Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 48

Wenza Izimangaliso, Kodwa Ngisho NaseNazaretha Ababi Nokholo Kuye

Wenza Izimangaliso, Kodwa Ngisho NaseNazaretha Ababi Nokholo Kuye

MATHEWU 9:27-34; 13:54-58 MARKU 6:1-6

  • UJESU WELAPHA IZIMPUMPUTHE NOMUNTU OYISIMUNGULU

  • ABANTU BASENAZARETHA ABAKHOLELWA KUYE

UJesu ube nosuku olude. Ngemva kokuhamba ngesikebhe ebuya esifundeni saseDekapholi, welaphe owesifazane obenomopho wavusa nendodakazi kaJayiru. Kodwa usuku alukapheli. Njengoba uJesu esuka emzini kaJayiru ulandelwa amadoda amabili ayizimpumputhe, ayamemeza athi: “Yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide.”—Mathewu 9:27.

Ngokubiza uJesu ngokuthi ‘iNdodana kaDavide,’ la madoda abonisa ukuthi anokholo lokuthi uJesu uyindlalifa yesihlalo sobukhosi sikaDavide, ngaleyo ndlela unguMesiya. UJesu ubonakala sengathi uyawaziba, mhlawumbe ufuna ukubona ukuthi azophikelela yini, futhi ayaphikelela. Lapho uJesu engena endlini, la madoda amabili ayamlandela. UJesu uyawabuza: “Ninalo yini ukholo lokuthi ngingakwenza lokhu?” Amphendula ngokuqiniseka: “Yebo, Nkosi.” UJesu ube esethinta amehlo awo, athi: “Makwenzeke kini ngokokholo lwenu.”—Mathewu 9:28, 29.

Ngokushesha amehlo awo ayavuleka! Njengoba eyale abanye ezikhathini ezingaphambili, uJesu uwayala ukuba angabatsheli abanye ngalokho akwenzile. Kodwa egajwe injabulo, kamuva ahamba ekhuluma ngaye yonke indawo.

Njengoba la madoda amabili ehamba, abantu baletha umuntu ongakwazi ukukhuluma ngenxa yokuthi unedemoni. UJesu uyalixosha leli demoni, ngaso leso sikhathi lo muntu uqala ukukhuluma. Izixuku ziyamangala ngalokhu, zithi: “Akukaze kubonwe okunje kwa-Israyeli.” AbaFarisi nabo bakhona. Abanakuziphika lezi zimangaliso, ngakho bayaphinda baqamba amanga ngomthombo wamandla kaJesu: “Uxosha amademoni ngombusi wamademoni.”—Mathewu 9:33, 34.

Ngokushesha ngemva kwalokho, uJesu uphindela emuva edolobheni lakubo eNazaretha manje esehamba nabafundi bakhe. Esikhathini esingangonyaka ngaphambili, wayefundise esinagogeni lapho. Abantu baqale babamba ongezansi ngalokho ayekusho, kodwa kamuva bazicasukela izimfundiso zakhe base bezama ukumbulala. Manje uJesu uyaphinda uzama ukusiza labo ababengomakhelwane bakhe.

NgeSabatha, uya esinagogeni eyofundisa. Abaningi bayakhexa, baze babuze: “Lo muntu ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nale misebenzi yamandla?” Bathi: “Lo akayona yini indodana yombazi? Unina akabizwa yini ngokuthi uMariya, nabafowabo ngokuthi oJakobe noJosefa noSimoni noJuda? Odadewabo, abekho yini bonke kanye nathi? Pho lo muntu uzithathephi zonke lezi zinto?”—Mathewu 13:54-56.

Abantu babheka uJesu njengomuntu nje wakhona endaweni. Bayazibuza bathi, ‘ukhulele phambi kwethu, pho angaba kanjani uMesiya?’ Ngenxa yalokho, naphezu kwabo bonke ubufakazi—kuhlanganise nokuhlakanipha kukaJesu okukhulu nemisebenzi yamandla—abakholwa nguye. Ngenxa yokuthi bamjwayele uJesu, ngisho nezihlobo zakhe ziyakhubeka ngaye, okumenza athi: “Umprofethi uyahlonishwa kodwa hhayi endaweni yakubo nasendlini yakubo.”—Mathewu 13:57.

Ngempela, kuyammangaza uJesu ukuntula kwabo ukholo. Ngakho akenzi zimangaliso lapho “ngaphandle kokubeka izandla abantu abambalwa abagulayo abelaphe.”—Marku 6:5, 6.