PHAPHAMA! No. 4 2017 | Ingabe Umatasa Kakhulu?
Abantu banamuhla bamatasa kakhulu kangangokuthi ngezinye izikhathi ubudlelwane bethu nabanye buba nezinkinga nemindeni ingajabuli.
Singasisebenzisa kanjani isikhathi sethu ngokulinganisela?
Enye indoda ehlakaniphile yabhala: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.”—UmShumayeli 4:6.
Le “Phaphama!” inamacebiso esingawasebenzisa ukuze sihlele kahle isikhathi sethu, sibone nokuthi iziphi izinto ezibaluleke kakhulu.
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Ingabe Umatasa Kakhulu?
Abaningi bathi kunzima ukukwenza kokubili, umsebenzi nezinto zasekhaya. Yini ebangela lokho? Yini engasiza?
Inyoni Emangalisayo Okuthiwa I-Arctic tern
Kwakukholelwa ukuthi izinyoni ezibizwa ngama-arctic terns zindiza amakhilomitha angaba ngu-35 200 ukusuka e-Arctic ziya e-Antarctica ziphinde zibuyele e-Arctic. Kodwa lelo kumane kuyingxenye yebanga le nyoni elindizayo.
‘Igama Elihle Lingcono Kunengcebo Echichimayo’
Singaba negama elihle futhi sihlonishwe abanye. Kanjani?
USIZO LOMNDENI
Nizokwenzenjani Njengoba Izingane Sezihambile?
Abantu abaningi abashadile bavame ukuba nezinkinga eziningi lapho izingane sezikhulile futhi sezihambile ekhaya. Yini abangayenza ukuze bajwayelane naleso simo?
INGXOXO NOTHILE
Umcwaningi Wobuchopho Uchaza Ngokholo Lwakhe
UProfesa Rajesh Kalaria uchaza ngomsebenzi wakhe nangalokho akukholelwayo.Yini eyamenza wathanda isayensi? Yini eyamenza wafisa ukwazi ukuthi ukuphila kwaba khona kanjani?
UMBONO WEBHAYIBHELI
Isilingo
Ukuchitheka kwemishado, ukugula, ukuhlushwa unembeza kumane nje kuyizinto ezimbalwa ezingenzeka lapho uvuma ukunqotshwa isilingo. Singalugwema kanjani lolu gibe?
INGABE KWAKLANYWA?
Umbala Oluhlaza Okwesibhakabhaka We-Pollia Berry
Lesi sithelo sibukeka sinombala oluhlaza okwesibhakabhaka ogqame kunowazo zonke izitshalo. Noma kunjalo, isikhumba saso asinawo umbala. Pho yini eyenza sibonakale sinombala omuhle kangaka?
Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet
Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Ngibe Nomndeni Ojabulayo?
Izeluleko ezihlakaniphile ezivela eBhayibheli sezisize izigidi zabesilisa nabesifazane ukuba babe nemindeni ejabulayo.

