Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA IBHAYIBHELI ELASINDA NGAYO

Okwenze IBhayibheli Lasinda

Okwenze IBhayibheli Lasinda

IBhayibheli lisindile. Ngenxa yalokho, ungalithola futhi ulifunde namuhla. Futhi lapho ukhetha inguqulo yeBhayibheli eyenziwe kahle, ungaqiniseka ukuthi ufunda imibhalo yokuqala enokwethenjelwa. * Kodwa kungani iBhayibheli liye laqhubeka likhona naphezu kokuguga kwezinto elalilotshwe kuzo, ukuphikiswa okukhulu nemizamo yokushintsha umyalezo walo ngamabomu, ezimweni eziningi lisinda ngendlela ekhexisayo? Yini eyenza le ncwadi ikhetheke kangaka?

“Manje ngiyaqiniseka ukuthi iBhayibheli enginalo liyisipho esivela kuNkulunkulu”

Abafundi beBhayibheli abaningi sebeye bafinyelela isiphetho esifana nesomphostoli uPawulu owabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Bakholelwa ukuthi iBhayibheli lisinde ngenxa yokuthi lona lodwa liyiZwi likaNkulunkulu nokuthi uNkulunkulu uligcinile kwaze kwaba namuhla. UFaizal ocashunwe esihlokweni sokuqala salolu chungechunge, wagcina esenquma ukuzihlolela lokho ngokutadisha iBhayibheli. Kwammangaza lokho akuthola. Ngokushesha wathola ukuthi izimfundiso eziningi ezivame kweLobukholwa azikho eBhayibhelini. Ngaphezu kwalokho, yamthinta injongo kaNkulunkulu ngomhlaba eyembulwe eZwini laKhe.

Uthi: “Manje ngiyaqiniseka ukuthi iBhayibheli enginalo liyisipho esivela kuNkulunkulu. Kakade, uma uNkulunkulu ekwazi ukwenza izulu nomhlaba, ubengeke yini abe namandla okusinika incwadi futhi asilondolozele yona? Ukusho okuphambene bekuyoba ukweya amandla kaNkulunkulu. Bekuyoba ukweya amandla oMninimandla onke—ngingubani nje mina ukuthi ngingenza leyo nto?”—Isaya 40:8.

^ isig. 3 Bheka isihloko esithi “Ungayikhetha Kanjani Inguqulo YeBhayibheli Engcono Kakhulu?” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 2008.