithombe ezivame ukutholakala emasontweni eLobukholwa. Awekho ama-altare, imifanekiso noma iziphambano. Kungani kunjalo? OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi ukusebenzisa lezi zinto kungqubuzana nomyalo weBhayibheli othi “kubalekeleni ukukhonza izithombe.” (1 Korinte 10:14; Johane 4:24) Amasonto namathempeli amaningi aba wubulivilivi futhi ahlotshiswa ngezinto ezibizayo. AmaHholo OMbuso awanjalo. Lapho akhiwa kuyaqikelelwa ukuthi azosebenziseka futhi awadli ngabukhazikhazi. Kugcizelelwa kakhulu imfundo yeBhayibheli etholakala lapha, hhayi isakhiwo ngokwaso.

Kungani lezi zakhiwo zibizwa ngokuthi amaHholo OMbuso? Imihlangano yeningi eqhutshwa lapha igxila ngokuyinhloko emfundweni yeBhayibheli nasesigijimini salo esivelele esiphathelene ‘nombuso kaNkulunkulu,’ isici esiyinhloko uJesu ashumayela ngaso. (Luka 4:43) Ngakho, igama elithi iHholo LoMbuso, elaqanjwa ngawo-1930, liyichaza kahle kakhulu injongo yalezi zakhiwo—ukuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso nokushunyayelwa ‘kwezindaba ezinhle zombuso.’ (Mathewu 24:14) Yingakho amaHholo OMbuso engasetshenziselwa ezikaqedisizungu noma ukwenza imali. Iminikelo yokuzithandela isiza ekuwakheni, ekuwagcineni esesimweni esifanele nasekunakekeleni izindleko zawo. Akukho nkongozelo. Kunalokho, kuba nebhokisi elihlala endaweni ethile ukuze noma ubani ofisayo afake umnikelo wakhe kulo.

AmaHholo OMbuso asetshenziswa ngenjongo efanayo kuwo wonke amazwe, kodwa akhiwa ngezindlela ezihlukahlukene futhi awalingani. Ukwakhiwa kwawo kuxhomeka empahleni yokwakha etholakala endaweni, isimo sezulu nesimo somnotho soFakazi BakaJehova abahlala kuleyo ndawo. Ezinye zalezi zakhiwo zakhiwa ngezitini, ukhuni noma ngamatshe. Amanye avulekile ezinhlangothini futhi afulelwa ngoqalo.

Wonke umuntu wamukelekile kunoma yiliphi iHholo LoMbuso. (Hebheru 10:25) Empeleni, kuba nomhlangano weningi masonto onke ogxila esihlokweni esithathwe eBhayibhelini esingazuzisa amalungu ebandla nabavakashile. Sicela uke uvakashe eHholo LoMbuso langakini.

ENgilandi, eGreat Britain