PHAPHAMA! No. 5 2016 | Ingabe UJesu Waba Khona Ngempela?
Ibuphi ubufakazi obukhona emlandweni?
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Ingabe UJesu Waba Khona Ngempela?
Izazi zasendulo nezanamuhla zithini ngale ndaba?
UKUBUKA OKWEZWE
Ukuhlolisisa Amazwe AseMelika
Ukukhathazeka nobudlova kungezinye zezinkinga ezimbalwa kweziningi amazwe aseMelika abhekene nazo. Ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kungasiza?
USIZO LOMNDENI
Ukufundisa Ingane Yakho Ngocansi
Imiyalezo ephathelene nocansi isitholakala kalula ezinganeni ezineminyaka ephansi kakhulu. Yini okufanele uyazi? Yini ongayenza ukuze uvikele izingane zakho?
Isakhi Esimangalisayo
Asikho isakhi esiyikhemikhali esibaluleke ngaphezu kwalesi ekubeni khona kokuphila. Siyini, futhi yini esenza sibaluleke kangaka?
UMBONO WEBHAYIBHELI
Ukubonga
Ukubonisa le mfanelo kunezinzuzo eziningi. Kungakusiza kanjani futhi ungakuhlakulela kanjani?
EZASENDULO
U-Aristotle
Imibono yalesi sazi sefilosofi sasendulo yazithonya ngokujulile izimfundiso zeLobukholwa.
“Kuyindlela Entsha!”
Ama-video asengosini ethi jw.org akhanga othisha, abeluleki nabanye.
Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet
Bonga
Ungabonisa kanjani ukuthi uyabonga kulabo abakwenzela izinto ezithile?

