Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | UMSHADO

Indlela Yokuqinisa Ukuzibophezela

Indlela Yokuqinisa Ukuzibophezela

INSELELE

Ngosuku owashada ngalo, wenza isifungo. Leso sifungo sasiwukuzibophezela ukuphila kwakho konke—isinqumo esiqinile sokunamathela kumuntu oshade naye nesokuxazulula izinkinga ezingavela.

Nokho, njengoba iminyaka ihamba, izingxabano ziye zalimaza umshado wenu. Ingabe ukuzibophezela kwakho kusaqine njengasekuqaleni?

OKUFANELE UKWAZI

Ukuzibophezela kunjengehange elingagcina umshado wakho uzinzile

Ukuzibophezela kuyisixazululo, hhayi inkinga. Abantu abaningi namuhla bayakungabaza ukuzibophezela. Abanye baye bakufanise neketanga elisindayo elikubophela esinqumweni esibi. Kunalokho, cabanga ngakho njengehange eligcina umshado wakho uzinzile. Inkosikazi egama layo linguMegan ithi: “Into ejabulisayo ngokuzibophezela, ukwazi ukuthi lapho nixabana akekho phakathi kwenu ozoshiya omunye.” * Ukuqiniseka ngokuthi umshado ngokwawo awukho engcupheni—ngisho nalapho kunezinto ezithile ezingahambi kahle—kuyokunikeza isisekelo sokuxazulula izinkinga.—Bheka ibhokisi elithi “ Ukuzibophezela Nokwethembeka.”

Iphuzu eliyinhloko: Uma unezinkinga emshadweni wakho, manje isikhathi sokuba uqinise ukuzibophezela kwakho, ungakungabazi. Ungakwenza kanjani lokho?

ONGAKWENZA

Hlola umbono wakho. “Siyoze sihlukaniswe ukufa.” Ingabe lawo mazwi akwenza uzizwe uvalelekile, noma uvikelekile? Lapho kuphakama izinkinga, ingabe ukuhamba ukuphela kwento ehlale ifika engqondweni yakho? Ukuze uqinise ukuzibophezela kwakho, kubalulekile ukubheka umshado njengesibopho esihlala njalo.—Isimiso seBhayibheli: Mathewu 19:6.

Hlola imvelaphi yakho. Umbono wakho ngokuzibophezela kungenzeka uthonywe yilokho okubone kubazali bakho. Inkosikazi egama layo linguLea ithi: “Abazali bami bahlukanisa ngisakhula futhi ngiyakhathazeka ngokuthi mhlawumbe bangishiya nginombono ophambene ngokuzibophezela.” Qiniseka ngokuthi ungakwazi ukwenza izinto ngokuhlukile emshadweni wakho. Akusho ukuthi nawe uzophinda amaphutha afanayo nawabazali bakho!—Isimiso seBhayibheli: Galathiya 6:4, 5.

Hlola indlela okhuluma ngayo. Lapho ingxabano yenu ishuba, kugweme ukusho amazwi ozozisola ngawo kamuva, anjengokuthi “Ngiyahamba mina!” noma, “Ngizozitholela omunye ozongithanda kangcono kunawe!” Amazwi anjalo ayasilulaza isibopho somshado, futhi kunokuba alungise inkinga, amane nje anenze nihlaselane ngamazwi angemahle. Esikhundleni sokusebenzisa amazwi ahlabayo, mhlawumbe ungase uthi: “Kuyacaca ukuthi sobabili sithukuthele. Yini esingayenza ukuze sixazulule le nkinga?”—Isimiso seBhayibheli: IzAga 12:18.

Kwenze kucace ‘ukuthi uzibophezele.’ Yiba nesithombe soshade naye emsebenzini. Khuluma kahle ngomshado wakho kwabanye. Kwenze umgomo ukuthinta oshade naye ngocingo njalo ngosuku uma ningekho ndawonye. Jwayela ukusebenzisa amagama anjengelithi “thina,” futhi usebenzise izinkulumo ezinjengokuthi “mina nomkami” noma “mina nomyeni wami.” Ukwenza kanjalo, kuyobaqinisekisa abanye kanye nawe ukuthi uzibophezele koshade naye.

Bheka izibonelo ongazilandela. Bheka abantu abashadile abavuthiwe asebebhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zomshado. Babuze, “Kusho ukuthini ukuzibophezela kini, futhi kuye kwanisiza kanjani emshadweni wenu?” IBhayibheli lithi: “Insimbi ilolwa ngensimbi. Ngakho umuntu ulola ubuso bomunye.” (IzAga 27:17) Ucabanga ngaleso simiso, kungani ungathathi iseluleko salabo abaphumelelayo emshadweni wabo?

^ isig. 7 IBhayibheli livumela ukuba oshadile ahlukanise kuphela uma ashade naye ephingile. Bheka isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli—Ukuphinga” esikulo magazini.