UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Kule ncwadi uzofunda ngakho konke iBhayibheli elithi kwenzeka ekuphileni kukaJesu.
ISETHULO
Indlela, Iqiniso Nokuphila
Izimfundiso zikaJesu nalokho akwenza okutholakala emaVangelini kungakushintsha ukuphila kwakho.
INGXENYE 1
Ngaphambi Kokuqala Kwenkonzo KaJesu
ISAHLUKO 1
Imiyalezo Emibili Evela KuNkulunkulu
Ingelosi uGabriyeli yahambisa imiyalezo okwakunzima ukuyikholwa.
ISAHLUKO 2
UJesu Uyadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
U-Elizabethe nengane yakhe engakazalwa bamdumisa kanjani uJesu?
ISAHLUKO 3
Ukuzalwa Kwalowo Ozolungisa Indlela
Lapho nje esekwazi ukuphinde akhulume, uZakariya washo isiprofetho esibalulekile.
ISAHLUKO 4
UMariya—Ukhulelwe Kodwa Akashadile
UJosefa uyamkholwa yini uMariya lapho ethi akalalanga nendoda kodwa ukhulelwe ngomoya ongcwele?
ISAHLUKO 6
Umntwana Owayethenjisiwe
Lapho uJosefa noMariya beletha umntwana uJesu ethempelini, ama-Israyeli amabili asekhulile aprofetha ngekusasa likaJesu.
ISAHLUKO 7
Ababhula Ngezinkanyezi Bavakashela UJesu
Kungani inkanyezi ababeyibone eMpumalanga yaqale yabaholela enkosini eyayifuna ukubulala uJesu, uHerode, kunokuba ibaholele kuJesu?
ISAHLUKO 8
Babalekela Umbusi Omubi
Kuneziprofetho ezintathu eziphathelene noMesiya ezigcwalisekayo njengoba uJesu esemncane.
ISAHLUKO 10
Umndeni Wakubo KaJesu Uthatha Uhambo Oluya EJerusalema
Kuphela izinsuku ezintathu uJosefa noMariya befuna uJesu, yena uyamangala ukuthi bebengazi ukuthi bazomtholaphi.
ISAHLUKO 11
UJohane UMbhapathizi Ulungisa Indlela
Lapho abanye abaFarisi nabaSadusi beza kuye, uJohane uyabalahla. Kungani?
INGXENYE 2
Ukuqala Kwenkonzo KaJesu
ISAHLUKO 13
Funda Endleleni UJesu Abhekana Ngayo Nezilingo
Ukulingwa kukaJesu kufakazela amaqiniso amabili mayelana noDeveli.
ISAHLUKO 14
UJesu Uqala Ukwenza Abafundi
Yini eyenza abafundi bakaJesu bokuqala abayisithupha bakholwa ukuthi bamtholile uMesiya?
ISAHLUKO 15
Wenza Isimangaliso Sakhe Sokuqala
UJesu ubonisa unina ukuthi manje akasaqondiswa nguye kodwa nguYise wasezulwini.
ISAHLUKO 16
UJesu Ushisekela Ukukhulekela Kweqiniso
UMthetho kaNkulunkulu wawubavumela abantu ukuba bathenge izilwane eJerusalema ukuze benze imihlatshelo. Pho kungani uJesu athukuthelela abadayisa ethempelini?
ISAHLUKO 18
Inkonzo KaJesu Iyanda Njengoba EkaJohane Incipha
Abafundi bakaJohane uMbhapathizi banomona yize uJohane yena engenawo.
ISAHLUKO 19
Ufundisa Owesifazane OngumSamariya
UJesu umtshela into okubonakala sengathi ubengakayitsheli muntu.
INGXENYE 3
Inkonzo KaJesu Enkulu EGalile
ISAHLUKO 21
ESinagogeni ENazaretha
Yini uJesu ayisho eyenza abantu basedolobheni lakubo bafuna ukumbulala?
ISAHLUKO 22
Abafundi Abane Bazoba Abadobi Babantu
Ubamema ukuba bashiye olunye uhlobo lomsebenzi wokudoba baqale ukwenza olunye.
ISAHLUKO 23
UJesu Wenza Imisebenzi Emangalisayo EKapernawume
Lapho uJesu ekhipha amademoni, uyawavimba ukuba angatsheli abantu ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Kungani?
ISAHLUKO 24
Wandisa Inkonzo Yakhe EGalile
Abantu beza kuJesu ukuze belashwe, nokho uJesu uchaza ukuthi empeleni inhloso yenkonzo yakhe ingaphezu kwalokho.
ISAHLUKO 25
Welapha Onochoko Ngozwela
Ngamazwi alula kodwa anamandla, uJesu unikeza ubufakazi bokuthi ubakhathalela ngempela abantu abelaphayo.
ISAHLUKO 26
“Izono Zakho Zithethelelwe”
Yikuphi ukuhlobana okuboniswa uJesu phakathi kwesono nokugula?
ISAHLUKO 28
Kungani Abafundi BakaJesu Bengakuzili Ukudla?
UJesu wenza umfanekiso wezigubhu zewayini ukuze abaphendule.
ISAHLUKO 29
Umuntu Angayenza Yini Imisebenzi Emihle NgeSabatha?
Kungani amaJuda eshushisa uJesu ngokwelapha indoda osekuphele iminyaka engu-38 igula?
ISAHLUKO 30
Ubuhlobo UJesu Anabo NoYise
AmaJuda acabanga ukuthi uJesu uzilinganisa noNkulunkulu kodwa uJesu ukwenza kucace ukuthi uNkulunkulu mkhulu kunaye.
ISAHLUKO 31
Bakha Ukudla Okusanhlamvu NgeSabatha
Kungani uJesu ezibiza ngokuthi ‘uyiNkosi yeSabatha’?
ISAHLUKO 32
Yini Umthetho Oyivumelayo NgeSabatha?
AbaSadusi nabaFarisi ngokuvamile abezwani, kodwa babumbene ngenxa yomgomo ofanayo abanawo.
ISAHLUKO 33
Ugcwalisa Isiprofetho Sika-Isaya
Kungani uJesu eyala labo abelaphayo ukuba bangatsheli abanye ukuthi ungubani noma ukuthi wenzeni?
ISAHLUKO 34
UJesu Ukhetha Abaphostoli Abayishumi Nambili
Uyini umehluko phakathi komphostoli nomfundi?
ISAHLUKO 35
INtshumayelo Yasentabeni Edumile
Thola incazelo yamaphuzu ayinhloko entshumayelo kaJesu.
ISAHLUKO 36
Isikhulu Sebutho Sibonisa Ukholo Olukhulu
Yini eyenziwa yilesi sikhulu sebutho emangaza uJesu?
ISAHLUKO 37
UJesu Uvusa Indodana Yomfelokazi
Labo ababona lesi simangaliso bayakuqonda ukubaluleka kwaso kwangempela.
ISAHLUKO 38
UJohane Ufuna Isiqinisekiso Esivela KuJesu
Kungani uJohane uMbhapathizi ebuza ukuthi uJesu unguMesiya yini? Ingabe unokungabaza
ISAHLUKO 39
Maye Ngesizukulwane Esingasabeli
UJesu uthi kuyoba ngcono kakhulu ngeSodoma kunangeKapernawume, idolobha ebelilokhu liyidolobha lakubo, ngoSuku Lokwahlulela.
ISAHLUKO 40
Isifundo Ngokuthethelela
Ngokutshela owesifazane okungenzeka ubethengisa ngomzimba ukuthi izono zakhe zithethelelwe, ingabe uJesu wayesho ukuthi kulungile ukwephula umthetho kaNkulunkulu?
ISAHLUKO 41
Uzenza Ngamandla Kabani Izimangaliso?
Abafowabo bakaJesu bakholelwa ukuthi uJesu useyahlanya ekhanda.
ISAHLUKO 43
Imifanekiso Ephathelene NoMbuso
UJesu wenza imifanekiso engu-8 ukuze achaze izinto ezithile ngoMbuso wamazulu.
ISAHLUKO 44
UJesu Uthulisa Isiphepho Olwandle
Lapho uJesu ethulisa umoya namagagasi, wafundisa isifundo esibalulekile ngokuthi ukuphila kuyoba njani ngaphansi koMbuso wakhe.
ISAHLUKO 45
Unamandla Okunqoba Amademoni Amaningi
Umuntu angangenwa yini amademoni angaphezu kwelilodwa?
ISAHLUKO 46
Welashwa Ukuthinta Ingubo KaJesu
UJesu ubonisa amandla nozwela kulesi senzakalo esithinta inhliziyo.
ISAHLUKO 47
Intombazanyana Ivuswa Ekufeni!
Abantu bayamhleka uJesu lapho ethi intombazane efile imane nje izilalele. Yini uJesu ayaziyo abanye abantu abangayazi?
ISAHLUKO 48
Wenza Izimangaliso, Kodwa Ngisho NaseNazaretha Ababi Nokholo Kuye
Abantu baseNazaretha abamamukeli uJesu, hhayi ngenxa yezimfundiso zakhe nezimangaliso azenzayo, kodwa kunezinye izizathu.
ISAHLUKO 49
Ushumayela EGalile, Uqeqesha Nabaphostoli
Isho ukuthini ngempela inkulumo ethi ‘uMbuso wamazulu ususondele’?
ISAHLUKO 50
Bazimisele Ukushumayela Naphezu Koshushiso
Kungani uJesu etshela abafundi bakhe ukuba babaleke lapho beshushiswa uma kungamelwe bakwesabe ukufa?
ISAHLUKO 51
Kubulawa Umuntu Emcimbini Wosuku Lokuzalwa
Indlela uSalome adanse ngayo imjabulise kakhulu uHerode, kangangokuba umthembisa ukuthi uzomnika noma yini ayifunayo. Isicelo sakhe siyashaqisa, siyini?
ISAHLUKO 52
Usuthisa Izinkulungwane Ngezinkwa Nezinhlanzi Ezimbalwa
Lesi simangaliso esenziwa uJesu sibaluleke kangangokuba wonke amaVangeli ayakhuluma ngaso.
ISAHLUKO 53
Umbusi Okwazi Ukulawula Imvelo
Abaphostoli bafunda siphi isifundo lapho uJesu ehamba phezu kwamanzi, ethulisa nomoya onamandla?
ISAHLUKO 54
UJesu—‘Isinkwa Sokuphila’
Kungani uJesu ebashaya ngamazwi abantu nakuba bedele isikhathi sabo bazombona?
ISAHLUKO 55
Amazwi KaJesu Ashaqisa Abaningi
UJesu ufundisa ngento eshaqisayo kangangokuthi abafundi bakhe abaningi bayamshiya.
ISAHLUKO 56
Yini Ngempela Engcolisa Umuntu?
Ingabe yilokho okungena emlonyeni, noma yilokho okuphuma kuwo?
ISAHLUKO 57
UJesu Welapha Intombazane Nendoda Eyisithulu
Kungani owesifazane engacasuki lapho uJesu efanisa abantu besizwe sakubo nemidlwane?
ISAHLUKO 58
Wandisa Izinkwa, Axwayise Nangemvubelo
Ekugcineni abafundi bakaJesu bayaqonda ukuthi ukhuluma ngaluphi uhlobo lwemvubelo.
ISAHLUKO 59
Ingubani INdodana Yomuntu?
Ziyini izihluthulelo zoMbuso? Ubani ozisebenzisayo, futhi kanjani?
ISAHLUKO 60
Ukuguqulwa Isimo—Ukubona UKristu Esenkazimulweni
Kwakuyini ukuguqulwa isimo? Kwakusho ukuthini?
ISAHLUKO 61
UJesu Welapha Umfana Onedemoni
UJesu uthi ukwehluleka ukwelapha kwakubangelwa ukuntula ukholo kodwa ubani owayentula ukholo? Umfana, ubaba wakhe, noma abafundi bakaJesu?
ISAHLUKO 62
Isifundo Esibalulekile Ngokuthobeka
Amadoda amadala afunda okuthile okubalulekile enganeni encane.
ISAHLUKO 63
UJesu Weluleka Ngokukhubekisa Umuntu Nangesono
Uchaza inqubo enezinyathelo ezintathu yokulungisa izinkinga ezinkulu phakathi kwabazalwane.
ISAHLUKO 64
Isidingo Sokuthethelela
Esebenzisa umfanekiso wenceku engenasihe, uJesu uyabonisa ukuthi uNkulunkulu akayithathi kancane indaba yokuzimisela kwethu ukuthethelela abanye.
ISAHLUKO 65
Uyafundisa Njengoba Esendleleni Eya EJerusalema
Ezingxoxweni ezintathu abe nazo, uJesu uphawule indlela yokucabanga engavimbela umuntu ukuba abe umlandeli wakhe.
INGXENYE 4
Inkonzo KaJesu Yakamuva EJudiya
ISAHLUKO 66
EJerusalema EMkhosini WamaTabernakele
Yini eyayingenza labo ababelalele uJesu bacabange ukuthi unedemoni?
ISAHLUKO 67
“Akekho Omunye Umuntu Owake Wakhuluma Kanje”
Cishe bonke eNkantolo ephakeme yamaJuda baphikisa uJesu, kodwa ilungu elilodwa lale nkantolo liyamkhulumela.
ISAHLUKO 68
INdodana KaNkulunkulu ‘Iwukukhanya Kwezwe’
UJesu wathi “iqiniso liyonikhulula.” Likhululaphi?
ISAHLUKO 69
Ubani Ubaba Wawo, U-Abrahama Noma UDeveli?
UJesu ukhuluma ngokuthi zingabonakala kanjani izingane zika-Abrahama, nokuthi ubani ngempela uBaba wazo.
ISAHLUKO 70
UJesu Ulapha Indoda Eyazalwa Iyimpumputhe
Abafundi babuza ukuthi kungani le ndoda iyimpumputhe. Ingabe yenza isono noma kona abazali bayo? Abantu baba nemibono engafani lapho uJesu eyelapha.
ISAHLUKO 71
AbaFarisi Bakhuluma Nendoda Eyazalwa Iyimpumputhe
Ukuba nengqondo kwendoda ebingaboni kuyabacasula abaFarisi. Njengoba nje abazali bayo bebelindele, abaFarisi bayayixosha esinagogeni.
ISAHLUKO 72
UJesu Uthuma Abafundi Abangu-70 Ukuba Bayoshumayela
EseJudiya, uJesu uthuma abafundi abangu-70 njengabashumayeli boMbuso behamba ngababili. Abafundi bazobathola kuphi abantu abazobashumayeza—emasinagogeni noma emizini yabantu?
ISAHLUKO 73
UmSamariya Uzibonisa Engumakhelwane Wangempela
UJesu uwusebenzisa kanjani umfanekiso womakhelwane ongumSamariya noma “umSamariya olungile,” ukuze afundise isifundo esinamandla?
ISAHLUKO 74
Izifundo Ngokwamukela Izivakashi Nangomthandazo
UJesu uvakashela uMariya noMarta kubo. Yini ayifundisayo ngokwamukela izivakashi? Ngokuhamba kwesikhathi yini ayifundisa abafundi ukuthi bayithandazele?
ISAHLUKO 75
UJesu Wembula Umthombo Wenjabulo
UJesu utshela labo abamgxekayo “ngomunwe kaNkulunkulu,” nokuthi uMbuso kaNkulunkulu usubaficile. Utshela abantu nendlela abangathola ngayo nenjabulo yangempela.
ISAHLUKO 76
UJesu Udla NomFarisi
UJesu udalula ubuzenzisi babaFarisi nababhali. Yimiphi imithwalo esindayo abayithwalisa abantu?
ISAHLUKO 77
UJesu Unikeza Iseluleko Mayelana Nengcebo
UJesu wenza umfanekiso wendoda ezakhela izinqolobane. Isiphi iseluleko aphinde asinikeze ngobungozi bokufuna ingcebo?
ISAHLUKO 78
Hlala Ulindile, Mphathi Othembekile!
UJesu ubonisa ukuthi unendaba nokuthi abalandeli bakhe bondleke ngezinto ezibasondeza kuNkulunkulu. Iyini indima yomphathi? Kungani iseluleko sokuhlala silindile sibalulekile?
ISAHLUKO 79
Ukubhujiswa KwamaJuda Angakholwa Sekusondele
UJesu uthi labo azama ukubasiza bangase babhujiswe uma bengaphenduki. Ingabe bazosifunda isifundo esibalulekile uJesu azama ukubafundisa sona mayelana nokuzama ukwakha ubuhlobo noNkulunkulu?
ISAHLUKO 80
Umalusi Omuhle Nesibaya Sezimvu
Ubuhlobo umalusi anabo nezimvu, bubufanekisa kahle ubuhlobo uJesu anabo nabafundi bakhe. Bazokwazi yini ukubona izimfundiso zakhe bese zimlandela?
ISAHLUKO 81
Kungayiphi Indlela UJesu NoYise Bemunye?
AmaJuda ambeka icala lokuthi ulingana noNkulunkulu. Uziphikisa kanjani ngobuchule izinsolo zabo ezingamanga?
INGXENYE 5
Inkonzo Yakamuva Empumalanga YeJordani
ISAHLUKO 82
Inkonzo KaJesu EPhereya
UJesu uchazela abafundi bakhe ukuthi yini umuntu ayidingayo ukuze athole insindiso. Iseluleko sakhe sasibalulekile ngesikhathi esedlule. Kuthiwani nganamuhla?
ISAHLUKO 83
Ubani UNkulunkulu Ammemela Esidlweni?
Njengoba edla emzini womFarisi, uJesu wenza umfanekiso wesidlo sakusihlwa esikhulu. Unesifundo esibalulekile azositshela bonke abantu bakaNkulunkulu. Yisiphi leso sifundo?
ISAHLUKO 84
Kubaluleke Kangakanani Ukuba Umfundi KaKristu?
Kubaluleke kakhulu ukuba umfundi kaKristu. UJesu ukuchaza kahle lokho okuhilelekile. Abanye abazoba abalandeli bakhe kuyabashaqisa lokho akushoyo.
ISAHLUKO 85
Injabulo Ngesoni Esiphendukayo
AbaFarisi nababhali bagxeka uJesu ngoba echitha isikhathi nabantu abavamile. UJesu uphendula ngokusebenzisa imifanekiso ebonisa ukuthi uNkulunkulu uzibheka kanjani izoni.
ISAHLUKO 86
Indodana Ebilahlekile Iyabuya
Yiziphi izifundo esingazifunda emfanekisweni kaJesu wendodana yolahleko?
ISAHLUKO 87
Sebenzisa Ukuhlakanipha—Uhlele Kusenesikhathi
UJesu usebenzisa umfanekiso womphathi wendlu oyiqili nongathembekile ukuze afundise iqiniso elimangazayo.
ISAHLUKO 88
Indoda Eyisicebi NoLazaru
Ukuze uqonde umfanekiso kaJesu, kufanele ukwazi ukubona ukuthi abalingiswa ababili abayinhloko bamelelani.
ISAHLUKO 89
Ufundisa EPhereya Esendleleni Eya EJudiya
Ukhuluma ngobuntu obungasisiza sithethelele ngisho nalabo abasona ngokuphindaphindiwe.
ISAHLUKO 90
‘Ukuvuka Nokuphila’
Wayesho ukuthini uJesu uma ethi labo ababonisa ukholo kuye ‘abasoze bafa’?
ISAHLUKO 91
ULazaru Uyavuswa
Izinto ezimbili eziyinhloko kule ndaba zenza kungabi lula ngabaphikisi bakaJesu ukuba baphike lesi simangaliso.
ISAHLUKO 92
Kwelashwa Abanochoko Abayishumi Kodwa Uyedwa Obongayo
Indoda eyelashiwe ayibongi kuJesu kuphela kodwa nakomunye umuntu.
ISAHLUKO 94
Isidingo Sokuthandaza Nesokuthobeka
Emfanekisweni wakhe womahluleli ongalungile nomfelokazi, uJesu ugcizelela ukubaluleka kwemfanelo ethile.
ISAHLUKO 95
Ufundisa Ngokudivosa Nokuthanda Abantwana
Umbono kaJesu ngabantwana uhlukile kunowabafundi. Kungani?
ISAHLUKO 96
UJesu Uphendula Insizwa Ecebile Engumbusi
Yini eyenza uJesu athi kulula ngekamela ukuba lingene embotsheni yenaliti kunokuba umuntu ocebile angene eMbusweni kaNkulunkulu?
ISAHLUKO 97
Umfanekiso Wezisebenzi Zasensimini Yamagilebhisi
Abokuqala bayoba kanjani abokugcina futhi abokugcina bayoba kanjani ngabokuqala?
ISAHLUKO 98
Abaphostoli Baphinde Bafune Ukuvelela
UJakobe noJohane bacela ukuthola izikhundla ezikhethekile eMbusweni, kodwa akubona bodwa abanaleso sifiso.
ISAHLUKO 99
UJesu Welapha Amadoda Ayizimpumputhe, Asize NoZakewu
Zingavumelana kanjani lezi zenzakalo eziseBhayibhelini ezinokushayisana ezimayelana noJesu elapha impumputhe eJeriko?
ISAHLUKO 100
Umfanekiso KaJesu Womina Abayishumi
Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi: “Bonke abanakho, bayonikwa okwengeziwe, kodwa lowo ongenakho, uyophucwa ngisho nalokho anakho”?
INGXENYE 6
Inkonzo KaJesu Yokugcina
ISAHLUKO 101
UJesu Usesidlweni Endlini KaSimoni EBhethaniya
UMariya, udadewabo kaLazaru, wenza okuthile okuvusa impikiswano. UJesu uyamvikela.
ISAHLUKO 102
INkosi Ingena EJerusalema Igibele Ithole Lembongolo
Ugcwalisa isiprofetho esashiwo eminyakeni engu-500.
ISAHLUKO 103
Kuphindwe Kuhlanzwe Ithempeli
Kubonakala sengathi abathengisi baseJerusalema baqhuba ibhizinisi elisemthethweni, pho kungani uJesu ebabiza ngabaphangi?
ISAHLUKO 104
AmaJuda Ezwa Izwi LikaNkulunkulu—Azolubonisa Yini Ukholo?
Ukhona yini umahluko phakathi kukuba nokholo kuJesu nokwenza imisebenzi ehambisana nokuba nokholo?
ISAHLUKO 105
Usebenzisa Isihlahla Somkhiwane Ukuze Afundise Ngokholo
UJesu ufundisa abafundi bakhe indlela ukholo olunamandla ngayo futhi achaze ukuthi kungani uNkulunkulu enqaba isizwe sakwa-Israyeli.
ISAHLUKO 106
Imifanekiso Emibili Ngamasimu Amagilebhisi
Thola incazelo yomfanekiso wendoda eyacela amadodana ayo ukuba ayosebenza ensimini yamagilebhisi nowendoda eyaqashisa ngensimu yayo yamagilebhisi iqashisela abalimi abakhohlakele.
ISAHLUKO 108
UJesu Ubhuntshisa Imizamo Yokumbamba
Uqala avale imilomo yabaFarisi, alandele ngeyabaSadusi, ekugcineni avale eyabaphikisi abahlangene.
ISAHLUKO 109
UJesu Ulahla Abaphikisi Bakhe
Kungani uJesu engababekezeleli abantu benkolo abanemibono ehlukile?
ISAHLUKO 110
Usuku Lokugcina LukaJesu Esethempelini
Usebenzisa isibonelo somfelokazi ohluphekayo ukuze afundise isifundo esinamandla.
ISAHLUKO 111
Uphawu Lokuphela Kwesimiso Sezinto
Isiprofetho sakhe sagcwaliseka okokuqala ngekhulu lokuqala. Kungenzeka yini sigcwaliseke ngezinga elikhulu esikhathini esizayo?
ISAHLUKO 112
Isifundo Ngokuhlala Uphapheme—Izintombi
Ingabe uJesu ufundisa ukuthi uhhafu wabafundi bakhe uyiziwula futhi uhhafu uhlakaniphile?
ISAHLUKO 113
Isifundo Ngokuzikhandla—Amathalenta
UJesu uchaza umfanekiso wakhe ngokusho la mazwi: “Wonke umuntu onakho, uyonikwa okwengeziwe.”
ISAHLUKO 114
UKristu Wahlulela Izimvu Nezimbuzi Esemandleni Okubusa
Esebenzisa umzekeliso ovusa amadlingozi, uJesu uchaza lokho okufanele kwenziwe ukuze sithole ukuphila okuphakade.
ISAHLUKO 115
IPhasika Lokugcina LikaJesu Liyasondela
Kungani kuphawuleka ukuthi abaholi benkolo bavuma ukukhokhela uJuda izinhlamvu zesiliva ezingu-30 ukuze akhaphele uJesu?
ISAHLUKO 116
Ufundisa Ngokuthobeka EPhasikeni Lokugcina
Umangaza abaphostoli bakhe ngokwenza umsebenzi owenziwa inceku.
ISAHLUKO 117
ISidlo SeNkosi Sakusihlwa
UJesu uqala isikhumbuzo abalandeli bakhe abazosigubha njalo ngonyaka ngoNisani 14.
ISAHLUKO 118
Babanga Ukuthi Ubani Omkhulu Kunomunye
Abaphostoli sebesikhohliwe isifundo uJesu asanda kubafundisa sona ngabo lobo busuku.
ISAHLUKO 119
UJesu–Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
UJesu ufundisa iqiniso elinamandla mayelana nendlela yokusondela kuNkulunkulu.
ISAHLUKO 120
Ukuthela Izithelo Njengamagatsha Nokuba Abangane BakaJesu
Kungayiphi indlela abafundi bakaJesu ‘bethela izithelo’?
ISAHLUKO 121
“Yibani Nesibindi! Mina Ngilinqobile Izwe”
UJesu ulinqobe kanjani izwe uma lizombulala?
ISAHLUKO 122
Umthandazo KaJesu Wokuphetha Ekamelweni Eliphezulu
Ukwenza kucace ukuthi ufeze into ebaluleke kakhulu kunokuba asindise abantu.
ISAHLUKO 123
Uyathandaza Lapho Elusizi Kakhulu
Kungani uJesu ethandaza ethi: “Susa le ndebe kimi”? Ingabe akasathandi ukudlala indima yakhe yokuba isihlengo?
ISAHLUKO 124
UKristu Uyakhashelwa Futhi Uyaboshwa
UJuda uyakwazi ukuthola uJesu nakuba sekuphakathi kwamabili.
ISAHLUKO 125
UJesu Uyiswa Ku-Anase Bese Eyiswa KuKayafase
Icala likaJesu liyisibonelo sokungabi nabulungisa.
ISAHLUKO 126
UPetru Uphika UJesu
Kwenzeka kanjani ukuba uPetru, indoda enokholo nezinikele, ijikele uJesu ngokushesha kangaka?
ISAHLUKO 127
ISanhedrini Imqulisa Icala Bese Eyiswa KuPilatu
Abaholi benkolo bamaJuda baveza izinhloso zabo zangempela.
ISAHLUKO 128
UPilatu NoHerode Bathi Akanacala
Kungani uPilatu eyisa uJesu kuHerode ukuze amahlulele? Akanalo yini igunya uPilatu lokwahlulela uJesu?
ISAHLUKO 129
UPilatu uthi: “Bhekani Le Ndoda!”
Ngisho noPilatu uyazibona izimfanelo ezimangalisayo eziboniswa uJesu.
ISAHLUKO 130
UJesu Uyanikelwa Futhi Uyobulawa
Kungani uJesu utshela abesifazane abalilayo ukuba balilele bona nabantwana babo kunokulilela yena?
ISAHLUKO 131
UJesu Ubethelwa Esigxotsheni
UJesu wenza isithembiso esibalulekile kwesinye sezigebengu aphanyekwe nazo.
ISAHLUKO 132
“Ngokuqinisekile Lo Muntu UbeyiNdodana KaNkulunkulu”
Ukuhlwa emini ngokuyisimangaliso, ukuzamazama komhlaba, ukudabuka kwekhethini ethempelini konke kufakazela into eyodwa.
ISAHLUKO 133
Isidumbu SikaJesu Siyalungiselelwa Futhi Siyangcwatshwa
Kungani bephuthuma kangaka ukungcwaba uJesu ngaphambi kokushona kwelanga?
ISAHLUKO 134
Ithuna Alinamuntu Ngoba UJesu Uyaphila!
Ngemva kokuvuswa, uJesu uzibonakalisa kumfundi wesifazane kunokuba azibonakalise kubaphostoli bakhe.
ISAHLUKO 135
UJesu Ovusiwe Ubonakala Kwabaningi
UJesu ubabonisa kanjani abafundi bakhe ukuthi uvuswe ngempela?
ISAHLUKO 136
Ogwini LoLwandle LwaseGalile
Izikhathi ezintathu, uPetru ukhunjuzwa ngendlela angabonisa ngayo ukuthi uyamthanda uJesu.
ISAHLUKO 137
Amakhulu Abantu Ayambona Ngaphambi KwePhentekoste
Phakathi nokuvuswa kwakhe nokunyukela kwakhe ezulwini, uJesu ugcizelela ngokuphindaphindiwe kubafundi bakhe lokho ababezokwamukela nendlela okufanele bakusebenzise ngayo.
ISAHLUKO 138
UKristu Ungakwesokudla SikaNkulunkulu
Yini eyayizokwenziwa uJesu ngesikhathi esalinde ukuthathela izitha zakhe isinyathelo?
ISAHLUKO 139
UJesu Uletha IPharadesi Futhi Uqeda Isabelo Sakhe
Kusekuningi okusafanele akwenze ngaphambi kokubuyisela uMbuso kuNkulunkulu wakhe noBaba wakhe.
Ukuze Ulingise UJesu, Kumelwe . . .
UJesu ubonisa izimfanelo ezingu-8 ngokuphindaphindiwe kukho konke ukuphila kwakhe.
ImiBhalo Esetshenzisiwe
Sebenzisa leli khasi ukuze uthole ukuthi ivesi ngalinye kule ncwadi lisetshenziswe kuliphi iVangeli.
Imifanekiso Esetshenzisiwe (Imizekeliso)
Thola isahluko kule ncwadi lapho imifanekiso kaJesu kukhulunywa ngayo khona.
Ezinye Zeziprofetho Eziphathelene NoMesiya
Qondanisa izenzakalo zokuphila kukaJesu neziprofetho zeBhayibheli ezifakazela ukuthi unguMesiya nezahluko ezikule ncwadi lapho zikhulunyelwa khona.
Izindawo UJesu Ahlala Kuzo Nafundisa Kuzo
Leli balazwe libonisa indawo uJesu ayenza kuyo inkonzo yakhe.

