PHAPHAMA! Okthoba 2015 | Imibuzo Emithathu Abantu Abangathanda Ukuyibuza UNkulunkulu
Abantu abaningi bayayingabaza inkolo futhi abaneliseki ngezimpendulo ezinikezayo emibuzweni yabo enzima. Kodwa iBhayibheli linazo izimpendulo ezigculisayo zemibuzo evame ukubuzwa abantu.
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Imibuzo Emithathu Abantu Abangathanda Ukuyibuza UNkulunkulu
Kungani silapha? Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Kungani inkolo igcwele ubuzenzisi?
INGABE KWAKLANYWA?
Isikhumba Esimunca Ubumanzi Sesibankwa Esinameva
Lesi sibankwa sikwazi kanjani ukumunca ubumanzi kusukela emilenzeni yaso kuya emlonyeni?
UMBONO WEBHAYIBHELI
Ukuziphendukela Kwemvelo
Ingabe ukulandisa kweBhayibheli ngendalo kuyangqubuzana nesayensi?
AMAZWE NABANTU
Ukuvakashela E-Uzbekistan
Funda okwengeziwe nge-Uzbekistan nangomlando ophathelene nokushintsha kwezinhlamvu zamagama akhona.
USIZO LOMNDENI
Lapho Kumelwe Ubuyele Ekhaya
Ingabe wake washiya ekhaya wazama ukuzimela, wase uzithola ubhekene nobunzima? Funda ukuzimela ngokusebenzisa la macebiso awusizo.
Lapho Ugulelwa Othandekayo
Ukubona udokotela nokuhlala esibhedlela kungaba into ethusayo. Ungamsiza kanjani umngane noma isihlobo ukuba babhekane kangcono nalesi simo esinzima?
UKUBUKA OKWEZWE
Ukuhlolisisa Ezomndeni
Iziphi izinselele imindeni evame ukubhekana nazo? Ingasitholaphi iseluleko esisebenzisekayo esingayisiza?
Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet
Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?—Ingxenye 1: Kungani Kufanele Ukholelwe KuNkulunkulu?
Ingabe ungathanda ukuba nesibindi kakhudlwana sokuchaza ukuthi kungani ukholelwa kuNkulunkulu? Thola amacebiso okuthi ungaphendula kanjani uma othile ekubuza ngezinkolelo zakho.
Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?—Ingxenye 2: Kungani ungakholelwa Ukuthi Izinto Zazivelela?
Amaqiniso amabili ayisisekelo abonisa isizathu sokungabaza.
‘UJehova Wadala Zonke Izinto’
Uyazi ukuthi yini uNkulunkulu ayidala kuqala? Funda noKhwezi ukuthi izinto zadalwa kanjani ngokulandelana kwazo.

