Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Ngibe Nomndeni Ojabulayo?

Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Ngibe Nomndeni Ojabulayo?

Impendulo yeBhayibheli

Yebo. Nazi izeluleko ezimbalwa ezisekelwe eBhayibhelini ezisize izigidi zamadoda nabesifazane ukuba zibe nemindeni ejabulayo:

  1. Shada ngokusemthethweni. Isibopho sokuphila konke osenza ngokushada ngokusemthethweni siyisisekelo somndeni ojabulayo.Mathewu 19:4-6.

  2. Bonisa uthando nenhlonipho. Lokhu kuhlanganisa ukuphatha oshade naye ngendlela ongathanda ukuphathwa ngayo.Mathewu 7:12; Efesu 5:25, 33.

  3. Gwema amazwi ahlabayo. Khuluma ngendlela enomusa, ngisho nalapho oshade naye esho noma enza okuthile okukuzwisa ubuhlungu. (Efesu 4:31, 32) IzAga 15:1 zithi: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.”

  4. Thembekani komunye nomunye. Izenzo zothando nezocansi zibonise kuphela koshade naye. (Mathewu 5:28) IBhayibheli lithi: “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa.”—Hebheru 13:4.

  5. Qeqesha izingane zakho ngothando. Gwema ukuthambisa kakhulu isandla nokuba nokhahlo.IzAga 29:15; Kolose 3:21.