Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INQABAYOKULINDA No. 1 2018 | Ingabe IBhayibheli Lisewusizo Nanamuhla?

INGABE IBHAYIBHELI LISEWUSIZO NANAMUHLA?

Njengoba sekunolwazi olungaka lwakamuva olutholakala kalula, sisalidinga yini iBhayibheli? IBhayibheli lithi:

“Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.”​—2 Thimothewu 3:16.

Le Nqabayokulinda izohlola ukuthi iBhayibheli lingasisiza ngempela yini ekuphileni.

 

Ingabe IBhayibheli Lisewusizo Nanamuhla?

Njengoba kunolwazi lwakamuva, kungani ungafuna ukuqondiswa incwadi eyabhalwa eminyakeni engaba ngu-2 000 eyedlule?

Izimfundiso ZeBhayibheli—Zinokuhlakanipha Okungaphelelwa Isikhathi

Izimfundiso zeBhayibheli zisasebenza namanje futhi azisoze zaphelelwa isikhathi.

Liphelelwe Isikhathi Noma Likhuluma Ngezinto Abaningi Abangakaziqondi?

IBhayibheli aliyona incwadi yesayensi, kodwa lokho elikushoyo ngayo kungakumangaza.

1 Usizo Lokugwema Izinkinga

Funda ukuthi ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kubasize kanjani abaningi ukuba bagweme izinkinga ezinkulu.

2 Usizo Lokuxazulula Izinkinga

IBhayibheli linezeluleko zokuxazulula izinkinga ezingapheli ezifana nalezi: ukukhathazeka ngokweqile, ukungenzi izinto kusenesikhathi nokuba nesizungu.

3 Usizo Lokubhekana Nezinkinga

Kuthiwani ngezinkinga ezingagwemeki nezingaxazululeki, ezifana nokushonelwa kanye nokuba nesifo esingalapheki?

IBhayibheli Nekusasa Lakho

IZwi likaNkulunkulu lisisiza sibhekane nezinkinga zansuku zonke. Liphinde lisibonise lokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo.

Ucabangani?

Cabanga ngalokho abanye abakukholelwayo, nalokho okushiwo iBhayibheli ngale ndaba.