Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani u-Isaya 30:21 ekhuluma ngokuthi izwi likaJehova lizwakala “ngemva kwakho,” ngoba ivesi elandulelayo libonisa ukuthi uJehova ungaphambili njengoba lithi, “Amehlo akho ayoba ngamehlo ambonayo uMfundisi wakho Omkhulu”?

U-Isaya 30:20, 21 uthi: “UMfundisi wakho Omkhulu ngeke esazifihla, futhi amehlo akho ayoba ngamehlo ambonayo uMfundisi wakho Omkhulu. Futhi izindlebe zakho ziyozwa izwi ngemva kwakho lithi: ‘Nansi indlela. Hambani ngayo,’ uma kwenzeka niya ngakwesokunene noma niya ngakwesobunxele.”

Uma umfundi ewathatha njengoba enjalo la mazwi, ubona uJehova, uMfundisi Omkhulu, engaphambi kwakhe kodwa uzwa izwi laKhe ngemva kwakhe. Nokho, la mazwi awumfanekiso futhi kufanele aqondwe ngaleyo ndlela.

Umfanekiso ivesi 20 eliwuletha engqondweni yilowo wenceku ekhonza inkosi yayo, ehlala ilungele ukwenza iziyalezo zenkosi yayo. Njengenceku ebukisisa isandla senkosi yayo ukuze ibone ukuthi ifunani, abantu bakaJehova namuhla bagxilise amehlo abo eziyalezweni ezisekelwe eBhayibhelini uJehova azinikeza ngokuqhubekayo ngenhlangano yakhe yasemhlabeni. (IHubo 123:1, 2) Yebo, balandela isiqondiso sakhe, bephaphamele noma yini uJehova ayishoyo ‘ngenceku ethembekile neqondayo.’—Mathewu 24:45-47.

Kuthiwani-ke ngezwi izinceku zakhe ezilizwa ngemva kwazo? Kunengqondo ukuphetha ngokuthi izwi elizwakala ngemuva yizwi likaNkulunkulu langesikhathi esidlule, alikhuluma eZwini lakhe elilotshiwe elicaciswa ‘umphathi othembekile.’ (Luka 12:42) Izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla zizwa izwi lakhe ngokutadisha iBhayibheli ngenkuthalo nangokusebenzisa izimiso zalo ekuphileni kwazo zisizwa izincwadi ezilungiselelwa ‘yinceku ethembekile neqondayo,’ ‘umphathi othembekile.’ Ngokuthembela esiqondisweni esifike ngesikhathi esinikezwa uMfundisi Omkhulu, nangokusiphaphamela, futhi zitadishe iZwi likaNkulunkulu, elalotshwa emakhulwini eminyaka adlule, izinceku zakhe zimbona ngokomfanekiso ngaphambi kwazo futhi zizwe izwi lakhe ngemva kwazo.—Roma 15:4.