Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazinikela Ngokuzithandela​—⁠EMyanmar

Bazinikela Ngokuzithandela​—⁠EMyanmar

“Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Luka 10:2) La mazwi ashiwo uJesu eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, asichaza kahle isimo saseMyanmar namuhla. Kungani? EMyanmar abamemezeli abangaba ngu-4 200 kuphela abashumayela izindaba ezinhle kubantu abangaba ngu-55 000 000.

Nokho, “iNkosi yokuvuna,” uJehova, iye yathinta izinhliziyo zabazalwane nodade abaningi abavela emazweni ahlukahlukene, njengoba beye bathuthela kuleli zwe eliseNingizimu-mpumalanga ye-Asia ukuze basize kulo msebenzi wokuvuna okungokomoya. Yini eyabangela ukuba bashiye amazwe abazalelwa kuwo? Yiluphi usizo abaluthola ukuze bathuthele eMyanmar? Yiziphi izibusiso abazitholile? Ake sizwe.

“WOZANI, SIDINGA AMAPHAYONA ENGEZIWE!”

Eminyakeni edlule, uKazuhiro, oyiphayona eJapane, wadlikizela, waquleka wabe eseyiswa esibhedlela. Udokotela wathi kuye angayishayeli imoto iminyaka emibili. Washaqeka uKazuhiro lapho ezwa lokhu. Wazibuza: ‘Ngingaqhubeka kanjani ngenza lokho engikuthandayo—ukuphayona?’ Wathandaza ngobuqotho, ecela uJehova ukuba amsize ukuze akwazi ukuqhubeka ekhonza njengephayona.

UKazuhiro noMari

UKazuhiro uyachaza: “Ngemva kwenyanga, umngane wami owayekhonza eMyanmar wezwa ngalokho okungehlele. Wangithinta ngocingo wathi: ‘EMyanmar into yokuhamba esetshenziswa kakhulu yibhasi. Uma uza lapha ungaqhubeka nenkonzo yakho ungenayo imoto.’ Ngenxa yesimo sami sempilo ngabuza udokotela wami ukuthi ngingakwazi yini ukuthuthela eMyanmar. Ngamangala lapho udokotela ethi: ‘Udokotela wengqondo ovela eMyanmar ulapha eJapane uzovakasha. Ngizohamba nawe siye kuye. Uma kwenzeka uba nenkinga yokudlikizela, angakusiza.’ Leyo mpendulo kadokotela ngayibheka njengempendulo evela kuJehova.”

Ngokushesha uKazuhiro wathumela i-email ehhovisi legatsha laseMyanmar echaza ukuthi yena nomkakhe banesifiso sokukhonza kulelo zwe njengamaphayona. Ngemva nje kwezinsuku ezinhlanu, ihhovisi legatsha laphendula lathi, “Wozani, sidinga amaphayona engeziwe!” UKazuhiro nomkakhe uMari bathengisa izimoto zabo, bathola ama-visa base bethenga amathikithi endiza. Manje bakhonza ngenjabulo neqembu lolimi lwezandla eMandalay. UKazuhiro uthi: “Lokhu kuye kwaqinisa ukholo lwethu esithembisweni sikaNkulunkulu esitholakala encwadini yeHubo 37:5 ethi: ‘Gingqela indlela yakho kuJehova, wethembele kuye, yena uyothatha isinyathelo.’”

UJEHOVA UVULA INDLELA

Ngo-2014 oFakazi BakaJehova eMyanmar baba nomhlangano okhethekile. Abantu abaningi abavela kwamanye amazwe beza kulo mhlangano. Omunye wabo, uMonique, udade oneminyaka engu-34 ovela e-United States, uthi: “Lapho ngibuya emhlanganweni ngathandaza kuJehova ngacela isiqondiso sakhe mayelana nalokho okwakudingeka ngikwenze ekuphileni kwami. Ngakhuluma nabazali bami mayelana nemigomo yami yokukhonza uJehova. Sonke saba nomuzwa wokuthi kumelwe ngiphindele eMyanmar, kodwa kwathatha isikhathi nemithandazo eminingi ngaphambi kokuba ngithathe leso sinqumo.” UMonique uyasichaza isizathu salokho.

UMonique noLi

“UJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba ‘babale izindleko.’ Ngakho ngazibuza: ‘Nginayo yini imali yokuthuthela eMyanmar? Ngizokwazi yini ukuzinakekela kulelo zwe ngaphandle kokuchitha isikhathi esiningi emsebenzini wokuziphilisa?’” Uyavuma: “Ngaqaphela ngokushesha ukuthi ngangingenayo imali eyanele yokuthuthela kulelo zwe.” Pho, wakwazi kanjani ukuthutha?—Luka 14:28.

UMonique uyachaza: “Ngolunye usuku umqashi wami wacela ukungibona. Ngangethukile, ngicabanga ukuthi ngiphelelwe umsebenzi. Kodwa esikhundleni salokho, umqashi wami wangincoma ngokwenza umsebenzi omuhle. Wabe esengitshela ukuthi ngizothola ibhonasi, eyavele yaba yisamba semali ebengisidinga ukuze ngithuthele eMyanmar!”

UMonique ubelokhu ekhonza eMyanmar kusukela ngoDisemba 2014. Uzizwa kanjani ngokukhonza endaweni enesidingo sabamemezeli? Uthi: “Kungijabulisa kakhulu ukuba lapha. Ngiqhuba izifundo zeBhayibheli ezintathu. Omunye wabantu engibafundelayo uneminyaka engu-67. Uhlale emomotheka lapho engibingelela bese eyangihaga. Lapho efunda ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova, wavele wahlengezela izinyembezi. Wathi: ‘Ngiyaqala ukuzwa ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. Uyingane lapha kimi, kodwa ungifundise into ebaluleke kakhulu.’ Njengoba ungase ucabange, nami ngakhala. Izinto ezinjengalezi, zenza ukukhonza kule ndawo enesidingo sabamemezeli kwanelise ngempela.” Muva nje, uMonique ube nelungelo lokuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso.

Okunye okwakhuthaza abantu ukuba baye eMyanmar yi-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2013 eyayilandisa ngaleli zwe. ULi, udade osanda kweva eminyakeni engu-30 ubevele ehlala eNingizimu-mpumalanga ye-Asia. Ubesebenza nsuku zonke, kodwa ukulandisa okuse-Ncwadini Yonyaka kwamshukumisela ukuba acabange ngokuyokhonza eMyanmar. “Ngo-2014 emhlanganweni okhethekile eYangon, ngahlangana nendoda nomkayo ababekhonza endaweni enesidingo sabamemezeli okukhulunywa kuyo isiShayina eMyanmar. Njengoba ngikhuluma isiShayina, nganquma ukuthuthela eMyanmar ukuze ngisekele iqembu lesiShayina lapho. Ngahlangana noMonique sabe sesithuthela eMandalay. UJehova wasibusisa sathola imisebenzi yesikhashana yokufundisa esikoleni esifanayo, sathola nendawo yokuhlala eduze kwalapho. Yize kushisa lapha futhi kunezinto ezingathandeki, ngiyakuthanda ukukhonza lapha. Abantu eMyanmar baphila ukuphila okulula, kodwa banomusa futhi bayazilalela izindaba ezinhle. Kuyajabulisa ngempela ukubona indlela uJehova awukhulisa ngayo umsebenzi. Ngikholelwa ngokuqinile ukuthi kuyintando kaJehova ukuba ngibe lapha eMandalay.”

UJEHOVA UYAYIZWA IMITHANDAZO

Abantu abaningi abakhonza lapho kunesidingo esikhulu khona sabamemezeli bayawabona amandla omthandazo. Cabanga ngoJumpei oneminyaka engu-37 kanye nomkakhe uNao oneminyaka engu-35. Bebekhonza ebandleni elisebenzisa ulimi lwezandla eJapane. Yini eyabangela ukuba bathuthele eMyanmar? UJumpei uyachaza: “Mina nomkami besilokhu sinomgomo wokukhonza ezweni elinesidingo sabamemezeli. Umzalwane ebesikhonza naye ebandleni elisebenzisa ulimi lwezandla eJapane wathuthela eMyanmar. Ngisho noma sasinemali encane esasiyilondolozile, ngoMeyi 2010 nathi saya eMyanmar. Abazalwane nodade eMyanmar basamukela ngemfudumalo!” Uzizwa kanjani ngokushumayeza abantu abasebenzisa ulimi lwezandla eMyanmar? “Baningi abathanda ukwazi ngoNkulunkulu. Lapho sibabonisa amavidiyo olimi lwezandla, abaninikhaya abayizithulu bayamangala. Siyajabula ngokuthi senza isinqumo sokuza lapha sizokhonza uJehova!”

UNao noJumpei

UJumpei noNao baye bazinakekela kanjani? “Ngemva kweminyaka emithathu, imali esasiyigcinile yayisiphelile futhi sasingenayo imali eyanele yokukhokhela indawo yokuhlala ngonyaka ozayo. Mina nomkami sathandaza kaningi ngobuqotho. Kungalindelekile sathola incwadi evela ehhovisi legatsha isimema ukuba sibe amaphayona akhethekile esikhashana. Sathembela kuJehova futhi siye sabona ukuthi akasilahli. Ubelokhu esinakekela ngayo yonke indlela.” Muva nje, uJumpei noNao baye eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso.

UJEHOVA UKHUTHAZA ABANINGI

Yini eyabangela uSimone oneminyaka engu-43, owazalelwa e-Italy, nomkakhe, u-Anna, oneminyaka engu-37 odabuka eNew Zealand, ukuba bathuthele eMyanmar? U-Anna uthi, “Kwakuyindaba ekhuluma ngeMyanmar eyayibhalwe eNcwadini Yonyaka Ka-2013.” USimone uthi: “Kuyilungelo elikhulu ukuba seMyanmar. Ukuphila lapha kulula kakhulu futhi ngiyakwazi ukuchitha isikhathi sami esiningi ngisebenzela uJehova. Kuyajabulisa ukubona indlela uJehova asinakekela ngayo lapho sikhonza endaweni enesidingo esikhulu sabamemezeli.” (IHu. 121:5) U-Anna uthi: “Ngiyaqala ukujabula ngale ndlela. Siphila ukuphila okulula. Ngichitha isikhathi esiningi nomyeni wami futhi siye sasondelana kakhulu. Sithole nabangane abayigugu. Abantu ababaxwayi oFakazi futhi indlela abasamukela ngayo iyamangalisa!” Kanjani?

USimone no-Anna

U-Anna uyachaza: “Ngolunye usuku, ngashumayeza umfundi waseyunivesithi emakethe futhi ngahlela ukuba ngiphinde ngimbone. Lapho ngiphindela kuye, lo mfundi wayememe umngane wakhe. Ngesikhathi esilandelayo weza nabanye abambalwa. Kamuva, weza nabanye futhi. Manje ngifunda nabahlanu kubo.” USimone uthi: “Abantu ensimini banobungane futhi bafisa ukwazi iqiniso. Baningi abalangazelela ukuzwa izindaba ezinhle. Yikho-nje ukuthi asinaso isikhathi esanele sokubafinyelela bonke.”

USachio noMizuho

Kuthiwani ngezinyathelo ezingokoqobo ezihileleke ekwenzeni isinqumo sokuthuthela eMyanmar? UMizuho ovela eJapane uyachaza: “Mina nomyeni wami uSachio besilokhu sifuna ukukhonza ezweni elinesidingo sabamemezeli—kodwa kuphi? Ngemva kokufunda INcwadi Yonyaka Ka-2013 ekhuluma ngeMyanmar, sathinteka lapho sicabanga ngokulandisa okukuleyo ncwadi sabe sesizibuza ukuthi singakwazi yini ukuyokhonza eMyanmar.” USachio uyenezela: “Sanquma ukuvakasha isonto elilodwa eYangon, inhloko dolobha yaseMyanmar, ukuze siyohlola leli zwe. Lolo hambo olufishane lokuyohlola indawo lwasenza saqiniseka ngokuthi kufanele sithuthele khona.”

UNGASABELA YINI OBIZWENI?

UJane, uDanica, uRodney noJordan

URodney nomkakhe, uJane, badabuka e-Australia futhi bobabili bevile eminyakeni engu-50, indodana yabo uJordan nendodakazi yabo uDanica bebelokhu bekhonza endaweni enesidingo sabamemezeli eMyanmar kusukela ngo-2010. URodney uthi: “Okwasithinta kakhulu, ukubona indlela abantu ababelomele ngayo iqiniso. Ngingayikhuthaza eminye imindeni ukuba izame ukuyokhonza endaweni efana neMyanmar.” Kungani? “Lokhu kuye kwawusiza kakhulu umndeni wami ngokomoya! Intsha eningi imatasa ngomakhalekhukhwini bawo, imisebenzi, izimoto nokunye okuningi. Izingane zethu zimatasa zifunda amagama amasha ezingawasebenzisa enkonzweni. Zizama ukufunda indlela yokubonisana nalabo abangajwayelene neBhayibheli nokuphendula emihlanganweni yebandla futhi zimatasa ngemisebenzi engokomoya.

U-Oliver no-Anna

U-Oliver umzalwane oneminyaka engu-37 ovela e-United States, uchaza isizathu esimenza akhuthaze abanye ukuba bangenele le nkonzo, uthi: “Ukukhonza uJehova endaweni nasezimweni engingazijwayele kunezinzuzo eziningi. Ukuthuthela kude nekhaya kungisize ngaba nesibindi futhi ngathembela kuJehova kungakhathaliseki ukuthi zinjani izimo engizithola ngingaphansi kwazo. Ukukhonza nabantu engingabazi kodwa abanezinkolelo ezifana nezami kuye kwangisiza kakhulu ngabona ukuthi ayikho into emhlabeni ebaluleke ukudlula uMbuso kaNkulunkulu.” Namuhla, u-Oliver nomkakhe u-Anna, bayaqhubeka bekhonza ngentshiseko ensimini enabantu abakhuluma isiShayina.

UTrazel

UTrazel, udade oneminyaka engu-52 odabuka e-Australia, ubelokhu ekhonza eMyanmar kusukela ngo-2004. Uthi: “Labo abanezimo ezivumayo, ngiyabakhuthaza ukuba bakhonze lapho kunesidingo esikhulu sabamemezeli. Ngiye ngabona ukuthi uma ufisa ukukhonza, uJehova uyayibusisa imizamo yakho. Angikaze ngicabange ukuthi ngingaphila ngale ndlela. Kuyindlela eyanelisa kakhulu yokuphila, ingcono kunanoma yini engingayicabanga.”

Kwangathi la mazwi alabo abakhonza lapho kunesidingo esikhulu sabamemezeli eMyanmar angakukhuthaza ukuba ucabange ngokusiza abanhliziyo ziqotho abangakaze bashunyayezwe. Yebo, abantu abakhonza endaweni enesidingo sabamemezeli bayasibiza bathi, “Welelani eMyanmar nisisize.”